Isolezwe

Ayinuki ingosiwe Somlomo wephalamen­de

- Sipho Robert Mpungose ESHOWE

MHLELI: Ngabe ukubhekana nengalo yomthetho kwabawuphu­lile kwabekelwa abantukaza­na abadla imbuya ngothi yini ngoba osopolitik­i begijimela ezinkantol­o beyovimba ukuba baboshwe?

Okwenzekay­o ngabe sekukhombi­sa khona ukuthi kwi-anc kukhona ababukeka bebaluleki­le kunabanye ngoba sibabonile abanye abasezikhu­ndleni eziphezulu beshenxa ngenxa yezinsolo zokuphamba­na nomthetho. Abakaze besekwe ngale ndlela okwenzeka ngayo kusomlomo wephalamen­de unosiviwe Mapisa-nqakula.

Ngibuza lokhu ngoba owabe engumengam­eli waseusa udonald Trump ugqigqa ezinkantol­o kumanje emva kokuboshwa maqede wakhokha ibheyili, lapha-ke sikhuluma ngabaholi abasemazwe­ni osekunemin­yaka aziwa ngempucuze­ko.

Kunasiphi isizathu ukuthi usomlomo avunyelwe ukuthatha ilivu eyisipeshe­li? Ngabe lokhu ukwenza ngoba nakhu sekusele isikhathi esicishe silingane nezinyanga ezimbili kuyiwe okhethweni ukuze aphume sekuphela ngesikhund­la sakhe njengosoml­omo bese ethola zonke izimfanelo zakhe ngoba phela ubeseshilo ukuthi usezothath­a umhlalapha­nsi?

Sibabonile abanye bezishenxe­la bona kusavele izinsolo bengakaze babhekane namacala.

Kwenziwa yini ukuthi njalo amalungu E-ANC uma enukeka emacaleni enkohlakal­o agxeke izinhlaka ezibhekele ubulungisw­a kwezomthet­ho bagcine sebethi zenza okwakwenzi­wa yizinhlaka zomthetho ngesikhath­i sobandlulu­lo? Uma unembeza wakhe umsulwa kungukuthi akanacala yini ndaba alingise inkukhu uma ishiswa ukukhipha iqanda?

Okumele kubakhanye­le abe-anc wukuthi wonke umuntu uyalingana phambi komthetho. Bona babuswa yinto eyodwa yokuthi uma bengena ephalamend­e bazibona bengonkulu­nkulwana okumele balawule ukusebenza kwezinhlak­a zomthetho.

Usekhohliw­e yini usomlomo ukuthi lona ozwe maqede wazomduduz­a kwakhe watshela izwe lonke ukuthi bonke banezinto abanukeka kuzona?

Amanqe awandizeli endaweni azi kahle ukuthi akazokutho­la lutho azoludla kwazise ukuthi ahogela iphunga esekude. Namanje-ke sesingathi kugcwalise­ka isisho sesizulu esithi ayinuki ingosiwang­a. Kumele yosiwe ukuze nokude adotshwe yiphunga layo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa