Ukuziqhelisa ekukhulumeni kwasemsebenzini
UMUNTU ojwayelekile isikhathi esiningi sempilo yakhe usihlala emsebenzini. Imvamisa emsebenzini kuphenduka ikhaya kanti emsebenzini kungabayindawo enokuthula ongachuma kuyona noma kubeyindawo egcwele ukukhuluma nepolitiki yasemsebenzini.
Nakuba izindawo zokusebenza eziningi zinokukhuluma kwakhona okuvamile, imibango, izingxabano zakho nepolitiki kwakhona, kepha okubalulekile wukuthi kuncike endleleni okuthatha ngayo noma okugwema ngayo.
Unks utammy Perkins, ungoti wamakhono efast Company yasemelika, uthi: “Kumqoka ukuqhubeka wenze umsebenzi wakho futhi uqhele ekukhulumeni. Ukukhuluma kwasemsebenzini akugcini nje ngokukhulumisana nokuthenana amandla kepha kuphazamisa ukusebenza.” Uqhuba athi: “Ukukhuluma kudala umsindo ongenasidingo nokuphazamiseka, okuthenana amandla futhi kuqede umdlandla wabasebenzi, umsebenzi nendawo yomsebenzi.”
Unks Perkins weluleka ngamaqhinga ache okugwema ingxabano engenasidingo yasemsebenzini ukuze kubenokuthula emsebenzini.
BEKA IMINGCELE
Beka imingcele ecacile ngokukhuthaza ukukhuluma, ukuchaza imisebenzi yabantu, ukuklama izinjongo nokubeka okulindeleke emsebenzini wabantu nokuvala ukuziphatha okunjengobubhoklolo.
KHETHA IZIMPI
Ungalwi zonke izimpi ofakwa kuzona. Khetha izimpi, uzikhethe ngobuhlakani. Akusizo zonke izimpikiswano ezidinga ukuthi uzisukumele noma okufanele zibeyindaba enkulu.
Amandla akho wafake ezintweni ezithinta umsebenzi wakho kuqala. Naka izinto ezithinta umsebenzi wakho nezinto ezimqoka, ungavumeli izinto eziyishinishi noma oxovizwe bakuphazamise.
GWEMA UKUGXEKA
Ungangeni esilingweni sokugxeka noma ubhodle ngabalingani bakho ngoba lokhu kwehlisa igama lakho. Ukukhuluma izinto ezingezinhle kungenza abanye abantu bakuthathe njengomuntu onezindaba, bese kukuphazamisa emsebenzini wakho
Yehlisa umoya, ungaxhamazeli futhi ungavuni muntu.
Zama ukuqonda izindlela abanye abantu ababuka izinto ngayo, ugxile ekulaleleni. Izinkinga zilungise nabantu eziqondene nabo, kunokuhlela noma ukusabalalisa amahlebezi.
THWALA IJOKA
Indlela esenza izinto ngayo iyijoka lethu. Uma kukhona umuntu okuhlubula umoya, ungakukhipheli kuyena. Indlela othatha izinto ngayo idinga ukuthi uyazi futhi uzikhuze wena, okuyizinto ezimqoka zokukwazi ukulawula imizwa yakho.
Ukuvuma iqhaza lethu ezinkingeni bese sizilungisa kuphucula indlela esiphilisana nabanye abantu ngayo nokugwema amaphutha.
UNGATHATHI NGENHLIZIYO
Khumbula ukuthi into eshiwo ngabanye abantu ngawe nendlela abakubuka ngayo ayisho ukuthi unjalo. Kuthathe njengemininingwane ewusizo kunokukuthatha ngokuthi kusho ubuwena.
Kungcono ukunaka ekuzweni okushiwo ngabantu (Ingabe umyalezo wami uzwakele?) kunokuthatha izinto ngenhliziyo (Ingabe abantu engisebenza nabo bayangithanda?) Ukwenza kanjani kuzonciphisa imizwa engemihle futhi kukukhulise.
BUKA IZINTO NGESO ELIHLE
Ukuphikisana kuyashiyana kanti kungakuphazamisa uma ukuthatha ngenhliziyo. Abanye abantu bayazwela bese bethatha izinto ngenhliziyo uma benza izinto.
Yehlisa umoya, uzithathe kahle izinto, ngisho nangabantu osebenza nabo ongabethembi nongabahloniphi ngokomsebenzi.
Ukuthatha izinto ngeso elihle kwenza wehlise umoya, okusiza ngokuthi ubathathe kahle abantu, kwandise umfutho emsebenzini futhi ukhuthazeke.
Kanjalo futhi ukubuka izinto ngeso elingelihle kuthenana amandla, kwehlise umdlandla emsebenzini. Ukunaka izisombululo, kunokugxila ezinkingeni kungakhuthaza abantu ophila nabo. Ukwenzenjalo kudinga umdlandla kodwa imiphumela inamandla amakhulu.