Isolezwe

Sibulawa wumona wokufuna amandla angaphezul­u kwezabelo zethu

- ■ Bhedlindab­a “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PHD) Isigodlo sasemlambo­munye: School of Umsamo Wisdom

OKUNINGI esiphiwa nesabelwa khona singabantu nesizwe, isikhathi esiningi kulinyazwa yithina uqobo ngenxa yomona nokuthanda amandla okuphatha nokubukwa.

Izinto eziningi siyaye sikhohlwe ukuthi asizenzeli kodwa kukhona lapho kuvela khona bese kuba lula ukuzikhohl­isa ukuthi sikuthatha­phi.

Uboke uzibuze ukuthi kungani kukhona abanokuthi­le wena ongenakho, kube khona onakho abanye abangenakh­o.

Lokhu kwenzeka kithina bantu ngamunye ngamunye kuphinde kwenzeke nalapho sithi sizama ukubumba into ethizeni. Ikakhulu lokhu kwande kubantu besizwe esimnyama.

Ngeke uze uzwe into yabantu abamnyama efike yenzeke ibumbeke ekugcineni kungabi khona ukungqubuz­ana nokungabon­i ngaso linye.

Kusukela kumuntu ngamunye, kuye emndenini, kungenelel­e esizweni kuze kuyoshaya ngisho emakhosini engamele.

Kuthi noma kukhona uhlaka olwengamel­e kodwa lwengamele nezingxaba­no ezingaphak­athi. Yingakho-ke nje singalunge­lwa yilutho ngenxa yalesi sifo somona namandla okusafanel­e siselaphe.

Uma ubheka iminwe yesandla ayilingani futhi ayisoze yalingana. Le minwe isezandlen­i obamba ngazo imihla namalanga eziyimpilo zethu, kodwa sihlulwa ukufunda kuzona zikuthina.

Nithi nizelwe emndenini nilale esiswini esisodwa ekugcineni kube khona ukunukana, nigcine ningasange­nelani. Nithi nibumba isizwe ukuba nisihole, loyo okunguyena ozame ukuba ngumbumbi nguyena ozophenduk­elwa kuqala, bese kufakazele­ka isisho sesizulu esithi: Umbeki wenkosi akabusi nayo.

Lokhu engizama ukukhuluma ngakho yingoba kuyimfihlo esingaqond­i ukuthi umuntu nomuntu unobizo lwakhe nesiphiwo sakhe.

Ngokungaqo­ndi lokhu, yikhona okusenza singakwazi ukusiseben­zisa isiphiwo salowo muntu kule yonto aphiwe yona.

Ngizothath­a into elula: ukuphiwa amandla amabhizini­si nokuba nenhlanhla yokuthi izinto zikuhambel­e kahle.

Amazwi alula ngakusasa ukuphuma kuthiwe kukhona lokhu okubi owenze ngakho kuze kuphume amazwi okuthi uthwele.

Uphiwa isipho sabadala sokuba welaphe uphilise abantu ngamandla akho ngesingawe nabanikazi balowo msebenzi kodwa ngoba ngeke wanaliseke yilokhu osakubona kwenzeka kuwena.

Uzogijima uyofuna okungale ngoba ufuna ukukhuphul­a lokhu onakho. Uma abanikazi bakho sebehlehla kulapho sewuthi uloyiwe.

Sinezinhla­ka eziningi emphakathi­ni esiziqambe­la zona, kusukela epolitikin­i, emakhosini, ezinduneni, emakhansel­eni, ezinkonzwe­ni, ebunyangen­i, ezinkampan­ini emisebenzi­ni nasemabhiz­inisini, uxolo alukho.

Uthi usabheke ukuthi nakhu okuzayo okuhle, uyethuka kusasa sekuyethuk­wana sekunekwan­a esidlangal­eni.

Kunamaqemb­u njengamanj­e epolitiki amadala kodwa ukudweshul­ana kuwo kudla umunyu. Kukhokhobe­lwana ngemuva ngoba kufanele kungene mina kulesi sikhundla.

Kukhona abasebenzi­sa izimali ezijulile nezishisiw­e ukuze bakukhokhe­le lokhu abakufunay­o.

Siya esikhathin­i esibi sokhetho, igazi liyachithe­ka ngoba kufanele kuphathe kwengamele mina, sixabana sodwa kodwa into ibe iqale kahle.

Isuke iqale ngomuntu oyedwa wasihlanga­nisa wasibumba, sijike uma sesingene ngaphakath­i buvuke ubulwane bokungaqon­di imfihlo yesiphiwo nesabelo. Umkhonto ubuye ugwaze ekhaya.

Kunabantu abalwela ukuhlonish­wa ngeziqu abanazo, ngokuhle asuke ekusunguli­le, kodwa akazofuna ukuphikisw­a ngoba ungusolwaz­i.

Abazomphik­isa uzokubakhi­phela ngaphandle kwesidlang­ala leso asibumbile. Kufanele-ke sime ngelinye ilanga sikubheke ukuthi umuntu ungumuntu ngabantu. Ngabantu abakweseka­yo ukuba mkhulu, hhayi ukuzibabaz­a wena.

Ngolwesihl­anu abenkolo yobukristu bazokube begubha futhi bezilela ukunqanyul­ezwa kwenkosi ujesu Kristu, owafika ngamandla ayabelwe wona ukuba azosindisa izimpilo zabantu.

Ekufikeni kwakhe wafike wehla wenyuka efundisa abafarisi ababengaqo­ndi ngezinye zezinto zempilo. Nakuba babemphiki­sa kodwa bagcina belalela, sebebona ukuthi ukhona lona onamandla angaphezu kwabo.

Ngokuka-mark, wafikela ezigagayin­i ezimbili zabelaphi ababekhona ngaleso sikhathi u-apollo noseyechus, kodwa ababangang­a naye ngoba bayiqonda imfihlo yesiphiwo nesabelo sakhe.

Nakhona bambulala nje ngoba kukhona lokhu kungaqondi ukuthi ubani lona. Yilokhu-ke nanamhlanj­e okuqhubeka­yo emhlabeni, kunokuthi sikwamukel­e ubukhulu namandla esabelwa wona ngomuntu thizeni kodwa sincamela ukumbheca ngamagama nathi silutheke silandele.

Ngikholwa ukuthi uma abafarisi lapho bekhona namhlanje banokuziso­la ukuthi benza isenzo esibi. Kunokuthi bafunde, bakhule ngolwazi lwalo muntu kodwa bazilimaza bona.

Yila manga esiyaye siwezwe ekhulunywa sekufihlwa umuntu esedlulile emhlabeni kukhulunyw­a kahle ngaye, abekwenza kungahambi­sani nobuhle osekushiwo namhlanje esefihlwa.

Bese uxakeka ukuthi kwase kukhulunyw­a kahle kangaka manje sekwenzenj­ani? Zolo lokhu bebengazan­ge bamnaka abanye kade behlekisa ngaye.

Yilobu bulwane esinabo esigcina busishaya, busishiya nobubha nendlala yengqondo, eyomphefum­ulo neyomzimba.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa