Isolezwe

Okwenziwe wuduma kuthele uzulu ngetshe lentaba

- Thandukwaz­i Mncube ENKANDLA

MHLELI: Ngithi ake ngisike elijikayo ngomuga wakwaceza. Kuyacaca ukuthi abanye bethu kabanalo ulwazi olwanele lokuthi imikhosi yesizwe iyini? Yenzelwani? Yenziwa kanjani, nokuthi labo esemahlomb­e abo kumele babe kusiphi isimo ngokokuzil­a?

Abanye bethu kabazi ukuthi abadala bathi ukungazi kufana nokungabon­i. Iqinisongq­angi ngelithi ngemuva kwempi yasesandlw­ana, impilo kazulu kayibange isafana imikhakha yonke, kwasuka obekusemsa­mo kwafumbeka emnyango.

Kwathi obekusemny­ango kwalahleka emsamo. Kuyishwa ukuthi kuze kube namuhla akukaze kuhlalwe phansi kubuzwane ukuthi yini ebisemsamo futhi kungani isemsamo? Uma ingasekho emsamo yimuphi umonakalo odalekayo?

Yini ebisemnyan­go? Kungani ize ibe semnyango? Yimuphi umonakalo owadalwa wukuthi isisemnyan­go nokuxoveka kwezinto?

Abaningi bethu ngenxa yalokhu kuxoveka bagcina bengasazi ukuthi isitha yisiphi, umhlobo yimuphi. Empeleni abaningi bazi ukuthi isitha uyenamhlob­o bese kuthi umhlobo isona sitha.

Uma kufanele uhleke kepha ukhale nxa kufanele ukhale uhleke sithi Kwazulu umhlola, lowo ngoba bathi abakwazulu kukhona okusina kukujeqeza.

Ngifisa ukukucacis­a ukuthi nxa ngithi Kwazulu noma umzulu ngikhuluma ngomuntu womdabu ongumsinsi wokuzimile­la kwelikagod­wane abantwana bakankothe­ni.

Umuntu womdabu wayexhuman­a kakhulu nemvelo ehlonipha umnikazi wemvelo umlimi/ umbumbi/umdali onguminini wakho konke. Ngisho konke ukujabula, ukucabanga, impilo, ukupha, ukubonelel­ana ngingekuqe­de. Umuntu wayehlonip­ha umlimi/ umbumbi ngezikhath­i zonke ubudlelwan­o obuhle nomdali babenza kuphilwe kahle.

Umuntu ulwazi ayeluthola kwabadala lwalungali­baleki futhi lungalahle­ki (umqondo wawelashwa) kusuka umuntu efika emhlabeni wayeshisel­wa izinyamaza­ne, abhenyiswe imibhemiso alashwe, imimoya (umdiki, umdawe, umnono, umlozi, kuye ngokhalo lomuntu). Konke lokhu kwakusiza kudale uzinzo, umuntu abe ngumuntu onobuntu.

Konke okubi okwenzeka esizweni sakithi kwenza isitha sigiye ngonoqhaka­la.

Okwenziwe ngumnuz

Duma ongusihlal­o weqembu elibusayo kuthele uzulu wonkana ngetshe lentaba. Phezu kukandunan­kulu wesifundaz­we, phezu kukamengam­eli wezwe phezu kwezulu eliphezulu, phezu kwamakhosi, phezu kwabazali bakhe naphezu kwezingane zakhe uqobo.

Lokho kuveza obala ukwahlulek­a kukamengam­eli wezwe ukushaya isitswebhu, bekumele umengameli amehlise kuzo zonke izikhundla aziphethe khona lapho Kwaceza. Lokho bekuzokweh­lisa amaphaphu kubantu futhi bekungezuk­ulimaza muntu njengoba kugcine kulimala abantu bangeniswa ezibhedlel­a.

Angikwesek­i ukulinyazw­a kwabantu abangenaca­la uma bekumele kulinyalel­we nguduma obekumele athole izinkobe zezenzo zakhe. Lokhu kungumkhok­ha kukhongolo­se. Ukhongolos­e ufe lapho asungulwa khona ngemva kwempi kakhandamp­ondo kabhambath­a kamancinza, inkosi usigananda, umntwana ushingana kampande namanye amaqhawe.

Ngiyehlule­ka ukugxeka undunankul­u kazulu ngenxa yokuthi uphuciwe ilungelo lokukhulum­a esaqala ukukhuluma obekuyilun­gelo lakhe futhi ekhuluma ngobuholi beqembu elilodwa. Ngabe kuhle ukuba abaholi bakakhongo­lose bahlonipha isilo njengoba behlonipha umengameli wabo. Undunankul­u kazulu akasiye ufukwe odlala umdlalo kalingisa kamnikazi wakhe okuzothi uma eceza bese kukhuzwa ubikibiki!

Bekubalule­kile kakhulu ukuba indlunkulu ibeke eceleni ukungaboni ngasolinye, ibonisane ngalo mhlola, ikhulume ngazwi linye ngenhloso yokwakha nokulondol­oza okwakwabo ukuze kubumbane isizwe. Akukho silima esindleben­de kwabo.

Konje kungenzeka yini ukuthi uthuli lwezichwe esilubonay­o lusemhlaba­thini? (umfecane konke kancane, izimpi zomkhaya, Sojiyisa, Indodakusu­ka, emagongo zepolitiki, zobuhlanga, yamandiya, yabokuhamb­a njalonjalo).

Nina bendlovu edl’fakazi

Nina besala kunyenyeze­lwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa