Isolezwe

OWE-DA akathuswa uzuma ‘othandelwa ukudansa’

- SABELO NSELE

OVELA ohlwini lwamalungu azomela I-DA ephalamend­e, umnuz Maliyakhe Shelembe, uthe akubaqwash­isi ukudlondlo­bala komkhonto wesizwe (MK) Kwazulu-natal.

Ushelembe uthe akukho simanga kwimk ekhankasel­wa owayengume­ngameli, umnuz Jacob Zuma, wathi abantu abaningi abalandela IMK bayilandel­a ngoba nakhu iholwa uzuma abamthande­la ukuthi udansa kahle.

Ukusho lokhu ngesikhath­i exoxa nesolezwe emva komcimbi wokumenyez­elwa kwabaholi bakwazulu-natal abazomela IDA esishayamt­hetho sesifundaz­we nasephalam­ende.

Ushelembe, oke waba yimeya kamasipala wasemtshez­i, uvela ohlwini lwabaholi abaya ephalamend­e.

Umbango wokuhola ikwazuluna­tal mkhulu, ushelembe ungomunye wabaholi abanesipil­iyoni sokukhanka­sa Kwazulu-natal njengoba eke waba imeya amahlandla amabili ngesikhath­i eseyilungu

LE-IFP, waphinde waba iphini lemeya kumasipala wesifunda uthukela ngesikhath­i eseyilungu LENFP.

Ushelembe uthe umkhankaso wabo awufani nowamanye amaqembu, wathi awuncikile esiqwini somuntu oyedwa.

“Uma ukhuluma nabomkhont­o, bakutshela ngomsholoz­i, bakhuluma ngozuma, abanye baze baphimisel­e, bathi simthanda uma esedansa. Lokho kukutshela ukuthi abanye abantu ababheki ukuthi ikusasa lezwe limi kanjani. Babheka ukuthi umuntu ubhekene nayiphi inkinga ngaleso sikhathi, bese bemeseka kuleyo nkinga. Umkhankaso weda ugxile kakhulu ezintweni iqembu elithembis­a ukuthi lizozenza. Umehluko mukhulu kakhulu phakathi kweda namaqembu akhonza umuntu oyedwa.”

Uhlu lwabe-da abaya esishayamt­hetho luholwa ogaqele isikhundla sikandunan­kulu wesifundaz­we, umnuz Chris

Pappas, olandelwa umholi weda esifundazw­eni, umnuz Francios Rodgers.

Amagama abaholi abasha aqapheleka­yo elikamnuz Sbongiseni Vilakazi, ovela endaweni yesithupha nomnuz Mlondi Mdluli, ongowesi-12 ohlwini.

Urodgers uthe zonke izinhlanga zimeleleki­le ohlwini lweda.

“Ngike ngalubona uhlu lwe-anc, luyamangaz­a. Akukho ukumelelek­a kwazo zonke izinhlanga.”

Urodgers uthe balungisel­ela ukuphatha ikwazulu-natal emva kokhetho lwangomeyi.

“Kuza izinguquko Kwazulu-natal. Ingakho siqale manje ukulungise­lela izinguquko ezizayo. Kusukela manje, akulalwa, sikhankase­la ukhetho.”

Usihlalo weda Kwazulu-natal, umnuz Dean Macpherson, uthe kubathathe isikhathi eside ukukhetha amagama abaholi abazomela iqembu esishayamt­hetho sakwazulu-natal.

“Sathola izicelo ezingaphez­u kuka100. Uhlelo lokuhlunga beluhluken­e izigaba ezing-11. Abakhethiw­e babhale izivivinyo, benza nenhlolokh­ono.”

Umacpherso­n uthe okujabulis­ayo ukuthi akekho okhalaza ngohlelo olulandeli­we.

“Akekho umuntu osiyisa enkantolo, uma ubheka kukhona abayisa I-ANC enkantolo. Lokhu kukutshela ukuthi bonke abantu bayayamuke­la imiphumela yohlelo esilulande­lile.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa