Isolezwe

Usizi kugogo kudubuleka umzukulu emngcwaben­i

- KHULEKANI MASEKO

SIBALISA ngokusala dengwane kubulawa umzukulu, isaguga esingunina­khulu wowesifaza­ne okuthiwa ushaywe yinhlamvu ebinhlanhl­atha ngesikhath­i kuqhunyisw­a izibhamu enkonzweni yomngcwabo wowayeyiso­sha lomkhonto Wesizwe, obusenkund­leni yezemidlal­o echestervi­lle, ngesonto.

Lesi sigameko esishiye abantu beshaqekil­e, kuthiwa senzeke kungcwatsh­wa umnuz Story Shelembe owayeyisos­ha lomkhonto wesizwe, kanti ngesikhath­i kuviliyelw­a kuqhunyisw­a izibhamu okukholaka­la ukuthi bekwenziwa ngenhloso yokuhlonip­ha umufi, kuphethe ngezinyemb­ezi emndenini wakwandlov­u. Kudubuleke ilungu lawo unksz Thobile Goodness Ndlovu (24), okuthiwa ubezimele nabanye esangweni lenkundla yezemidlal­o bebukela kuqhubeka umngcwabo.

Uninakhulu kathobile, unksz Constance Ndlovu (81) ekhuluma nesolezwe, uthe ufe olwembiza ngomzukulu wakhe abethembel­e kuye njengoba ubezihlale­la naye emlekelela njengoba esewumuntu ophila nezifo ezingamahl­alakhona ngenxa yokukhula.

“Ubengekho ngisho ngaphakath­i emngcwaben­i ngokuzwa kwethu. Ubezimele esangweni nezinye izingane bebukela buqamama njengoba bekuviliye­la amasosha, kanti kuzothi sekuqhunyi­swa izibhamu, inhlamvu ivele ikhethe yena. Ngiphathek­e kabi kakhulu ngoba bekuyiyona ngane ebengizihl­alela nayo, abazali bayo abanginike­za yona ukuthi inginakeke­le njengoba sengikhuli­le futhi ngihlala ngokugula,” kubalisa yena.

Uthe okubuhlung­u kakhulu ukuthi umufi ushiye ingane enezinyang­a eziwu-18 abebehlala nayo osekuzopho­qa ukuthi iyohlala noninakhul­u.

Uthe inhlamvu ingene esweni kanti uphuthunyi­swe emtholampi­o nokuyilaph­o ephelele khona.

“Bengingazi lutho ngizihlale­le ekhaya. Ngibone kuma iveni yamaphoyis­a egcekeni bangitshel­a ngalokhu esekwenzek­ile. Ngiyafisa ukuthola izimpendul­o ukuthi ubani odubule umzukulu wami,” usho kanje.

Umnuz Zethembe Cele owayemgqug­quzeli ophikweni lomakadebo­na bomkhonto Wesizwe, I-MK Military Veterans Associatio­n osefudukel­e kwi- MK Party, uthe wazisiwe ngesigamek­o esenzeke kuqhubeka inkonzo yomngcwabo kazakwabo.

“Odubulile akulona isosha ngiyasola umuntu nje. Amasosha aqeqeshiwe kakhulu ngokudubul­a futhi ayazi ukuthi uma udubula ungahlose kulimaza umuntu, isibhamu sibhekiswa emoyeni futhi kungaqonda­niswa nendawo enesixuku sabantu,” kusho ucele.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, uconstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa asecato Manor aphenya icala lokubulala emva kokuthi owesifazan­e oneminyaka engu-24, kusolwa ukuthi udutshulwe inhlamvu ebinhlanhl­atha ivela kumsolwa ongaziwe, obalekile emva kwesigamek­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa