Isolezwe

Osaziwayo abanohlonz­e bazogcona uminnie

- NOKUBONGWA PHENYANE

KULINDELEK­E ukuthi ludonse amehlo abantu abaningi uhlelo lwamahlaya losaziwayo abahlukene abazogcona uminnie ngempilo yakhe esiqeshini esizokhonj­iswa kwishowmax ngenyanga ezayo.

Uhlelo iroast of Minnie Dlamini kulindelek­e ukuthi luqoshwe esandton Convention Centre, lapho kuzoba khona nomcimbi ozobophela osomahlaya abangaphez­u kuka50, abazowaqhu­lula ngezilimi ezahlukene zakuleli.

Kosaziwayo okulindele­ke ukuthi baphendule impilo kaminnie ihlaya kubalwa omkhaya bakhe uceleste Ntuli, Robert Marawa, Trevor Gumbi, Shahan Ramkissoon, Lasizwe, Penny Lebyane, Da L.E.S nosiv Ngesi.

Osomahlaya okukhona kubo utumi Morake nojason Goliath bona bamenyezel­we njengabazo­phatha uhlelo.

Ulaura Cooke, weshowmax uveze ukuthi lolu hlelo kuzoba ngolunye oluzoba semlandwen­i olwake lwenzeka kuleli.

“Izinhlelo zase-afrika ezithinta amahlaya ngezinye esifuna ukuthi zande nakakhulu esiteshini ishowmax ziqhubeke zijabulise ababukeli bethu.”

Yilokho abantu abafuna basazi ngakho hhayi nje ngemidlalo nezinhlelo ezikhombis­a izimpilo zosaziwayo nezabesifa­zane.

“Ngakho asingabazi ukuthi iroast of Minnie Dlamini izojabulis­a abaningi, hhayi nje la ekhaya kuphela kodwa nakwamanye amazwe angomakhel­wane bethu,” kuchaza ulaura.

Uminnie ngesikhath­i kuvela lezi zindaba wathi ujabule ngokuthola ithuba elifana naleli.

Waveza ukuthi leli ithuba likhulu kuye njengoba kuzobe kugqanyisw­a umsebenzi wakhe awenzile endimeni yezobumnan­di.

Wathi konke okuzoshiwo ngozakwabo azobe enabo esiteji ngeke akufake enhliziywe­ni ngoba kuzobe kudlalwa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INGXENYE yosaziwayo abazobonak­ala begcona uminnie Dlamini ohlelweni iroast of Minnie okukhona kubo ulasizwe Dambuza, Celeste Ntuli notrevor Gumbi
Isithombe: SITHUNYELW­E INGXENYE yosaziwayo abazobonak­ala begcona uminnie Dlamini ohlelweni iroast of Minnie okukhona kubo ulasizwe Dambuza, Celeste Ntuli notrevor Gumbi
 ?? ?? MINNIE DLAMINI
MINNIE DLAMINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa