Isolezwe

Ifomu yakamuva yepirates ibuyisa ithemba kuriveiro

- MTHOKOZISI MNCUSENI SITHEMBISO MKHIZE

KUBUYE ithemba kumqeqeshi we-orlando Pirates, ujose Riveiro, lokubuyisa kweqembu lakhe umgqigqo eliqede ngawo isizini edlule yedstv Premiershi­p ngoba nabadlali basesiswin­i sebeqalile ukufaka isandla ekuhlohlwe­ni kwamagoli.

Ipirates ikhombisa izimpawu zokuhlanga­na kusukela kuqale unyaka omusha okufakazel­wa yibanga esilihambe kwinedbank Cup kanti nakwiligi ilokhu iqhubekile nokuthola imiphumela emihle.

Ngokwezino­mbolo isiwombe sesibili sesizini edlule sisongwe ipirates ingcono kunawo wonke amaqembu kodwa yagcina ingaphumel­elanga ukuba yiphela endlebeni kwimamelod­i Sundowns.

Igcine iqede endaweni yesibili nokuyinto aseyishilo uriveiro ukuthi angayijabu­lela ukuthi bayiphinde kwazise isundowns isaqhubeka nokukhonya esicongwen­i.

Kusukela efikile kwipirates uriveiro, iqembu lakhe liyahlulek­a ukusondela kwisundown­s kweyeligi yize kweminye imidlalo likucacisa ukuthi uma lingabamba umgqigqo, lingagcina liyinkinga kurhulani Mokwena ocija isundowns.

Lo mqeqeshi wasespain uhlale njalo ekubalula njengento emkhathaza­yo ukuhluleka kweqembu lakhe ukubamba umgqigqo.

Ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a kulandela ukuqhathwa kwakhe namazulu FC kwi-quarter final yenedbank ngeledlule egoli, uriveiro uveze intokozo ngokufaka isandla kwabadlali basesiswin­i ngamagoli.

Ukuvuka kukamonnap­ule Saleng, ukubuya kukatshego­fatso Mabasa kwenza kulitshalw­e ukuthi u-evidence Makgopa ulimele ekubeni kusekhona, uzakhele Lepasa nokermit Erasmus.

“Isimo esikusona sifana ncamashi nesesizini yanyakenye lapho sibe iqembu elingcono kunawo wonke kwiligi esiwombeni sesibili ngokwezino­mbolo.

“Kusesekuse­ni ukuthi sesingaqal­a ukukhuluma indaba enjalo kodwa ngeke ngikuphike ukuthi iqembu liya ngokuya liyasondel­a kulo mgqigqo eliwudinga­yo.

“Enye yezizathu ezisobala ngalokhu esisondela kukhona ukuba sefomini enhle ngesikhath­i esisodwa kwabadlali abahlukene nesibheke kubona amagoli.

“Nangesizin­i edlule besisesimw­eni esifanayo okuyinto engethusi kangako ngoba ipirates vele kufanele igqishe ngabadlali bohlobo oluphambil­i kuzona zonke izindawo.

“Kuyinhlanh­la yethu ukuthi sinabadlal­i abaningi abasefomin­i kulezi zinsuku yingakho nemiphumel­a ilokhu iya ngokuya ithembisa,” kuphetha uriveiro.

Ibucs izobuyela

kwidstv

Premiershi­p ngomdlalo wesekhukhu­ne

United ngomgqibel­o ngo-5.45 ntambama, epeter Mokaba Stadium ngenhloso yokuzinza endaweni yesibili kwi-log.

ENYE yezinsephe zakuleli eyayingali­bheki ipali, usiyabonga “Bhele” Nomvethe, ibona inkinga yokungabi nabagadli bezinga eliphezulu ingalashwa ngokuthi abakuleli babhukule ukuze bezobonwa ngamaqembu agijima kumaligi amakhulu emhlabeni.

Uphawula kanje ngemuva kokukhonon­da komqeqeshi webafana

Bafana, uhugo Broos, ngokushoda kwabagadli bezinga eliphezulu kuleli.

Lo mqeqeshi ukhale kanjena ngemuva kokuthi ezakhe zibambane ngo 1-1, ne-andorra, kowobungan­i obuse-algeria.

Kuwo abafana bakhe bakhande inqwaba yamathuba kodwa bakwazi ukushaya elilodwa.

"Ngiphoxeki­le ngokuyeka inqwaba yamathuba esiwatholi­le. Bekumele sithole amagoli amabili kuya phezulu. Seyidonse iminyaka inkinga yokungabi nomgadli ovuthayo eningizimu Afrika. Inkinga ukuthi liphansi ngezigaba ezimbili izinga ledstv Premiershi­p uma liqhathani­swa nelo mhlaba. Kuba nzima ngisho kubadlali abashaya amagoli kalula kwidstv Premiershi­p," ucashunwe kanje ubroos.

Unomvethe owashayela ibafana amagoli awu-16, uthe uyavumelan­a nobroos ngokwehla ngezinga labagadli bakuleli.

Uthe nakuba engathandi ukugxeka kodwa kubona ngisho ingane ukuthi izinga labagadli besimanje lehle kakhulu uma liqhathani­swa nelezikhat­hi zabo nobenni Mccarthy ozihola kwibafana ngawu-31. Kulandela ushaun Bartlett (28), Katlego Mphela nobernard Parker (23), Philemon Masinga (19), Nomvethe, Percy Tau (15), Sibusiso Zuma (13),

Tokelo Rantie nosiphwe Tshabalala (12).

Unomvethe ufakele abagadli bakuleli inselelo yokuthi babhukule ukuze bezobonwa ngamaqembu aphesheya.

"Ukuze ibafana yenze kahle eminyakeni edlule ukuthi iningi lababengab­agadli bayo lalidlala phesheya.

Kusukela kwabangaph­ambi kwethu abanjengom­asinga, Bartlett nabanye kuze kuzoshaya esizukulwa­neni sethu nomccarthy. Nakuba sasinalo ikhono lendalo kodwa ukuya phesheya kwalicija.

“Izinga lakhona liphezulu kakhulu uma liqhathani­swa neligi yakuleli.

Asivuke emaqandeni isizukukwa­ne sabagadli besimanje ukuze bezoya phesheya. Lokho kuzoba wusizo eqenjini le sizwe," kubeka unomvethe owashaya igoli okwanqoba ngalo ibafana ngo-1-0 ibhekene neslovenia endebeni yomhlaba, ngo-2022, ekorea nasejapan.

Eqenjini lamanje lebafana abagadli ubroos akholelwa kubona abadlali phesheya ulyle Foster ogijima kwiburnely yase-england nolebo

Moth*iba odlala efrance. Nokho laba bebengekho kwibafana kwi-africa Cup of Nations (Afcon). Ufoster ucele ukungabizw­a ngoba esalwa nokuqina kahle ngokomqond­o kanti umothiba ubelibele. Ubroos uthe wethemba ukuthi laba

bazobe

sebekhona uma elakuleli selidlala eyokuhlung­ela indebe yomhlaba ngojuni.

Unomvethe okwagcina ngaye ukuthi kube nomgadli wakuleli oshaya amagoli awu-20 kwidstv Premiershi­p, akwenza ngo2011/2012 ekwimoroka Swallows, uthe kuyihlazo nokuthi nakwiligi kukhonya abangaphan­dle. Irekhodi lamagoli awu-25, lisaphethw­e ucollins Mbesuma wasezambia, alenza ngesizini ka-2004/05, esadlala kwichiefs. Namuhla, ibafana izobhekana ne-algeria komunye wobungani ngo-11 ebusuku, kulona leliya lizwe. Kulo nyaka owokuqala wokuhlunge­la eyomhlaba izowudlala nenigeria, ngojuni 3. Owesibili ngowezimba­bwe, ngojuni 10.

 ?? Isithombe: TOUCHLINE PHOTO ?? USIYABONGA “Bhele” Nomvethe, owayengumg­adli webafana Bafana, uthi ukuya phesheya kungabasiz­a abagadli bakuleli
Isithombe: TOUCHLINE PHOTO USIYABONGA “Bhele” Nomvethe, owayengumg­adli webafana Bafana, uthi ukuya phesheya kungabasiz­a abagadli bakuleli
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMONNAPULE Saleng, umdlali we-orlando Pirates, obonakala eya ngokubuyel­wa ifomu yakhe njengoba eseqala eshaya amagoli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMONNAPULE Saleng, umdlali we-orlando Pirates, obonakala eya ngokubuyel­wa ifomu yakhe njengoba eseqala eshaya amagoli
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa