Sibulawa wumona wokufuna amandla angaphezulu kwezabelo zethu
OKUNINGI esiphiwa nesabelwa khona singabantu nesizwe, isikhathi esiningi kulinyazwa yithina uqobo ngenxa yomona nokuthanda amandla okuphatha nokubukwa.
Izinto eziningi siyaye sikhohlwe ukuthi asizenzeli kodwa kukhona lapho kuvela khona bese kuba lula ukuzikhohlisa ukuthi sikuthathaphi.
Uboke uzibuze ukuthi kungani kukhona abanokuthile wena ongenakho, kube khona onakho abanye abangenakho.
Lokhu kwenzeka kithina bantu ngamunye ngamunye kuphinde kwenzeke nalapho sithi sizama ukubumba into ethizeni. Ikakhulu lokhu kwande kubantu besizwe esimnyama.
Ngeke uze uzwe into yabantu abamnyama efike yenzeke ibumbeke ekugcineni kungabi khona ukungqubuzana nokungaboni ngaso linye.
Kusukela kumuntu ngamunye, kuye emndenini, kungenelele esizweni kuze kuyoshaya ngisho emakhosini engamele.
Kuthi noma kukhona uhlaka olwengamele kodwa lwengamele nezingxabano ezingaphakathi. Yingakho-ke nje singalungelwa yilutho ngenxa yalesi sifo somona namandla okusafanele siselaphe.
Uma ubheka iminwe yesandla ayilingani futhi ayisoze yalingana. Le minwe isezandleni obamba ngazo imihla namalanga eziyimpilo zethu, kodwa sihlulwa ukufunda kuzona zikuthina.
Nithi nizelwe emndenini nilale esiswini esisodwa ekugcineni kube khona ukunukana, nigcine ningasangenelani. Nithi nibumba isizwe ukuba nisihole, loyo okunguyena ozame ukuba ngumbumbi nguyena ozophendukelwa kuqala, bese kufakazeleka isisho sesizulu esithi: Umbeki wenkosi akabusi nayo.
Lokhu engizama ukukhuluma ngakho yingoba kuyimfihlo esingaqondi ukuthi umuntu nomuntu unobizo lwakhe nesiphiwo sakhe.
Ngokungaqondi lokhu, yikhona okusenza singakwazi ukusisebenzisa isiphiwo salowo muntu kule yonto aphiwe yona.
Ngizothatha into elula: ukuphiwa amandla amabhizinisi nokuba nenhlanhla yokuthi izinto zikuhambele kahle.
Amazwi alula ngakusasa ukuphuma kuthiwe kukhona lokhu okubi owenze ngakho kuze kuphume amazwi okuthi uthwele.
Uphiwa isipho sabadala sokuba welaphe uphilise abantu ngamandla akho ngesingawe nabanikazi balowo msebenzi kodwa ngoba ngeke wanaliseke yilokhu osakubona kwenzeka kuwena.
Uzogijima uyofuna okungale ngoba ufuna ukukhuphula lokhu onakho. Uma abanikazi bakho sebehlehla kulapho sewuthi uloyiwe.
Sinezinhlaka eziningi emphakathini esiziqambela zona, kusukela epolitikini, emakhosini, ezinduneni, emakhanseleni, ezinkonzweni, ebunyangeni, ezinkampanini emisebenzini nasemabhizinisini, uxolo alukho.
Uthi usabheke ukuthi nakhu okuzayo okuhle, uyethuka kusasa sekuyethukwana sekunekwana esidlangaleni.
Kunamaqembu njengamanje epolitiki amadala kodwa ukudweshulana kuwo kudla umunyu. Kukhokhobelwana ngemuva ngoba kufanele kungene mina kulesi sikhundla.
Kukhona abasebenzisa izimali ezijulile nezishisiwe ukuze bakukhokhele lokhu abakufunayo.
Siya esikhathini esibi sokhetho, igazi liyachitheka ngoba kufanele kuphathe kwengamele mina, sixabana sodwa kodwa into ibe iqale kahle.
Isuke iqale ngomuntu oyedwa wasihlanganisa wasibumba, sijike uma sesingene ngaphakathi buvuke ubulwane bokungaqondi imfihlo yesiphiwo nesabelo. Umkhonto ubuye ugwaze ekhaya.
Kunabantu abalwela ukuhlonishwa ngeziqu abanazo, ngokuhle asuke ekusungulile, kodwa akazofuna ukuphikiswa ngoba ungusolwazi.
Abazomphikisa uzokubakhiphela ngaphandle kwesidlangala leso asibumbile. Kufanele-ke sime ngelinye ilanga sikubheke ukuthi umuntu ungumuntu ngabantu. Ngabantu abakwesekayo ukuba mkhulu, hhayi ukuzibabaza wena.
Ngolwesihlanu abenkolo yobukristu bazokube begubha futhi bezilela ukunqanyulezwa kwenkosi ujesu Kristu, owafika ngamandla ayabelwe wona ukuba azosindisa izimpilo zabantu.
Ekufikeni kwakhe wafike wehla wenyuka efundisa abafarisi ababengaqondi ngezinye zezinto zempilo. Nakuba babemphikisa kodwa bagcina belalela, sebebona ukuthi ukhona lona onamandla angaphezu kwabo.
Ngokuka-mark, wafikela ezigagayini ezimbili zabelaphi ababekhona ngaleso sikhathi u-apollo noseyechus, kodwa ababanganga naye ngoba bayiqonda imfihlo yesiphiwo nesabelo sakhe.
Nakhona bambulala nje ngoba kukhona lokhu kungaqondi ukuthi ubani lona. Yilokhu-ke nanamhlanje okuqhubekayo emhlabeni, kunokuthi sikwamukele ubukhulu namandla esabelwa wona ngomuntu thizeni kodwa sincamela ukumbheca ngamagama nathi silutheke silandele.
Ngikholwa ukuthi uma abafarisi lapho bekhona namhlanje banokuzisola ukuthi benza isenzo esibi. Kunokuthi bafunde, bakhule ngolwazi lwalo muntu kodwa bazilimaza bona.
Yila manga esiyaye siwezwe ekhulunywa sekufihlwa umuntu esedlulile emhlabeni kukhulunywa kahle ngaye, abekwenza kungahambisani nobuhle osekushiwo namhlanje esefihlwa.
Bese uxakeka ukuthi kwase kukhulunywa kahle kangaka manje sekwenzenjani? Zolo lokhu bebengazange bamnaka abanye kade behlekisa ngaye.
Yilobu bulwane esinabo esigcina busishaya, busishiya nobubha nendlala yengqondo, eyomphefumulo neyomzimba.