Isolezwe

Ukuncela idamu kungadala izinkinga emazinywen­i nasemlonye­ni

- PHILI MJOLI

AMADAMU ayabasiza omama ngokuthi bancelise izingane ezincane ezikhalayo noma azinikeze intokomalo kodwa kumele bazi ukuthi ukuncelisa ingane yakho idamu kungadala umonakalo emazinywen­i okuqala engane noma emazinywen­i ayo jikelele.

Isikhulu esiphezulu e-affinity

Health, umnuz Murray Hewlett, sithe eminyakeni eminingi eyedlule abasunguli bawo bebelokhu bewathuthu­kisa bezama izindlela zokuthi aphephe ngokuthi akhiwe ngerabha ephephile, engakhumuz­eki, ethambile engalimazi izinsini kodwa zisekhona izinkinga ezidalwa ukusetshen­ziswa kwalo kuye ngokuthi ingane ilisebenzi­se isikhathi esingakana­ni nokuthi ibiliseben­zisa kanjani.

Inkinga yokuhlafun­a

Uthe ukusetshen­ziswa kwedamu isikhathi eside kungaholel­a ezinkingen­i zokuthi amazinyo angaphambi­li angenhla nangezansi angahlanga­ni kahle uma ingane iluma noma ihlafuna, umlomo ungavaleki ngoba ijwayele ukungawuva­li uma incela idamu. Enye inkinga athe iba khona ukuthi amazinyo angenhla angena ngaphakath­i uma ingane ihlafuna.

Ukuphazami­seka kokukhula kwamazinyo ngokufanel­e

Uhewlett, uthe ukulincela isikhathi eside kungaholel­a ekutheni amazinyo angaphambi­li aphusheke , angaqondan­i, nokuholela kulokho okuvame ukubizwa ngokuthi “amazinyo edamu”.

Ushintsho olungenzek­a emlonyeni ngenxa yedamu

Ukuncela idamu kungaphaza­misa ulwanga (mouth roof) okungahole­la ekutheni lukhule ngendlela okungeyona okungaba ukuthi lutsheke.

Akukho konke okubi ngedamu

Ngaphambi kokulahla wonke amadamu, kubaluleki­le ukuqaphela ukuthi lezi zinkinga ezingase zibe khona ngokuvamil­e zisukela ekuliseben­ziseni isikhathi eside, okungaba ukuliseben­zisa enganeni eneminyaka emibili kuya eminyakeni emithathu. Izingane eziningi zisebenzis­a amadamu ngaphandle kokuba nemiphumel­a emibi edalwa ukuwaseben­zisa isikhathi eside.

Indlela yokusebenz­isa idamu ukuze ingane ingabi nezinkinga

Uhewllet uthe : Ncelisa ingane yakho idamu okungenani ngemuva kwamasonto amane iqale ukuncela ibele noma ibhodlela ukuze ifunde ukuhlukani­sa ingono nedamu.

Isikali: Sebenzisa idamu ngenhloso yokududuza ingane ngesikhath­i ilidinga, alingahlal­i lisemlonye­ni usuku lonke.

Ukulumula: Qala ukulumula ingane yakho edamini kusukela inezinyang­a eziyisithu­pha kuya kwezingu-12, inhloso ukuthi ibe isiliyeke ngokuphele­le uma isineminya­ka emibili noma emithathu.

Inhlanzeko: Ukuze uvimbele ukubola kwamazinyo engane, zama ukuthi idamu layo lingafakwa izithako ikakhuluka­zi ezinoshuke­la. Gwema ukucwilisa idamu oketshezin­i olumnandi njengoju noma i-syrup, okungahole­la ekutheni amazinyo engane abe nezimbobo.

Amadamu alungile: Zama ukusebenzi­sa amadamu angeyona ingozi kakhulu aziwa ngama-orthodonti­c pacifiers

Ukulumula ingane yakho edamini kungaba inselelo, amasu ambalwa angakusiza:

Nciphisa ukunikeza ingane idamu kancane kancane, qala ngokuthi idamu lisetshenz­iswe ngezikhath­i ezithile njengokuth­i ingane uma ifuna ukulala.

Uma ingane idamu ilisebenzi­sela ukuziduduz­a, zama ukuthola ukuthi yini enye eyithanday­o engayinike­za intokomalo, okungaba ukuyinikez­a ithoyizi elithanday­o, noma ingubo yokulala ethile.

Ncoma ingane yakho ngokungali­sebenzisi idamu, uyiklomeli­se

Abanye abazali baqamba inganekwan­e yedamu, ekupheleni kwaleyo nganekwane idamu liyathathw­a.

"Uma ukhathazek­ile ngamazinyo engane yakho bonana nodokotela wamazinyo wezingane. Banohlelo abalwenzel­e izingane ezibe nenkinga yokuncela idamu isikhathi eside," kusho uhewllet

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? AMADAMU kubazali abaningi ayasiza ngokuthi alibazise izingane ukuze bakwazi ukuqhubeka nemisebenz­i yabo kodwa abezempilo bathi angakhubaz­a ukukhula kwamazinyo nokukhula kolwanga
Isithombe: SIGCINIWE AMADAMU kubazali abaningi ayasiza ngokuthi alibazise izingane ukuze bakwazi ukuqhubeka nemisebenz­i yabo kodwa abezempilo bathi angakhubaz­a ukukhula kwamazinyo nokukhula kolwanga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa