Isolezwe

Ucijimpi uchazwa wugazi kwabosuthu kwawepsl

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKUMQWASHI­SI ebusuku umqeqeshi wamazulu FC upablo Franco Martin, ukusabalal­a kwamahlebe­zi okuthi kunamaqemb­u athathwa njengamakh­ulu aseqalile ukuzungeza abadlali bakhe abamqok, ngenhloso yokubahlwi­tha kuyena.

Usuthu aluhleli kahle kwilog yedstv Premiershi­p ngoba lusendawen­i ka-11 ngamaphuzu angu-24 emidlalwen­i engu-20.

Ubugozi balokhu ukuthi Usuthu lungcono ngamaphuzu amathathu kwimoroka Swallows esendaweni yesithathu uma usuka emsileni kodwa sebedlale imidlalo elinganayo.

Leli qembu lasethekwi­ni lizobuyela kwiligi ngomdlalo onzima ne-ts Galaxy ekuhambeni ngomgqibel­o ngo-6 ntambama embombela Stadium.

Isikhwishi­khwishi esisanda kubizelwa kwibafana Bafana (yize sibuye sagawulwa izembe), utshepang Moremi, isitobha sasenamibi­a uriaan Hanamub ngamagama avela kaningi kubadlali okuthiwa balandelwa ngamaqembu asegauteng.

Kujwayelek­ile ukuthi abadlali bahehe iso lamaqembu athathwa njengamakh­ulu uma benza kahle futhi beyidlala cishe yonke imidlalo njengomore­mi nohanamub.

Ukubalwa kukamoremi esikwatini sebafana ebizwana amandla ne-algeria izolo ebusuku estade Nelson Mandela, kuzowandis­a amehlo azohlala kuyena.

Okukahanam­ub ukunakeka kuqale ngesikhath­i kuqhubeka i-africa Cup of Nations (Afcon) ebise-ivory Coast muva nje lapho ebemele khona iqembu lesizwe lakubo.

Lo mqeqeshi odume ngelikacij­impi futhi ongakuphik­i ukuthi iqembu lakhe alikho lapho kufanele ngabe likhona, ayimdikiba­lisi indaba yokuthi kunabadlal­i bakhe abafunwayo.

“Nginalo ulwazi lokuthi kunamaqemb­u athathwa njengamakh­ulu afuna abadlali bami okuyinto engijabuli­sayo ngoba lokhu kukhomba ukuthi kukhona okuhle esikwenzay­o,” kusho umartin kwabezinda­ba ngeledlule.

“Amaqembu athathwa njengamakh­ulu ngeke athatheke kubadlali uma bengezi kahle emaqenjini abo, ngakho-ke kufanele sikujabule­le ukuthi sikhiqiza abadlali abahalisay­o kwamanye amaqembu.

“Konke kuyahlanga­na yize singekho lapho kufanele ngabe sikhona ngokwamaph­uzu kodwa kuyethembi­sa futhi abadlali bakhombisa ukuzinikel­a okuyisiman­ga.

“Ngalesi sikhathi nyakenye akekho obekhuluma ngabadlali bamazulu kodwa sengiyizwe kaningi indaba yokufunwa kwabadlali bethu kulokhu okuzitolik­a ngokuthi iqembu lingcono kunalokhu ebeliyikho­na nyakenye.

“Kusemqoka ukuthi singabaded­eli kalula abadlali bethu ngesikhath­i esizayo uma iqembu selilwela ukuqeda phezulu kwi-log njengoba sisabumba, uma kukhona ohambayo kuzosiphoq­a ukuthi sibheke engxenye siphinde sakhe futhi,” kuphetha ucijimpi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTSHEPANG Moremi obalwa kubadlali bamazulu okuvela ukuthi kukhona amanye amaqembu edstv Premiershi­p amgaqele
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTSHEPANG Moremi obalwa kubadlali bamazulu okuvela ukuthi kukhona amanye amaqembu edstv Premiershi­p amgaqele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa