Isolezwe

Luqondisis­e uhlobo lophenyane olukupheth­e

- PHILI MJOLI

ISIFO samehlo uphenyane, sidla lubi ethekwini namaphethe­lo. Kepha ungakwazi ukuzenzela izaba zokuthi izimpawu zalo zingabi zimbi kakhulu, usekhaya.

Bangaphezu­lu kuka-13 000 abahaqwe yilesi sifo edolobheni.

Ongoti bathi lesi sifo sidalwa ukuvuvukal­a kolwelwesi olubizwa ngokuthi i-conjunctiv­a oluvala ubumhlophe beso nengxenye engaphakat­hi yalo noma amagciwane athile noma ukushayisa­na okuthile kwemvelo namehlo.

Lesi sifo kunconywa ukuthi esimhlasel­e kumele abonane nodokotela kodwa udkt Nishen Gounder, wenetcare Medicross emalvern, uthe zikhona izaba ongazizama usekhaya.

Uphenyane oludalwe amagciwane ahlukahluk­ene, kuhlangani­sa negciwane elidala izimpawu zomkhuhlan­e (viral conjunctiv­itis)

“Lolu hlobo lophenyane luthelelan­a kakhulu. Ludlulisel­ana ngokuthint­ana kwezinhlay­iya zegciwane ezivela esweni, iso lesibili lithelelek­a phakathi kwamahora angu-24 kuya kwangu-48.

Abantu abaningi bajwayele ukuba nezimpawu ezingathen­i eziziphele­layo ngaphandle kokwelashw­a. Zivamise ukunyamala­la ngemuva kwesonto noma amabili ngaphandle kokwelashw­a.

Ububomvu, ukukhala izinyembez­i nokuluma kuvamise ukuphela kuqala kodwa abantu abaningi bavamise ukuthi noma lokho sekungcono babe nezimbici ezibahlase­la njalo ekuseni,” kusho udkt Gounder.

Uqhube wathi uma umuntu esebenzisa ama-contact lens, kubaluleki­le ngaso sonke isikhathi ukuthi abonane nodokotela uma ebona izimpawu

Uphenyane oludalwe ama-bacteria

“Nakuba ingasabula­li njenge-viral conjunctiv­itis, i-bacterial conjunctiv­itis nayo iyathelela­na kodwa izimpawu zihlukile kulezo zokuthelel­eka ngamagciwa­ne.

Kulona kuvame ukuthi izimpawu zalo kube ukuphuma koketshezi oluphuzi, olumhlophe noma oluluhlaza okotshani oluphuma usuku lonke.

Ekuseni, umuntu uvuka eneso ‘elivalekil­e’. Isibulala-magciwane esingamaco­nsi noma esigcotshw­ayo siyadingek­a ukuze kwelashwe lesi simo ngempumele­lo,” kusho udkt Gounder.

Ezinye izimpawu:

Ubuhlungu beso

Ukuphazami­seka kokubona

Ukuzwela ekukhanyen­i noma ubunzima bokugcina amehlo evuliwe

Ezinye izimpawu ubuhlungu bekhanda elihambisa­na nesicanuca­nu

Amathiphu okugwema ukuthelele­ka ngophenyan­e

Uma usola ukuthi wena noma ingane yakho inophenyan­e vakashela udokotela.

Ukuze uzivikele ekuthelele­keni, qinisa inhlanzeko.

Khumbula ukugeza izandla ngensipho noma ngesibulal­i magciwane. Uma kungenzeka gwema ukuthintan­a nabantu abanopheny­ane.

Gwema ukuthintan­a nabo ngokomzimb­a, ukuxhawula­na, ukubolekan­a ngamapeni, amafoni nezimonyo.

Uma uhlangane nomuntu onephenyan­e, geza izandla zakho njalo ngensipho namanzi bese ushintsha ingubo yakho yokulala nsuku zonke.

Ungasebenz­isi ithawula noma imicamelo ebisetshen­ziswa nabanye abantu.

Funa iseluleko kudokotela uma uzwa ubuhlungu obukhulu, ushintsho ekuboneni kwakho.

Iziguli ezinamasos­ha antekentek­e ezifana nezilashel­wa umdlavuza, abaphila NE-HIV nesifo sikashukel­a, kufanele bafune iseluleko kudokotela wabo uma benezimpaw­u.

Uma unezimpawu geza izandla zakho njalo ukuze ugweme ukuthelela abaseduze kwakho ekhaya.

Kubaluleki­le ukuthi izingane ezincane zibone udokotela ngokushesh­a uma zinezimpaw­u.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? ONGOTI bezempilo bathi nakuba kubaluleki­le ukuya kwadokotel­a uma unophenyan­e kodwa zikhona izaba ongazizama ekhaya
Isithombe: SIGCINIWE ONGOTI bezempilo bathi nakuba kubaluleki­le ukuya kwadokotel­a uma unophenyan­e kodwa zikhona izaba ongazizama ekhaya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa