Isolezwe

Akwande ukuthula noxolo njengoba sibheke okhethweni

-

OQHIBUKHOW­E bemibhikis­ho ababonakal­a kulezi zinsuku esikuzo basho khona ukuthi selidumela emasumpeni ukuba kufike isikhathi sokhetho. Kanjalo nokuqhwish­elana ngothuli phakathi kwabaholi bamaqembu nokungcofa­na kwabo okuyela ngasekwehl­eni kwenhlonip­ho nakho kuluphawu lokuthi wonke umuntu okwezomban­gazwe ufuna ukuba muhle emehlweni abantu.

Nawo amaqembu epolitiki kuba saqhamuke lokhu, avuke ayomasha. Abaholi bawo abasagejwa mcimbi lapho kuhlangene khona abantu - singabala imishado, imingcwabo, imidlalo, izinkonzo, amafestive­li omculo, ngisho umngcwabo wekati ngeke bawuyeka - uma nje uzoba nedlanzana labantu, osopolitik­i bayafika bezokhalis­a umnikazi kamangobe. Kungenxa yalokhu kuphithiza kwalesi sikhathi esibheke okhethweni okwenza nabantu bazithole sebephendu­kelana ngoba befunzwe imiyalezo eqhathayo yilabo abasuke bekhankasa bebeka kabi izimbangi zabo. Iningizimu Afrika, ikakhulu Kwazulu-natal inomlando ongemuhle wokungakwa­zi ukubekezel­elana nokwamukel­a ukuthi singahluka­na ngemibono yepolitiki kodwa sihlalisan­e.

Nokho sikholelwa ekutheni kuningi isizwe esakufunda ezigamekwe­ni ezenzeka phambilini, ngalesi sizathu ngeke sisaluthek­a sibuyele ekubisheni odakeni lothuthuva lwepolitik­i futhi.

Ukwakheka komkhonto wesizwe Party ehlubuke KU-ANC nokugigiye­lana ngamagama phakathi kwabaholi BE-ANC NE-IFP, kubuyise uvalo lokuthi amanzi angaphinde ame lapha ake ama khona. Abahlaziyi abaningi abakuyeki ukuphawula ngengebhe abanayo ngalokhu. Kodwa isimo esesisibon­e ngemuva kokubanjel­wa kwama-rally okwethula imiqulu yezethembi­so zokhetho YE-EFF, ANC NE-IFP siveza ukuthi sekuntwela ezansi ngokuseben­za kwentando yabantu kuleli.

Sengathi lo moya wokwamukel­ana unganda, kuthi nalabo abasasilel­e emuva bakhule, sonke sakhe izwe elinokuthu­la.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa