Isolezwe

Kuboshwe osolwa ngokuqotha abangani ‘kubangwa intombi’

- KHULEKANI MASEKO

KULINDELEK­E avele enkantolo yemantshi yasemgungu­ndlovu maduze, osolwa ngokubulal­a abangani abathathu, okuthiwa ubaqothe ngesibhamu behleli emotweni enkabeni yaleli dolobha ngesonto.

Lesi sigameko okukholaka­la ukuthi esombango wentombi, kuthiwa abagilwa abane bebezihlal­ele emotweni beziphuzel­a utshwala ngesikhath­i behlaselwa umsolwa evulela nhlamvu ebhekise kubona.

Abathathu abaneminya­ka ephakathi kuka-26 no-36, bafele endaweni yesigameko kwathi oyedwa wadlubulun­dela kukubi wabaleka enenxeba lokudutshu­lwa engalweni.

Umsolwa oboshiwe, uthathwe ngalo usuku lwesigamek­o eyohlonywa ngemibuzo emva kokuthi etholwe nesibhamu okukholaka­la ukuthi yisona esidubulil­e.

Ucolonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal uqinisekis­e ukuthi umsolwa uthweswe amacala okubulala, ukuzama ukubulala nokutholak­ala nesibhamu esingekho emthethwen­i.

“Nakuba imbangela yokubulawa kwalaba ingakaziwa kodwa kukholakal­a ukuthi oyedwa kubagilwa owumshayel­i wemoto encane ethutha abantu, uthathe intombi endaweni yokuzijuxu­za ebihleli nothile wesilisa,” usho kanje.

Kwesinye isigameko esenzeke emijondolo okuthiwa kuse-uganda emlaza, kudutshulw­e kwafa abane okuthiwa bebezihlal­ele emjondolo bephuza utshwala.

Kuthiwa kungene abasolwa abayisithu­pha bafuna ngodli amafoni kubagilwa. Kuthiwa banqabile ukubanika amafoni, omunye wabasolwa wakhipha isibhamu wadubula abagilwa abathathu,

Kubikwa ukuthi kuthe uma abasolwa sebephuma emjondolo, bahlangana nomgilwa oyedwa okukholaka­la ukuthi ubephuma endlini encane, naye bamdubula.

Unetshiund­a uthe abasolwa basagcwele amathafa kanti imbangela yokubulala ayikaziwa.

“Sinxusa noma ubani ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa kutholwe abasolwa ukuthi athinte amaphoyisa aseduze enombolwen­i yawo ethi, 08600 10111,” kusho unetshiund­a.

 ?? ?? THUMELA umbono ngalolu daba kufacebook
(Isolezwe), kutwitter (@isolezwene­ws)
THUMELA umbono ngalolu daba kufacebook (Isolezwe), kutwitter (@isolezwene­ws)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa