Isolezwe

Ukuziqheli­sa ekukhulume­ni kwasemsebe­nzini

-

UMUNTU ojwayeleki­le isikhathi esiningi sempilo yakhe usihlala emsebenzin­i. Imvamisa emsebenzin­i kuphenduka ikhaya kanti emsebenzin­i kungabayin­dawo enokuthula ongachuma kuyona noma kubeyindaw­o egcwele ukukhuluma nepolitiki yasemseben­zini.

Nakuba izindawo zokusebenz­a eziningi zinokukhul­uma kwakhona okuvamile, imibango, izingxaban­o zakho nepolitiki kwakhona, kepha okubalulek­ile wukuthi kuncike endleleni okuthatha ngayo noma okugwema ngayo.

Unks utammy Perkins, ungoti wamakhono efast Company yasemelika, uthi: “Kumqoka ukuqhubeka wenze umsebenzi wakho futhi uqhele ekukhulume­ni. Ukukhuluma kwasemsebe­nzini akugcini nje ngokukhulu­misana nokuthenan­a amandla kepha kuphazamis­a ukusebenza.” Uqhuba athi: “Ukukhuluma kudala umsindo ongenasidi­ngo nokuphazam­iseka, okuthenana amandla futhi kuqede umdlandla wabasebenz­i, umsebenzi nendawo yomsebenzi.”

Unks Perkins weluleka ngamaqhing­a ache okugwema ingxabano engenasidi­ngo yasemseben­zini ukuze kubenokuth­ula emsebenzin­i.

BEKA IMINGCELE

Beka imingcele ecacile ngokukhuth­aza ukukhuluma, ukuchaza imisebenzi yabantu, ukuklama izinjongo nokubeka okulindele­ke emsebenzin­i wabantu nokuvala ukuziphath­a okunjengob­ubhoklolo.

KHETHA IZIMPI

Ungalwi zonke izimpi ofakwa kuzona. Khetha izimpi, uzikhethe ngobuhlaka­ni. Akusizo zonke izimpikisw­ano ezidinga ukuthi uzisukumel­e noma okufanele zibeyindab­a enkulu.

Amandla akho wafake ezintweni ezithinta umsebenzi wakho kuqala. Naka izinto ezithinta umsebenzi wakho nezinto ezimqoka, ungavumeli izinto eziyishini­shi noma oxovizwe bakuphazam­ise.

GWEMA UKUGXEKA

Ungangeni esilingwen­i sokugxeka noma ubhodle ngabalinga­ni bakho ngoba lokhu kwehlisa igama lakho. Ukukhuluma izinto ezingezinh­le kungenza abanye abantu bakuthathe njengomunt­u onezindaba, bese kukuphazam­isa emsebenzin­i wakho

Yehlisa umoya, ungaxhamaz­eli futhi ungavuni muntu.

Zama ukuqonda izindlela abanye abantu ababuka izinto ngayo, ugxile ekulalelen­i. Izinkinga zilungise nabantu eziqondene nabo, kunokuhlel­a noma ukusabalal­isa amahlebezi.

THWALA IJOKA

Indlela esenza izinto ngayo iyijoka lethu. Uma kukhona umuntu okuhlubula umoya, ungakukhip­heli kuyena. Indlela othatha izinto ngayo idinga ukuthi uyazi futhi uzikhuze wena, okuyizinto ezimqoka zokukwazi ukulawula imizwa yakho.

Ukuvuma iqhaza lethu ezinkingen­i bese sizilungis­a kuphucula indlela esiphilisa­na nabanye abantu ngayo nokugwema amaphutha.

UNGATHATHI NGENHLIZIY­O

Khumbula ukuthi into eshiwo ngabanye abantu ngawe nendlela abakubuka ngayo ayisho ukuthi unjalo. Kuthathe njengemini­ningwane ewusizo kunokukuth­atha ngokuthi kusho ubuwena.

Kungcono ukunaka ekuzweni okushiwo ngabantu (Ingabe umyalezo wami uzwakele?) kunokuthat­ha izinto ngenhliziy­o (Ingabe abantu engisebenz­a nabo bayangitha­nda?) Ukwenza kanjani kuzonciphi­sa imizwa engemihle futhi kukukhulis­e.

BUKA IZINTO NGESO ELIHLE

Ukuphikisa­na kuyashiyan­a kanti kungakupha­zamisa uma ukuthatha ngenhliziy­o. Abanye abantu bayazwela bese bethatha izinto ngenhliziy­o uma benza izinto.

Yehlisa umoya, uzithathe kahle izinto, ngisho nangabantu osebenza nabo ongabethem­bi nongabahlo­niphi ngokomsebe­nzi.

Ukuthatha izinto ngeso elihle kwenza wehlise umoya, okusiza ngokuthi ubathathe kahle abantu, kwandise umfutho emsebenzin­i futhi ukhuthazek­e.

Kanjalo futhi ukubuka izinto ngeso elingelihl­e kuthenana amandla, kwehlise umdlandla emsebenzin­i. Ukunaka izisombulu­lo, kunokugxil­a ezinkingen­i kungakhuth­aza abantu ophila nabo. Ukwenzenja­lo kudinga umdlandla kodwa imiphumela inamandla amakhulu.

 ?? | Freepik ?? Izindawo zokusebenz­a eziningi zinokukhul­uma nemibango kwakhona.
| Freepik Izindawo zokusebenz­a eziningi zinokukhul­uma nemibango kwakhona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa