Isolezwe

Utinkler akafuni banake izinkinga zechiefs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI wecape Town City, u-eric Tinkler, akafuni abadlali bakhe balalele okushiwo ngefomu yekaizer Chiefs ngoba lokhu kungaba isiqalo sokungena kwamanzi endlini.

Icity izokwamuke­la Amakhosi okungacaci ngendlela ayithatha ngaphansi kwesandla sikacavin Johnson, obanjiswe umsebenzi kuze kuphele isizini.

Umdlalo ungomgqibe­lo ngo-3 ntambama e-athlone Stadium, ekapa.

Amakhosi asendaweni yesikhombi­sa kwi-log kwazise asanqobe kanye emidlalwen­i yawo yeligi emihlanu edlule okwenza abaningi bawubone ulula lo mdlalo, ngokusho kukatinkle­r.

Iqembu lakhe alikho efomini engcono kangako kwelechief­s ngoba kwemibili edlule likhale ngaphansi kanti nalo lisanqobe kanye kweyisikho­mbisa yeligi edlule.

Utinkler, osakubheki­le ukuqeda endaweni yesibili kwi-log, uxwayise abadlali bakhe ngobungozi bokulalela okushiwo kwabezinda­ba ngakubiza ngehaba lezinkinga okuthiwa zikhungeze ichiefs.

Ngenxa yokulahla amaphuzu, icity seyehlele endaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu awu-31 emidlalwen­i ewu-20.

“Okungcono ukuthi asikho kangako isidingo sokucija abadlali ngoba sibhekene nelinye lamaqembu athathwa njengamakh­ulu ebholeni laseningiz­imu Afrika,” kusho utinkler kwabezinda­ba ekapa izolo.

“Ifomu esikuyona kulezi zinsuku iyasiphoqa ukuba sinqobe kodwa lokhu akusho ukuthi sizozigwaz­ela ibhece kwichiefs. Ngisho ngabe kuthiwani ngechiefs kwabezinda­ba, ungayizeli ngobuso ngoba iyaphapham­isana uma uyibhayize­la.

“Ichiefs inabagadli abanejuban­e elithusayo okuyinto abayiseben­zisa bangabi nankinga ngakho-ke kumqoka ukuya kulo mdlalo siwavule wonke amehlo,” kuqhuba yena.

Yize ichiefs iya kulo mdlalo ngaphandle kukayusuf Maart no-edson Castillo ngenxa yezigwebo zamakhadi kodwa utinkler ubadonse ngendlebe abadlali bakhe.

“Iphutha abadlali bami abangalenz­a ukulalela okushiwo kwabezinda­ba ngechiefs bese beya kulo mdlalo ngalowo mqondo.

“Siyawading­a amaphuzu ngoba sizibona njengeqemb­u okufanele liqede kwitop 8 minyaka yonke. Ngenhlanhl­a sisekhona nasembangw­eni wokudlala icaf Champions League ngesizini ezayo ngoba esibanga nabo bakhethe ukusilinda.

“Okokuqala okufanele sikwenze ukufika emaphuzwin­i angu-40 kodwa konke kuqala ngomdlalo wechiefs enginganga­bazi ukuthi singawunqo­ba yize uzobe unzima,” kuphetha utinkler.

Nakuba umdlali wecity, udarwin Gonzalez, esebuyile ekulimalen­i kodwa uthabiso Kutumela nomarc van Heerden kubanjwe umoya ngabo ng*enxa yokulimala.

 ?? ?? U-ERIC Tinkler, oqeqesha icape Town City, akafuni bayihlomek­ele ikaizer Chiefs abazodlala nayo kowedstv Premiershi­p ngomgqibel­o, ekapa
Isithombe: BACKPAGEPI­X
U-ERIC Tinkler, oqeqesha icape Town City, akafuni bayihlomek­ele ikaizer Chiefs abazodlala nayo kowedstv Premiershi­p ngomgqibel­o, ekapa Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa