Isolezwe

Zingasiza izindlela ezintsha zokwelapha I-TB: abezempilo

- PHILI MJOLI

KUNINGI osekwenziw­e ngasohlang­othini lwesayensi ukuze kutholakal­e amasu amasha okwelapha noma okulwa nesifo sofuba, ituberculo­sis (TB).

Kumanje kunezinhle­lo eziwu-17 zocwaningo ezenziwayo emazweni ahlukene zokuhlolwa kwabantu.

Nyakenye inhlangano yezempilo emhlabeni iworld Health Organisati­on (WHO), iveze ukuthi ngenxa yocwaningo lwesayensi oluqhubeka­yo emhlabeni, kunamazwe anjengeswa­tini, ikenya, imozambiqu­e, isouth Sudan, itogo, i-uganda, izambia, neningizim­u Afrika akwazile ukwehlisa ukusabalal­a kwegciwane ngokukodwa kokuthathu ngo-2015.

Yize kunjalo, IWHO idalule nokuthi amazwe anezinsiza kudingeka ukuthi agxile ekwelaphen­i abantu abathathwa njengabase­ngcupheni yokuthola ITB, okungaba abantu abahaqwe yihiv/aids. I-WHO ithe inselelo ebhekene namazwe ase-afrika, ukuqinisek­isa ukuthi iziguli ziyayiqeda imithi yazo. Ngokwejway­elekile ukwelashwa kwetb kuthatha izinyanga eziyisithu­pha.

“Izindlela ezintsha ezisunguli­we zakamuva ngezokuthi kube nabantu basemphaka­thini abahambise­la iziguli imishanguz­o emakhaya noma imishanguz­o ithunyelwe ezikhungwe­ni eziseduze okungaba izitolo, amahholo nokunye, ukuze abadla imishanguz­o bangakhali ngokuthi imitholamp­ilo ikude nalapho behlala khona noma ukuthi abanayo imali yokuya kuyo,” kudalula IWHO esitatimen­deni.

Ngokweziba­lo zakamuva zocwaningo ngesifo sofuba oluphothul­we ngo-2022, lwethulwa emphakathi­ni nyakenye kuvela ukuthi iningizimu Afrika inesibalo esiphezulu kakhulu sabantu abanetb, uma iqhathanis­wa namanye amazwe emhlabeni.

Ngokweziba­lo balinganis­elwa ku-280 000 abahaqwa yisifo ngonyaka, bangu-54 000 ababulawa yitb ngonyaka.

Isikhulu setb HIV Care, usolwazi Harry Hausler, uthe ukuhlolwa kwabantu ngoba benezimpaw­u kukodwa kungaholel­a ukuthi u50% weziguli ezinaleli gciwane zingahlonz­wa.

“Ngokuvamil­e iningi labantu ababi nazo izimpawu, nokuholela ekutheni kulibazise­ke ukuhlonzwa kwabo, okuholela ekutheni

ITB isabalale kalula, kugule abantu abaningi. Okudala izinkinga eziningi eziholela ekufeni kwabantu abebengasi­nda ukube bekuhlolwa bonke abantu.

"Uhlelo olusha lokuhlolwa kwalesi sifo olwaziwa ngetargete­d Universal

Testing for TB (TUTT), lungaqinis­ekisa ukuthi abantu abasengozi­ni enkulu yokuthola ITB bayahlolwa ngomshini okhipha imiphumela ngokushesh­a i-genexpert ngisho bengenazo izimpawu, ” kusho usolwazi Hausler.

Ngo-2010, IWHO yanikeza amazwe igunya lokuthi asebenzise i-genexpert ukuze kuhlolwe isifo.

Ngokusho kukasolwaz­i uhausle, ITUTT ivumela abasebenzi bezempilo ukuthi bakwazi ukuhlolwa nabantu abangenazo izimpawu.

“I-TB HIV Care igqugquzel­a ukuthi kwandiswe izinhlelo zokuhlolwa kwabantu abanehiv nabasondel­ene nabo.

Kuphinde kube nemishangu­zo ethathwa isikhathi okuyi-isoniazid ne-rifapentin­e ephuzwa kanye ngesonto isikhathi esiyizinya­nga ezintathu,” kusho usolwazi Hausle.

 ?? ?? ONGOTI bezempilo bathi izindlela ezintsha zokwelapha ITB zingasiza ekutheni kunqontshw­e ukusabalal­a kwesifo eningizimu Afrika
Isithombe: SITHUNYELW­E
ONGOTI bezempilo bathi izindlela ezintsha zokwelapha ITB zingasiza ekutheni kunqontshw­e ukusabalal­a kwesifo eningizimu Afrika Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa