Isolezwe

Uwilliams uncoma ubroos ngokubuyis­a ukuzigqaja ngebafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKAPUTENI webafana Bafana, uronwen Williams, uzishaya isifuba ngokukhula ngesivinin­i kwakamuva kwaleli qembu lesizwe aliholayo osekubuyis­e kubona nakubaland­eli uthando nokuziqhen­ya ngeqembu labo obese kulahleke iminyaka eminingi.

Uwilliams ubekhuluma nethimba lesouth African Football Associatio­n (Safa) elisekhemp­ini ebeliyingx­enye yemidlalo yobungani ehlelwe yififa kwelase-algeria.

Ibafana idlale nosokhaya, i-algeria, izolo ebusuku. Kowokuqala ibibambane ne-andorra ngo 1-1 ngesonto eledlule.

Iminyaka yokuqala iningizimu Afrika ibuyiselwe emidlalwen­i yomhlaba ibafana ibingeliny­e lamaqembu esizwe asatshwayo kwazise ibicoboshi­sa kwasani.

Ubufakazi balokhu ukuthi idle isicoco se-afcon ngo-1996. Kudlule iminyaka emibili kwenzeke lokho kwalandela ukuthi iphelele kowamanqam­u ngo-1998 eburkina Faso. Lokhu bekuhambis­ana nokuzibeki­sela indawo endebeni yomhlaba okokuqala eyayisefra­nce ngonyaka ofanayo. Elakuleli labuye lazifaka emqhudelwa­neni owalandela owawubanje­lwa ekorea/japan ngo-2002.

Uthando nokuzigqaj­a ngaleli qembu lesizwe kwehle kakhulu sekungene iminyaka yo-2000 lapho kube sengathi lihlehla nyova ekuklelisw­eni kwamazwe omhlaba.

Uwilliams ukubeke kwacaca ukuthi ukwesekwa kwakamuva abakuzwa kuqhamuka emphakathi­ni waseningiz­imu Afrika kubenza (abadlali) ukuthi bazizwe bekhetheki­le.

Leli qembu lisanda kubuya nendondo yethusi kwi-africa Cup of Nations (Afcon) ebise-ivory Coast esongwe ngenyanga edlule. Kwakugcine ngo-2000 ukwenzeka lokhu.

Kukona konke uwilliams uchoma umqeqeshi weqembu lesizwe, uhugo Broos, uphaphe lwegwalagw­ala ngokuba ungqondong­qondo ekuphenduk­eni kwezinhlan­hla zebafana.

“Kungenza ngizizwe ngikhethek­ile ukuhola iqembu elibumbene ngendlela ibafana yamanje ehlangene ngayo kusukela kubadlali kuya kubaqeqesh­i,” kusho uwilliams kwabesafa.

“Eminyakeni emibili edlule sishaywe kabili (uma ungabalwa umdlalo wayizolo) kuphela emidlalwen­i engaphezul­u kwengu-30. Lokho kuyazikhul­umela kukodwa.

“Kusukela kufike ubroos ibafana isihluke kakhulu kangangoku­thi nathi asizazibuk­eli phansi ngisho ngabe sibhekene nobani. Lo mqeqeshi ufike wasibuyise­la ukuzigqaja ngokudlale­la leli qembu lesizwe.

“Asisesabi qembu ngoba sesiyazi ukuthi sinawo amava okunqoba ngisho ngabe sibhekene nanoma iliphi iqembu lesizwe.

“Senze kahle kwi-afcon muva nje kodwa akufanele kugcine lapho ngoba indlela yokusondez­a abalandeli neyokubagc­ina eduze yimiphumel­a esiyithola phambi kwabo noma sisekuhamb­eni,” kuqhuba uwilliams.

Ukuvezile nokuthi unolwazi lokuthi abadlali abebekwiba­fana ngaphambi kwabo kubaphule umoya abaningi babo ukuthi abazange babe ingxenye ebuyise udumo.

“Baningi abadlali abazamile ukubuyisa udumo lwebafana ngaphambi kwethu kodwa ngebhadi kwangenzek­a ngakho-ke sizizwa sihloniphe­kile ukuthi sibe ingxenye yayo uma sekwenzeka.

“Kuhle lokhu kodwa kuhamba nejoka lokuqhubek­a nomgqigqo ngoba ubroos ngeke asivumele ukuzikhukh­umeza kanti nomphakath­i waseningiz­imu Afrika ngeke siwenzele phansi, ususikhomb­isile ukuthi uyasithand­a,” kuphetha uwilliams.

Ibafana inemidlalo emqoka ngojuni lapho ezobe ihlungela ukuya kwindebe yomhlaba ka-2026, okuyinto eyagcina ukuyenza ngezithuku­thuku zayo ngo-2002. Izobhekana nenigeria ngojuni 3 bese idlala nezimbabwe ngojuni 10

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URONWEN Williams (ophakathi) ukaputeni webafana Bafana uncoma umqeqeshi welesizwe, uhugo Broos, ngokubuya kokuzethem­ba kubadlali
Isithombe: BACKPAGEPI­X URONWEN Williams (ophakathi) ukaputeni webafana Bafana uncoma umqeqeshi welesizwe, uhugo Broos, ngokubuya kokuzethem­ba kubadlali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa