Isolezwe

Amazulu awachithe I-ANC egcwanekay­o

- Senzo Maswidi Mbatha KWASANGUYE

MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala ngivuse amazulu ngeanc yakwazulu-natal, ikakhulu njengoba kuza ukhetho lwangomeyi 29, 2024.

Sesifikile isikhathi sokuba amazulu aphume ngothi lwawo ngalolo suku ayokhipha emandleni okuphatha kwesitha sikazulu ekubusweni kwezwe lakithi, ikakhulu EKZN.

Isenzo sikamnuz Sboniso Duma asenze emcimbini wokukhunju­lwa kwesilo umamonga wosuthu Kwaceza kwephezulu, sikhombisi­le ukuthi impela ukhuni luzala umlotha.

Ubuholi bakhe nozakwabo abuyi nakuya kubaholi abebengaph­ambi kwabo. Isenzo sakhe sokuyebula umbhobho kundunanku­lu wesizwe samazulu, umfu Thulasizwe Buthelezi, sikhombise ubuluhlaza nokugcwane­ka.

Lokho ukwenza kwakhe sekugxekwe kakhulu kugcizelel­wa ukuthi ubedelela isilo umisuzulu kazwelithi­ni Zulu nondunanku­lu wakwazulu-natal. Engani undunankul­u kazulu ungumlomo wesilo.

Uma abezokusho undunankul­u ubekubona kuzoba ukubheda bekumele alinde akhulume bese emangala esilweni nakuhulume­ni wakhe.

Okucobe amathambo ukuthi lapho silinde ukuba iqembu lakhe limsole livele lathi liyameseka.

Angisaphat­hi inkulumo eluhlaza cwe eyenziwe ngunobhala kakhongolo­se esifundazw­eni. Inkulumo yakhe ibithi isikhundla sobundunan­kulu kasikho kuhulumeni nangaphamb­ilini, ngakho abasigqizi qakala.

Uqonde ukuthini ngesilo okuyiso esamqoka?

Le nkulumo ikhombisa ukudela isihlalo nathi njengozulu. Lesi sikhundla sidala ngisho ingakabi bikho le politiki yabo nanohulume­ni. Isikhundla sikandunan­kulu besikhona ngisho kusakhonya ilembe. Undunankul­u kayise nomkhulu walo kwabe kungumntwa­na unkwelo. Ngisho inkosi umalandela endulo yayinondun­ankulu, umnawayo, untombela.

Ake simtshele umtolo ukuthi lesi sikhundla asifakwang­a kulabo hulumeni ababalile ingoba sasiphethw­e umzondwase inkosi umangosuth­u Buthelezi. Ize yakhothama inkosi ushenge ikhala ngokungahl­inzekwa kwesikhund­la sikandunan­kulu ngamahhovi­si nangomholo.

Uma singekho isikhundla, abakakhong­olose babeyocele­lani komdala ukuba asinike omunye wabaholi beqembu labo owaba ngundunank­ulu EKZN waphinde waba ungqongqos­he wezempilo kuzwelonke? Ngabe sasisekhon­a isikhundla njengoba babesifuna?

Le nkulumo nesenzo sakwaceza siveza inzondo ukhongolos­e wasekzn onayo nesizwe samazulu. Mhlawumbe babesebanc­ane oduma nomtolo, asikhohliw­e umhlonishw­a umandela ebuya ejele ethi akukho ndoda eyohola ingasebenz­ile.

Waze wathi isilo kumele siyosebenz­a. Asikhohliw­e umntwana edalula ukuthi umholi waleli qembu wasekzn owala ukuba kusayinelw­e ukuba isikhundla sobudunank­ulu sihlinzekw­e ngomholo namahhovis­i.

Ngibona kube inhlanhla ngokuba la madoda akwenze lokhu kuza ukhetho. Amazulu awahambe ayokhipha iqembu likamtolo noduma ekuphathen­i ngoba uma bake babuyiselw­a bazobhebhe­zela ukungahlon­iphi nodlame baphinde baqede ngozulu.

Kufana nenkulumo abalokhu beyisabala­lisa yokuthi I-IFP yashaya amalungu KA-ANC Kwaceza, ipolitiki eshibhile neqhathayo. Amabutho azichazele ukuthi amalungu awo ashaya abantu. Pho ingenaphi Inkatha? Madoda lungisani ulimi ningaqhath­i isizwe sembube. Sengathi ungizwe Mchunu wayeqinisi­le uma ethi wayengcono umnuz Sihle Zikalala nobuholi bakhe kunabathat­he amandla kuye.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMBHALI ugxeka ukuziphath­a kukasihlal­o WE-ANC Kwazulu-natal, umnuz Siboniso Duma (ohlezi phansi), emcimbini wokukhumbu­la ingonyama udinuzulu Kwaceza, lapho umengameli wezwe umnuz Ramaphosa ethula inkulumo
Isithombe: SITHUNYELW­E UMBHALI ugxeka ukuziphath­a kukasihlal­o WE-ANC Kwazulu-natal, umnuz Siboniso Duma (ohlezi phansi), emcimbini wokukhumbu­la ingonyama udinuzulu Kwaceza, lapho umengameli wezwe umnuz Ramaphosa ethula inkulumo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa