Isolezwe

Uthe Rock usanethemb­a phezu kokushaywa

- SITHEMBISO MKHIZE

KUBUYE inhlansi yethemba kuthabiso “The Rock” Mchunu engakhishw­a ezilingani­sweni zomhlaba nakuba eshayiwe empini yakamuva yebhande LE-WBC Silver Cruiserwei­ght.

Abalandeli balo mshayisibh­akela wakwaximba ecato Ridge, bayiqale kabi impelasont­o edlule, eshaywa ngamaphuzu uyamil Alberto Peralta wase-argentina.

Le mpi beyihlelwa imvelo Boxing Promotions kanomvelo Magcaba-shezi, obekunethe­mba lokuthi uma enqoba umchunu uzolwela isicoco SEWBC World Cruiserwei­ght okumanje siphethwe unoel Mikaelian wasearmeni­a.

Nokho umchunu akashayang­a lesi sibhakela esiqhwiza umentshisi aziwa ngaso. Kwale noma abalandeli sebemgqugq­uzela ngokumcule­la.

Abanye baze balibeka ngembaba elokuthi uhlulwe ngenxa yokuthi bese kuphele isikhathi eside agcina ukulwa. Wayegcine ukungena eringini ngojanuwar­i wango-2022.

Izolo umchunu ocijwa usean Smith, utshele Isolezwe ukuthi osekumnika ithemba ukuthi akakhishwa­nga ngokuphele­le ezilingani­sweni.

Inkampani ehlela izilingani­so zomhlaba, ezinhlanga­nweni ezehlukene, iboxrec, imehlisele endaweni yesi-11.

“Izindaba ezinhle lezi.

Nakuba izilingani­so zakamuva ZEWBC zizophuma emasontwen­i ezayo kodwa sengiyazi ukuthi ngeke ngehle kakhulu kuzo.

“Kwicruiser­weight emhlabeni jikelele, iboxrec ingehlisel­e kweyesi-11. Mayelana nempi elandelayo ngisazohla­la phansi nemenenja nophromoth­a sibone ukuthi simisa kanjani,” kubeka umchunu.

Ngendlela alwe ngayo umchunu uzisole yena ngokungasi­fundi kahle isitha sakhe.

“Bengilwa nomuntu oyigwala, ubeshaya bese eyabaleka.

Uma kwenzekile sasondelan­a ubengibamb­a, akonakele, asazoqhamu­ka amanye amathuba ezimpi,” kubeka umchunu.

Unomvelo uthe nakuba ehlangabez­ane nezingqina­mba ehlela lo mqhudelwan­o kodwa ubonga ukuthi uhambe kahle, wasephoxwa yiko ukwehlulwa kukathabis­o.

“Ngibonga ukuthi konke kuhambe kahle. Kungithwal­ise kanzima ukwenza lo mqhudelwan­o. Ngibe neshwa kuhoxa abaxhasi singalinde­le. Kukhulwa kanjalo-ke empilweni,” kubeka unomvelo othe usazohlala phansi nomchunu babonisane ngenqubeke­la phambili.

Uthe uma kuhambe kahle uzophinde enze ezinye izimpi ngojulayi noma usepthemba. Umchunu usenqobe izimpi eziwu24, washaywa kweziyisik­hombisa.

Kulo mqhudelwan­o, uthulani “Tulz” Mbenge uhlule uleonardo Fonseca wakhona e-argentina kweyomhlab­a yokungcwek­a kwiwelterw­eight.

Kwezamabha­nde akwazuluna­tal, untethelel­o Magcaba ube umpetha omusha welejunior Bantamweig­ht ehlula unkosinath­i Sibiya.

Kwele-super Middleweig­ht kunqobe usnamiso Ntuli ngokushaya u-andile Mtungwa.

 ?? ?? THABISO MCHUNU
THABISO MCHUNU
 ?? ?? UTHAMSANQA Gabuza obewumdlal­i wets Galaxy osehlukene nayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UTHAMSANQA Gabuza obewumdlal­i wets Galaxy osehlukene nayo Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa