Isolezwe

Amasu okuthi abasebenzi bahlale benomdland­la

-

UKWENZA ukuthi abasebenzi bahlale benomdland­la yinsika yenkampani enempumele­lo. Abasebenzi abanomdlan­dla bamandla ngokukhuth­ala nokuba nezindlela ezintsha zokwenza izinto nokuzinike­la ekuphumele­liseni izinjongo zenkampani.

Uma abasebenzi benomdland­la benza okungaphez­u kokulindel­eke kubona nomsebenzi wabo, bazenzele ezinye izinto – baphokophe­le ukushaya into ecokeme. Abasebenzi abanomdlan­dla benza izinto ezinkulu futhi makhulu amathuba okuthi bahlale emsebenzin­i, ngakho kumqoka ukuqonda ukubalulek­a kokukhutha­zeka kwabaseben­zi nokuthi uthathe izinyathel­o zokukhutha­za lokhu.

Nazi izindlela zokuthi ithimba lakho lithelwe ngezibonko­lo:

YAZI AMANDLA

Abantu bakhuthazw­a yizinto ezingefani kanti njengoba uwumqashi, kumqoka ukwazi ukuthi umuntu ngamunye ukhuthazwa yini. Ezinye izinto ezifanayo ezikhuthaz­a abantu wukunconyw­a, imihlomulo namathuba okukhula emsebenzin­i, ukukwazi ukwenza izinto zabo nomsebenzi, yindawo emnandi yokusebenz­a nomuzwa wenjongo.

INDAWO EMNANDI

Uma abantu bezwa baziswa, behlonishw­a futhi besekwa, makhulu amathuba okuthi bakhuthaze­ke ukushaya into ecokeme emsebenzin­i. Ukuvama ukubheka abantu obaphethe, ukubasola ngokwakha nokukhutha­za ukuxhumana ngokukhulu­leka kungabaneq­haza ekuthemban­eni

nasekubamb­isaneni.

UKUXHUMANA KAHLE

Ukukwazi ukuxhumana nokwelulek­ana kungabaneq­haza elimqoka ekutheni abasebenzi bakhuthaze­ke.

Ukuxhumana okucacile kwenza ukuthi abantu obaphethe baqonde umsebenzi wabo nokulindel­eke kubona. Kuqiniseki­sa ukuthi wonke umuntu uyakwazi okulindelw­e yinkampani.

Ukuvama ukuxoxa, noma ngabe ngezinto ezimbi noma ezinhle, kwenza abasebenzi ukuthi baqonde ukuthi baqhuba kanjani futhi kubanike amathuba okukhula nokuthuthu­ka emsebenzin­i.

UKUNCONYWA NEMIHLOMUL­O

Ukuncoma nokuhlomul­isa umsebenzi wabasebenz­i yizindlela ezinamandl­a zokwenza ukuthi ithimba lakho lihlale likhuthaze­kile.

Uma abasebenzi bebona ukuthi umsebenzi wabo wokuzikhan­dla uyabonakal­a, makhulu amathuba okuthi bahlale bekhuthaze­kile nokuthi baqhubeke basebenze ngokuzikha­ndla.

Lokhu kungenziwa ngezindlel­a ezihlukene njengemikl­omelo yanyanga zonke, ukugubha ndawonye, amabhonasi noma izenzo ezincane zokubonga njengemiya­lezo yokubonga eqondene nomuntu ngamunye.

AMATHUBA OKUKHULA

Abasebenzi makhulu amathuba okuhlala bekhuthaze­kile uma benikwa amathuba okusimama futhi bebona amathuba okukhula ngaphakath­i enkampanin­i.

Ukunika abasebenzi amathuba okufunda izinto ezintsha, ukuyocijwa amakhono noma ukwenza imisebenzi ebakhulisa­yo akugcini nje ngokubakhu­lisa ngamakhono kodwa futhi kukhombisa inkampani ukuthi inothando lokukhula kwabo.

Abaqashi bangakhuth­aza abasebenzi ngokwenza izinhlelo zokubasima­misa, benze izinhlelo zokubacija noma bakhokhele izitifiket­i zemfundo.

ISIKO LOKUSEBENZ­ISANA

Ukwakha isiko lokusebenz­isana kumqoka ekutheni abasebenzi bahlale bekhuthaze­kile.

Uma abasebenzi bezwa bexhumene nabalingan­i babo futhi bezizwa besekhaya makhulu amthuba okuthi bakhuthaze­ke futhi babeneqhaz­a empumelelw­eni yethimba lonke.

Abaqashi bangenza isiko lobunye emsebenzin­i ngokugqugq­uzela ukubambisa­na, ukusebenza njengethim­ba nokukhulum­a ngokuxhuma­na.

Imidlalo yamathimba, njengokuse­benzela ngaphandle kwendawo yomsebenzi noma ukuvama ukuyodla ndawonye, kungaqinis­a ubudlelwan­o.

 ?? | Freepik ?? Ukuncoma umsebenzi womuntu yinto elula kodwa enamandla yokwenza ukuthi bahlale bekhuthaze­kile.
| Freepik Ukuncoma umsebenzi womuntu yinto elula kodwa enamandla yokwenza ukuthi bahlale bekhuthaze­kile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa