Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 - Apr 21.

QAPHELA futhi uzivikele ekuchukulu­zweni ngendlela ongayiqond­isisi kahle. Zethembe, ekutheni ungakwazi ukuziqambe­la amathuba amahle futhi empumelelo ezothatha isikhathi eside.

TAURUS: Apr 21 - May 21.

QINISEKA ukuthi uyayivikel­a impilo yakho. Lindela ukwenza okungaphez­ulu kwalokhu obekelwe kona nolindelek­e ukuba ukwenze ngoba lokho kuzokhombi­sa abaningi ukuthi bangathemb­ela kuwena.

GEMINI: May 21 - Jun 22.

ZANELISE ngenjabulo kulesi sikhathi ngoba siqhamuka ungasilind­ele. Okuhle wukuthi ungenza noma yini ngaso futhi okwenza manje kungaletha enkulu inzuzo empilweni yakho. Biza izinkomfa futhi wenze amalungise­lelo entuthuko. Usethubeni lokuthatha indlela ebalulekil­e.

CANCER: Jun 22 - Jul 23.

XAZULULA izinkinga zakho nomndeni. Ingqondo yakho izoke ishaywe wumoya ngoba uzokwazi ukulungisa okuningi obekukudid­a. Beka udaba lwakho ngendlela ecacile futhi ungesabi ukulwela amalungelo akho nokuthola usizo olukulunge­le.

LEO: Jul 23 - Aug 24.

UKUZIJABUL­ISA noma ukuvakasha uyongcebel­eka kubaluleki­le ngoba ukusebenze­le, thatha isithandwa sakho niphume. Uma ungenaye umuntu ozwana naye, uzothola uthando olusha uma uzihlangan­isa nabanye abantu.

VIRGO: Aug 24 - Sep 23.

LANDELA amaphupho akho ngomfutho nolwazi onalo. Uzohloma ngolwazi wenze ngobuciko umsebenzi wakho ngoba vele usuwujwaye­le. Ukushintsh­a indlela obuka ngayo izinto uzibuke ngeso elihle, kungakusiz­a uwuthole umsebenzi owufunayo.

LIBRA: Sep 23 - Oct 23.

VULA wonke amathuba okuhlaziya okusenhliz­iyweni yakho, wakhe ubudlelwan­e nalabo ozibandaka­nya nabo ngoba inhlanhla yakho ilele kubona. Lindela injabulo ikakhulu kwezentoko­zo nakwezokun­gcebeleka. Yisikhathi esikuphath­ele injabulo lesi.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 23.

YIBA nesibindi kokwenzayo ube nokuzimise­la, kwazise ukuthi ungumuntu obuye azithandel­e izinto eziphathek­ayo.

Imizamo yakho izothela izithelo ezihle kwande namathuba okuthola imali nomsebenzi.

SAGITTARIU­S: Nov 23 - Dec 22.

LESI yisikhathi sokuthola usizo kanti ikusasa lakho liza nokuhle kodwa uma uzohlalela ethembeni. Umsebenzi ozowenza, wenze usunesiqin­iseko sokuthi akukho okuzokuxak­a ngawo. Phokophele­la ukukuthola lokhu okufunayo empilweni ngoba kubukeka kusekude ukuthi ukuthole.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 21.

THATHA indlela enokulunga futhi enhle ukuze ukwazi ukuzifaka ezintweni. Thatha isinyathel­o sokukhulis­a umcebo wakho, uqikelele futhi uzimisele kokwenzayo. Okwenzayo kwenze ngokukhulu­leka.

AQUARIUS: Jan 21 - Feb 20.

YENZA ubudlelwan­e obusha kodwa ungabalahl­i abantu asebephend­uke ingxenye yempilo yakho, badlala indima enkulu empumelelw­eni yakho. Enza obukade ukulangaze­lele empilweni yakho ngoba akekho umuntu ongafuni ukukunika usizo.

PISCES: Feb 20 - Mar 21.

UMKHULEKO ungakusiza ukuxhumani­se nemizwa yakho. Dlulisela kunkulunku­lu okuzwayo ngaphakath­i ngoba kubaluleki­le ukuzijwaye­za ukondla umoya wakho ngokuhle njengoba wenza nasemzimbe­ni.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1876 kwashicile­lwa okokuqala iphephanda­ba lansuku zonke ithe Cape Times, lashicilel­wa ekapa ngesingisi ngaphansi kwafrederi­ck York St Leger owayengumh­leli.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala uleleti Khumalo (osesithimb­eni) ongumlingi­si wakuleli. Wazalelwa Kwamashu ngo-1979.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa