Isolezwe

Abukho ubungozi uma uketshezi lushintsha umbala wezingubo zangaphans­i

- PHILI MJOLI

ABANTU besifazane abaningi kuyabakhat­haza ukubona izimpahla zangaphans­i zishintsha umbala, okungaba ukuthi zibukeke sengathi zishile noma kube sengathi zifakwe izinsiza zokususa amabala, ibleach.

Ongoti bezempilo bathi nakuba lokhu kubukeka kabi futhi kubakhatha­za abesifazan­e nabesilisa abaye babone izimpahla zabo zangasese sezimoshek­ile, kodwa lokhu akuyona ingozi nakancane ngoba kusho ukuthi isitho sangasese sisuke sizihlanza sona bese sikhipha uketshezi olusasawot­shana abadala ukuthi izingubo zangaphans­i zishintshe umbala wazo.

Udkt Kim Sonntag ongudokote­la wezifo zabesifaza­ne obelethisa­yo obuye abhale ebhukwini lezempilo, iwomen's Health South Africa uthe: “Isitho sangasese sowesifaza­ne ngokwemvel­o sinendawo enokusasaw­otshana (acid), ene-ph ephansi.

Amagciwane amahle adingekayo emzimbeni abizwa nge-lactobacil­li, atholakala esithweni sangasese sowesifaza­ne, ayasiza ekugcineni i-ph ihlale isezingeni elifanele ukuze owesifazan­e angangenwa yizifo.

Lama gciwane iwona asiza ekutheni isitho sangasese sizihlanze. Uma isitho sangasese sikhipha uketshezi olungenalo iphunga futhi lungewona umbala ongajwayel­ekile okungaba ophuzi, oluhlaza okotshani noma onsundu kusho ukuthi isitho sangasese siyazihlan­za."

Uqhube wathi kujwayelek­ile ukuthi abesifazan­e babone izingubo zabo zangasese zimoshekil­e ngenxa yoketshezi oluphumayo. Lokhu kwenzeka kubantu besifazane abaningi emhlabeni.

Ongakwenza ukuthi uma ubona lawo mabala uwabuke njengamaba­la achaza ukuthi isitho sakho sangasese senza lokho okumele sikwenze, hhayi njengento eyihlazo noma echaza ukuthi awuhlanzek­ile," kusho yena.

Okunye athe ungakwenza ukuthi ugqoke izingubo zangaphans­i ezingagqam­ile ukuze amabala angabonaka­li kalula.

Udkt Annie Frenkel, owungoti wezifo zabantu besifazane obuye abeluleke enkundleni yezokuxhum­ana utik Tok, uthe baningi abangaqond­i ngokuseben­za kwesitho sabo,

Abanye uthe baye basebenzis­e ama-panty liners ngenhloso yokuthi uketshezi okungenzek­a lonakalise umbala wezingubo zangaphans­i, lungene kuyona.

"Ipanty liner ilimaza isikhumba sesitho sangasese esibucayi, uma uyigqoka nsuku zonke. Uma uzwa sengathi kukhona uketshezi oseluphumi­le ongakwenza, wukushints­ha izingubo zakho zangaphans­i ngoba ukufaka ipanty liner njalo kulimaza isikhumba esibucayi.

“Sigcina sesiluma ngoba ipanty liner uma ithintana naso lesi sikhumba igcina isiklwebha okungadala ukuthi amagciwane angene kalula," kusho yena.

 ?? ?? ONGOTI bezempilo bathi ukushintsh­a kombala wezingubo zangaphans­i akuchazi ukuthi kunokungal­ungile esithweni sakho sangasese, kunalokho kusho ukuthi isitho sakho sangasese sisebenza kahle Isithombe: SIGCINIWE
ONGOTI bezempilo bathi ukushintsh­a kombala wezingubo zangaphans­i akuchazi ukuthi kunokungal­ungile esithweni sakho sangasese, kunalokho kusho ukuthi isitho sakho sangasese sisebenza kahle Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa