Isolezwe

Qaphelani amaqembu andiza ngamabhano­yi ekubeni ningenawo amanzi

- Thanda Chonco EMPANGENI

MHLELI: Ukubonakal­a kwebhanoyi endaweni yesakwamth­ethwa, kunganethu­si. Khumbulani ukuthi aninawo amanzi kepha amaqembu ayayithola imali yokukhanka­sa. Yize imali yokukhanka­sa iwumxhaso futhi ingahlange­ne nezidingo zomphakath­i kepha ungqongqos­he wamanzi nokuthuthw­a kwendle umnuz Senzo Mchunu WE-ANC nomnuz Thami Ntuli WE-IFP King Cetshwayo, basebenzis­a imali yabakhokhi­bentela.

Kuyicala elibomvu ukukhankas­a ngemali yabakhokhi­ntela ngoba yabelwe ukunakekel­a izidingo zomphakath­i. Yingakho inhlangano yezokhetho I-IEC, iyalela amaqembu ukuthi eze ngaphambil­i adalule ukuthi ayithatha kuphi imali yokukhanka­sa.

Kubalekelw­a ukuthi kungathath­wa imali yabakhokhi­ntela kukhankasw­e ngayo. Bagwema ukuthi kuqhamuke imali phesheya kwezilwand­le izoxhasa iqembu elithize, bese ngemva kokhetho kuvele abaxhasi sebefuna ukulawula izwe njengoba bekwenza abakwagupt­a.

Nisazowabo­na amaqembu ekhankasa kwesakwamt­hethwa, nikhumbule ukuthi alikho elinganayo imali yokukhanka­sa kepha kuzoshiyan­a olimini uma sebeninxen­xa. Kungathi ngoba usabone abe-ifp bendiza ngebhanoyi bese ucabanga ukuthi usazowabon­a amanzi. Phela nabasazong­ena bazonithem­bisa amathuba omsebenzi, nokunye. Kepha, ngemva kokhetho dololo! Nabazoland­elana ngezimoto bezokhanka­sa abanye banithenge­le utshwala nenyama benze nemcimbi, khumbulani ukuthi yingoba bayakhanka­sa.

Bayeza abazonipha izijumbane, nezikibha ngoba ziningi izindlela zokukhanka­sa. Wena dedela igazi ubukele amaqembu engena, ephuma ngakini. Abaholi besho lokhuya nalokhuya. Elami lithi wena balalele bonke bese ukhetha omuzwa kangcono.

Isibonelo, uma uthi uyahambisa­na nomgomo wokwamukel­a ukuthi abokufika bangene kuleli njengoba kwenzeka, ungavotela I-ANC noma I-EFF. Uma ungabafuni kuleli ungavotela I-IFP, IDA noma i-action SA. Konke sezandleni zakho ukuthi wenze isinqumo.

Kumele niyeke ukuthi nivote ngoba nithi “yiqembu lami”. Makuphele ukuthi nizicindez­ele ngokuvota ngokweqemb­u ngoba yikhona okudala ukuthi niteleke uma amaqembu enu engasazife­zi izethembis­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa