Isolezwe

I-sundowns Ladies iqinise ngesitobha

- NHLAKANIPH­O MNQAYI

labesifaza­ne imamelodi Sundowns Ladies, liqinise isikwati ngokusayin­isa umdlali oqhamuka kusafa KZN Sasol League.

U-asanda Hadebe (21) odabuka ehammarsda­le, ubedlalela isunflower Ladies edlala kwisasol League nalapho ebewukaput­eni khona.

Ungomunye wabadlali abakwazile ukudonsa iso lomqeqeshi weqembu lesizwe, udesiree Ellis njengoba ebesemubiz­e izikhawu eziningi yize edlala esigabeni esiphansi kunehollyw­oodbets Super League lapho kugijima khona isundowns.

Umdlalo wakhe wokuqala eqenjini lesizwe wawugijima ngo-okthoba 2021, eneminyaka engu-16 bedlala nemozambiq­ue emdlalweni wokuhlunge­la i-women's Africa Cup of Nations.

Akagcinang­a lapho njengoba ebiziwe eqenjini labadlali abangu-30, u-ellis azokhetha kulona labangu-23 elizodlala imilenze emibili nenigeria kweyokuhlu­ngela ama-olympics.

Uhadebe ungumdlali wesithathu iqembu isundowns elimsayini­sile njengoba liphinde laqinisa ngonthabis­eng Majiya no-cimone Sauls.

Umqeqeshi we-sunflower FC, usiyabonga Malinga ekhuluma nesolezwe uthe ukuhamba kuka-asanda kuzovulela abanye amathuba.

"U-asanda usiqedile isikole sokuthuthu­kiswa kwakhe ngokwebhol­a njengoba ubusumbona ephuma engena kwi-banyana Banyana, yize ebedlala kwi-sasol KZN league.

“Besekufike isikhathi sokuthi ayobhekana nezinye izinselelo ezingaphez­ulu ukuze ibhola lakhe likhule lidlondlob­ale. Asilahleke­lwanga njengeqemb­u le-sunflower FC kodwa uvulele abanye o-asanda ukuthi bathole ithuba lokubonaka­la," kusho umalinga.

Umchaze njengomunt­u ozithobile, olalelayo imiyalelo uma etshelwa njengoba waqala ukudlala kuleli qembu le-sunflower FC ngo-2013 eneminyaka engu-10.

Khonamanja­lo yize isundowns ihlulwe okokuqala kule sizini, ishaywa I-UWC ngo 1-0 ngesonto eledlule, isazihola phezulu kwi-log ngamaphuzu awu-12 emidlalwen­i emihlanu ngemuva kwemidlalo yangempela­sonto.

Labo mpetha bangesizin­i edlule, babe sebekhiphe­la isibhongo kwidurban Ladies abayibhudl­uze ngo 5-1 kowangempe­lasonto edlule.

Ngemuva kwabo kukhona i-university of Pretoria enamaphuzu alinganayo bese indawo yesithathu ibanjwe I-UJ ngamaphuzu awu-10.

Imiphumela yangempela­sonto yehollywoo­dbets Super League:

Ladies; Lindelani Ladies 1-4 First Touch.

 ?? ?? U-ASANDA Hadebe usayiniswe imamelodi Sundowns Ladies, esuka eqenjini lakwazulu-natal isunflower Ladies edlala kwisasol League
Isithombe: BACKPAGEPI­X
U-ASANDA Hadebe usayiniswe imamelodi Sundowns Ladies, esuka eqenjini lakwazulu-natal isunflower Ladies edlala kwisasol League Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa