Ubroos ubheke ibafana ayaziyo kowe-algeria
UZOBUYISA izethenjwa zakhe kwibafana Bafana umqeqeshi wayo, uhugo Broos emdlalweni wanamuhla wobungani ne-algeria kulandela ukuboza kwabebenikwe ithuba phambi kwamapali ibambana ne-andorra engazelwa lutho ebholeni lomhlaba.
Ibafana edlala eyobungani ehlelwe yififa, iqale ngebatha ngokusho kukabroos kulandela ukubambana kwayo ne-andorra ngo 1-1 ngeledlule.
Lo mqeqeshi wasebelgium ukholelwa ekutheni iqembu lakhe bekumele linqobe ngembudlu yamagoli kwi-andorra, uthembisa ukuthi kuzoshintsha okuningi esikimini azosibophela kowanamuhla nosokhaya ngo-11 ebusuku estade Nelson Mandela.
Nakuba enelisekile ngendlela isikimu sakhe abesithake ngabadlali abasha nabangajwayele ukuqala imidlalo, esidlale ngayo ne-andorra kodwa kumshiye engeneme ngokugcwele ukuthi iqembu lakhe alizange linqobe phezu kwenqwaba yamathuba eliwakhile.
Ubroos usanda kubuyisa uthando lwebafana kwabathile abalandela unobhutshuzwayo waseningizimu Afrika ngokubuya nendondo yethusi kwi-africa Cup of Nations (Afcon) 2023 ebise-ivory Coast ezinyangeni ezedlule.
Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba lesouth African Football Association (Safa) elise-algeria nebafana, uzwakale njengomuntu ozokwenza izinguquko ezinqala esikimini.
“Nakuba umdlalo we-andorra ugcine usunzima kodwa bekuyinhloso yami ukunika laba abangalijwayele ijezi ithuba emdlalweni odlule bese ngibophela ukhonkolo kowealgeria,” kusho ubroos.
“Njengoba sonke sazi-ke ukuthi i-algeria ayifani ne-andorra kufanele sisiqinise kakhulu isikimu uma sesibhekene nosokhaya.
“Akuwona umdlalo osinika ithuba lokuzama izinto owealgeria. Siwubona njengokahle wokulungiselela ukubhekana nenigeria uma sekuqhubeka eyokuhlungela indebe yomhlaba ngojuni,” kusho ubroos.
Lo mdlalo nalezi zikhondlakhondla zase-afrika ngeke ubelula kwibafana ngenxa yezinguquko ezisanda kwenzeka kwi-algeria kulandela udaka elushaye kwi-afcon muva nje.
Labo mpetha base-afrika bango-2019 baliwashe ekuseni ijezi kwi-afcon okulandelwe ukuthi ligcwale umoya ibhantshi kumqeqeshi udjamel Belmadi.
Indawo yalo mqeqeshi ithathwe, uvladimir Petkovic waseswitzerland ofike kulo wazwakala.
Indlela ama-carthage Eagles anqobe ngayo kwibolivia ngo 3-2 kowobungani ngeledlule kwenza abalandeli baleli qembu lesizwe balindele lukhulu kubadlali babo okugqame kubona, uyassine Brahimi njengoba engekho kulesi sikwati ureyaad Mahrez, wodumo kwimanchester City.