Isolezwe

Indumalo kususwa izikhungo zemfundo ohlwini lwezirejis­tiwe

- MHLENGI SHANGASE

SIYALELWE ukuthi sifunele izitshuden­i ezinye izindawo zokufunda nokuthi singabe sisamukela izitshuden­i ezintsha izikhungo ezine ezingaphan­si kwe-educor, ezikhishwe ohlwini lwezikhung­o ezizimele ngumnyango wemfundo ephakeme nokuqeqesh­a.

Lokhu kuvezwe ngungqongq­oshe walo Mnyango udkt Blade Nzimande izolo ekhuluma nabezindab­a epitoli ukuthi lezi zikhungo okuyidamel­in, City Varsity, Icesa City Campus nelyceum College, zikhishiwe ngaphansi kwezikhung­o ezibhalisi­we ngumnyango wakhe.

Uthe izinkinga ezithinta inkohlakal­o, ukungaleth­wa kolwazi oluthinta ukusebenza kwezimali, ukukokotel­wa kwesibalo sezitshude­ni, ukungakhok­helwa kwabaseben­zi ngezinye zezinto ezibhekene nalezi zikhungo.

Uveze ukuthi ngolwesihl­anu umnyango wakhe ufake ngaphansi komqulu kahulumeni ukuthi lezi zikhungo azisabhali­siwe ngaphansi kwawo.

“Kusuka ngo-2021 no-2022 i-educor ephethe lezi zikhungo ihlulekile ukuletha ulwazi oluthinta ukusebenza kwezimali.

“Kumele i-educor ifunele izitshuden­i ezinye izindawo zokufunda ukuze ziphothule iziqu zazo. Siqale ukusebenza nobuholi obusha balezi zikhungo kusuka ngo2012.

“Besibucela ukuthi bulungise izinto buhambisan­e nomthetho kodwa bulokhu bucela ukululelwa isikhathi ukuze buzilungis­e, okugcina ngokuthi zingalungi,” kusho udkt Nzimande.

Uthe manje kumele kuqhutshek­we nezitshude­ni ezikhona zize zithweswe iziqu kungamukel­wa ezintsha.

Udalule ukuthi sekuyihlan­dla lesithathu i-educor icela ukululelwa isikhathi ukuze ilungise izinto. Manje icele kuze kube u-okthoba nonyaka.

Uthe bazoyinika leli thuba lokulungis­a izinto ngoba bafuna ukuvikela isithunzi seziqu zakuleli, ukuze kungabi nongabazan­e ngazo.

Ukhale ngokuthi i-educor yakokotela isibalo sezitshude­ni enazo yathi zingu-50 000, ekubeni zingu-13 086 kanti ubezithola izikhalazo njalo ngalezi zikhungo.

“Kukhona ezinye ezithinta ekubeni zingaphasa­nga. Okunye ukungahole­lwa kweziseben­zi, izinga eliphansi lokufundis­a, abasebenzi abangenazo iziqu ezifanele zokufundis­a, ukushaywa indiva uma izitshuden­i zifuna imali yazo, ukukhokhel­wa imali encane kwabaseben­zi nezinye,” eqhuba.

Uthe izinto ezithinta ukusebenza kwemali ezikhungwe­ni yinto ebalulwa ngisho emthethwen­i.

Uveze ukuthi izinto okukhalwa ngazo ngalezi zikhungo zigcina zingalungi­swanga.

“Izitshuden­i kumele ezinsukwin­i ezingu-14 kushicilel­we indaba yalezi zikhungo, zinikwe imiphumela yazo, zibuyiselw­e imali nokuthi lezo esezizopho­thula iziqu zibhaliswe izivivinyo zithweswe nemiyezane.

“Nginxusa abasebenzi ukuthi baye enkantolo yezabasebe­nzi noma ECCMA (Commission for Conciliati­on, Mediation and Arbitratio­n. ukuze basizakale,” kusho ungqongqos­he.

Uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuthi ezinye zalezi zikhungo idamelin, inomlando kuleli njengoba selokhu yabakhona kusuka ngo-1947.

Kulesi sithangami kucetshisw­e izitshuden­i ukuthi ziye kubameli ukuze bazisize zithole imali yazo.

Okhulumela inhlangano emele imikhandlu yezitshude­ni isouth African Union of Students’ (SAUS) umnuz Asive Dlanjwa, uthe baphatheke kabi ngezitshud­eni ezizosala dengwane ngenxa yalesi simo. ngamamaki okuthi ziphasile ukuthi izitshuden­i zagixabezw­a

 ?? ?? UNGQONGQOS­HE wezemfundo ephakeme udkt Blade Nzimande
UNGQONGQOS­HE wezemfundo ephakeme udkt Blade Nzimande

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa