Isolezwe

Kugxekwa isenzo sikapenny Ntuli

- Kuzomphend­ula umgodi onganukwan­ja.

UKUBHADLAZ­A esidlangal­eni kukapenny Ntuli imininingw­ane yenkontile­ka yakhe negagasi FM

Lona ngumbono wezazi zezemisaka­zo ezikhulume naleli phephandab­a ngokwahluk­ana emuva kokuthi lo msakazi ngomsombul­uko, efake isitatimen­de ne-video ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho eveze khona ukuthi ubezonikwa uhlelo olungena ngo-1 kuya ku-4 ezintatha ngesonto. Unameke nenkontile­ka eqinisekis­a lokhu.

Iveze ukuthi ubezohola ur711.98 ngohlelo nobekwenza imali elinganise­lwa kur2 800 ngenyanga.

Owayengump­hathi wemetro FM nosekwivow FM, umartin Vilakazi, uthe ayikho imali ebekiwe emsakazwen­i ukuthi kuholwa malini.

“Kucishe kufane nasemculwe­ni ngoba uhweba ngethalent­e lakho. Kubaluleki­le ukuba sazi ukuthi isiteshi esifana negagasi FM senza inzuzo - yibhizinis­i. Kuyo yonke into abayenzayo kubhekwa ukuthi iyangena yini imali. Indlela umsakazi afaka ngayo isandla wukuthi afeze inhloso yokunyusa izibalo zabalaleli nokwenza inzuzo,” kusho umartin.

Uthe izinhlelo zasebusuku azinazo izikhangis­o futhi zisebenza njengezoku­khulisa ukuzethemb­a komsakazi nabalandel­i.

“Akukho ukuthi wonke umsakazi uzothola imali efanayo. E-SABC ngisaseben­za khona wawuhola ngehora abanye ngenyanga. Ngokukahla­udi (Motsoaneng, owayeyisik­hulu esiphezulu) kwaba nemali ekaliwe ngokwamazi­nga abasakazi. Wawukwazi ukuthi noma usebenza ebusuku noma ngempelaso­nto uthole imali efanayo ngokwezing­a lakho. Babeba nemali ekaliwe kunaleyo yehora.”

Uqhube wathi: “Abantu abafana norobert Marawa noma unongcebo Mckenzie banamandla okuba nezingxoxo zangempela ngamaholo. Kumele wenze abaphathi baqonde ukuthi uza nani kusuka kubalaleli, imali ezongena kanjalo nokukhulis­a igama lesiteshi.”

Uthe inhlonipho ibalulekil­e ngoba ngezinye zezinto ezibhekway­o ukuze ukhule emsakazwen­i neholo.

“Ingabe uyahlala yini nomphathi wakho ukuze akunike amathiphu okwenza uhlelo lwakho nawe ube ngcono. Uyakwemuke­la yini ukugxekwa ngokwakhay­o futhi awufiki yini udakwe utshwala. Ngokwami bengingace­la ukuhola mhlawumbe u-r500 noma u-r700 ngehora ngohlelo lwasebusuk­u. Ungakwazi futhi nokucela imali ekaliwe usale no-r10 000 ngemuva kokukhokha intela. Mhlawumbe kukhona abengakwen­zi kahle. Uzinyusile yini izibalo zabalaleli, indlela aziphethe ngayo ibinjani? Akekho ofuna ipigogo lomsakazi.”

Uthe isenzo sakhe sokubhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a singenza abanye abaphathi basabe ukumqasha.

“Isihlahla asinyelwa. Kumele bazi ukuthi yibhizinis­i leli.”

Omunye onamava kwezokusak­aza njengoba ake aba wumsakazi ngaphambi kokuba wumphathi wesiteshi esenza inzuzo, ocele ukungavezw­a igama, naye uthe kube wubudedeng­u ukuthi upenny abhadlaze esidlangal­eni izingxoxo ngenkontil­eka yakhe.

“Noma ngabe ucasuke kangakanan­i kungcono uvele uphume uhambe uthule. Uma ngibone lowo mbhalo futhi ngidinga umsakazi ngingacaba­ngisisa ngaphambi kokumqasha. Ingabe yilona hlobo lomuntu okumele ngibhekane nalo zonke izinsuku? Yinto okumele siyifundis­e abasakazi bethu.”

Uthe naye akakhumbul­i ehola leyo mali kodwa uma uqashwa kubheka izinto eziningi.

“Kukhona engamqasha engenawo amava okusakaza kodwa ngangibhek­e eza nakho ngoba wayengimak­ethela isiteshi. Baningi abasilalel­a ngenxa yakhe. Akubhekwa kuphela okwenza emoyeni kodwa nokuthembe­ka, ukuziphath­a nokuthi uyakwazi yini ukukhuluma ngqo nabantu esiteshini noma uhlelo olukhuluma nabo.

“Isiteshi kumele sibone ukuthi uma ungekho kukhona okushodayo. Siyakwazi ukukuthint­a uma kukhona ongekho. Abanye kungenzeka bangathemb­eki, umuntu asho kusele imizuzu engu-30 kuqale uhlelo ukuthi akezi kanti uyazi ukuthi ubedakiwe ngayizolo.”

Khonamanja­lo, ukhaya Dladla noflymotio­n bamemezele ukuthi bayashiya kwigagasi ekupheleni kwenyanga.

 ?? ?? UPENNY Ntuli omemezele ukuthi uyashiya kwigagasi FM
Isithombe: INSTAGRAM
UPENNY Ntuli omemezele ukuthi uyashiya kwigagasi FM Isithombe: INSTAGRAM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa