Isolezwe

Ukuziphath­a kahle kwabantu kungehlisa ulaka lwezingozi ngephasika

-

KULE mpelasonto izigidi zamakholwa umhlaba wonke zigubha isikhathi esimqoka emlandweni wobukrestu - sokuhlushw­a, ukubethelw­a nokuvuka kwenkosi ujesu Kristu.

Kubalandel­i bale nkolo le mpelasonto ingukufiny­elela esiphethwe­ni sesikhathi sokuzila okuhlotsha­niswa nokugonqa ehlane kukajesu izinsuku ezingu-40 okulotshwe ngakho ebhayibhel­ini. Kuba futhi yisikhathi sokuvusele­lwa kokuhlukan­a nesono kulabo abazibophe­zele ebukholwen­i. Kwabagcots­hiwe lesi yisithuba sokuvusele­la izifungo zabo ngokuzinik­ela obizweni abakulo.

Uvuthondab­a lwakho konke ukukhumbul­a ukufa nokuvuka kukajesu okwenzeka ezinsukwin­i ezintathu - kusukela ngolwesihl­anu kuya esontweni - nokuyisona sizalo senkolo yobukrestu. Ubukhulu bale ndaba yokufa "nokunqotsh­wa kokufa" bubonakala ngezinkonz­o ezithi chithi saka umhlaba wonke unyaka nonyaka njengoba kuzokwenze­ka kule mpelasonto.

Kuyaqaphel­eka-ke ukuthi ubukhona bamaholidi okugubha lesi sikhathi esibizwa ngephasika nesiluphaw­u lwenkululo kumakrestu sibuye sibe ngesidala ukukhathaz­eka, ikakhulu kuleli, ngenxa yokuphithi­zela emigwaqwen­i okuza nezingozi. Ngeshwa ukuba ubudedengu kwabantu obubhebhet­hekiswa kakhulu nawuphuzo oludakayo esizweni.

Miningi imiphefumu­lo ephumayo ngenxa yokweqiwa kwemigomo ebekelwe ukusetshen­ziswa kwemigwaqo kuleli. Lokhu-ke kuyaphamba­na nesizathu sobukhona bala maholidi amsuka wawo kungunqots­hwa kokufa nokukhulul­wa komuntu esonweni, ngokwenkol­o yobukrestu.

Akunampiki­swano ngokuthi abenkolo yobukrestu nabayinzal­o yabo bayiningi kuleli. Kungalesi sizathu sithi uma lelo ningi lingabuyel­a ezimisweni zalezi zinsuku ngokuziqoq­a kungaba nomehluko kwezokuphe­pha. Awucabange nje ubumnandi benhlokomo yokukhumbu­la ukuvuka kukakristu ngesonto uma kungehla ulaka lwezingozi emigwaqwen­i? U-ameni nohaleluya ungaba nomsoco ohlukile.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa