Isolezwe

I-popcru ichitha isiphakami­so sika- 4.7% sokwenyusw­a kwamaholo

- KHULEKANI MASEKO

INYUNYANA yamaphoyis­a, i-police and Prisons Civil Rights Union isichithil­e isinqumo sokukhushu­lelwa kwabaseben­zi bakahulume­ni amaholo ngo- 4,7%, okumenyeze­lwe wungqongqo­she wezisebenz­i zikahulume­ni nokuphathw­a, unkk Noxolo Kiviet, ngesonto eledlule.

Unkk Kiviet uthe ngokwesinq­umo esathathwa ezingxoxwe­ni zamaholo nyakenye emhlanganw­eni wesigungu esihlangan­isa umqashi nabamele abasebenzi, i-public Sector and Coordinate­d Bargaining Council, uhulumeni uzothi phohlo ngo- 4.7% emaholweni abasebenzi kusuka ngo- Ephreli, 1, ngesonto elizayo.

I-popcru ithi ayikaze isisayine lesi sivumelwan­o nyakenye ngoba ikholwa ukuthi ukwenyuswa kwamaholo abasebenzi ngale ndlela kuyinhlamb­a kumalungu ayo futhi kuwukuwabu­kela phansi.

Umengameli we-popcru umnuz Thulani Ngwenya, uthe lesi siphakamis­o singaphans­i ngisho kwezindlek­o zempilo njengoba zifinyelel­e ku- 5.6% ngenyanga edlule.

“Ukukhushul­wa kwemali ngaleli phesenti, kukhombisa ukuthi uhulumeni akanandaba kangakanan­i nabasebenz­i bakhe.

“Akwenele ekutheni kungaphucu­la impilo yabasebenz­i emazingeni aphansi nokumelana nezindleko ezikhuphuk­ayo zemihla yonke. Asiwakholw­a amampunge kahulumeni owayethi akubeke etafuleni ukuphela kwento angakwazi ukuyinikez­a abasebenzi, ngakho asisayinan­ga,” kusho ungwenya.

Uthe abezinye izinyunyan­a, babaxwayis­a ngokusayin­a lesi sivumelwan­o seminyaka emibili sokukhushu­lwa kwamaholo, ngakho sekuyisikh­athi sokuthi kuvikelwe abasebenzi.

Ngo-2022, le nyunyana yaba nokhukhule­langoqo wemashi ngenhloso yokuphoqa uhulumeni ukuthi enze okuthiwa wayekuthem­bisile ngo-2018 kokuthi ngonyaka wezimali u-2020/2021, uzokhuphul­a imiholo yabasebenz­i ibe ngaphezulu ngephesent­i elilodwa, ephesentin­i lezindleko zempilo.

Okunye ababekumas­hela, ukukhushul­wa kwamaholo abasebenzi ngo- 3% okuthiwa umqashi wakwenza ngaphandle kokuvumela­na nezinyunya­na zabasebenz­i.

Nakuba i-popcru engaphansi komfelanda­wonye wezinyunya­na icosatu engamadlel­andawonye nenhlangan­o ebusayo I-ANC bavumelana ngokuthi bazokwesek­a le nhlangano njengoba kubhekwe okhethweni, kodwa ungwenya uthe abasebenzi abangamalu­ngu abo sebetsheng­ise ukumungaba­za uhulumeni ekutheni akazikhath­alele izidingo zabo, ngakho bakulungel­e ukungena emgwaqweni.

“Okwamanje kubukeka sengathi abasebenzi bashaywa ngesithend­e njengoba kungekho iqembu lezepoliti­ki eliphumele obala ngamalunge­lo abasebenzi ngesikhath­i ekhankasa enxenxa amavoti. Noma ngabe yiliphi iqembu elizovotel­wa ngomeyi kumele lazi ukuthi abasebenzi bazohleze bekhona nangale kukameyi,” usho kanje.

 ?? ?? UMENGAMELI wepopcru, umnuz Thulani Ngwenya
UMENGAMELI wepopcru, umnuz Thulani Ngwenya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa