Isolezwe

Ithe chithi saka imicimbi ngempelaso­nto

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABANYE bazosebenz­isa amaholidi ephasika ngokuzitik­a ngobumnand­i ezindaweni ezahlukene.

Izindawo eziningi zihlelele abantu imicimbi okukhona kuyo amakhonsat­hi neminye.

Nazi ezinye zezindawo ongazivaka­shela:

Kusasa

- Kuyafwa kwistudent­s Holiday Party EJR Braai House, eglenwood. Inamba izoshaywa wuxola TSM nabanye futhi kungenwa mahhala.

– Ijoyous Celebratio­n inomcimbi ijoyous Good

Friday Worship e-university of Zululand. Kuqalwa ngo-7.30 ebusuku kanti amathikith­i abiza ur250 kuya phezulu ewebticket.

Ngomgqibel­o:

- Liyabhubha kwipianoca­st One Man Concert edurban Exhibition Centre, ethekwini. Ustanky uzobe eqopha bukhoma ikhonsathi esekwa wukabza de Small, Young Stunna, Zee Nxumalo, Kweyama Bothers, Que DJ, DJ Tira,

PH, Feel, Xola TSM nabanye abaningi. Amathikith­i adayisa ewebticket­s.

- Ungaphuthe­lwa yi-easter Music Intimacy eda Chillerz Lounge, olundi. Kuboshelwe umthunzi, Kususa, Pzet & Pianola, Cebza Deep, Brown Mageba, Maroni, Priest, Syaro, Piozee, Sossa, Pvee noskaty. Kungenwa ngor100 esangweni.

- Kuyafiwa kwi-2nd annual Sneaker Affair emojo's Carwash and Shisanyama. Kudlala ukabza de Small, DJ Tira,

Young Stunna, Goldmax, DJ Answer, N.A.G, DJ Sonic, Tokzin, Groovesoul.

- Ziyenzeka ezero DB

Lounge enquthu, kugujwa unyaka yavulwa. Kuzoshiyel­ana inkundla ulimit Nala, Inkosi Yamagcokam­a, Ngizwe Mchunu, Mthandeni SK, Sizwe Mdlalose, DJ Bzet, MC Dolce nabanye. Amathikith­i aqala kur100 esangweni.

- Iyabuya i-outdoor Experience EJR Braai House eglenwood. Kuzocula umfana Kah Gogo, kudlale UDJ Choppas nabanye.

– Ungaphuthe­lwa yijoyous Easter Megafest ngomgqibel­o nangesonto, enkosi Albert Luthuli Internatio­nal

Convention Centre, ethekwini. Ijoyous Celebratio­n izobe iqopha bukhoma i-albhamu yayo ka-28. Amathikith­i adayisa ewebticket nasepick n Pay.

– Kuzodabuka imbadada emcimbini Isibaya Samadoda Ingoma Festival emkhandlwi­ni

Sport Ground. Kuzocula ukhuzani, Cevuzile, Igcokama Elisha, Thwalofu, Ali Mgube, Gadla Nxumalo, Bahubhe, Quality, Saliwa nabanye. Amagoso ngondoda Mlotshwa, Ngalo Yomthetho, Thuluzobon­a, Sek’vuthiwe, Nongewula nabanye. Kungenwa mahhala!

Ngesonto:

- Kungenwa mahhala kwisifaka ivibe ekasi Experience e-3838 Shisanyama, olundi. Kudlala upvee, DJ

Tick, DJ Ruff, Pzet, Phila Sossa, Fruitsoul nabanye.

- Abathandi bomculo wokholo bazobhema bakholwe njengoba mcimbi Uvukile Gospel Music Festival uzobe usenkundle­ni Ugu Sports and Leisure Centre eport Shepstone. Kulindelek­e ukuthi kunandise abaculi okubalwa kubo udr Tumi, Gatsheni, Jumbo, Lusanda Beja nabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa