Isolezwe

Urhulani uhlela ukwendlale­la iyanga ngerichard­s Bay

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI wemamelodi Sundowns, urhulani Mokwena, uzoke athi ukukubeka eceleni okwenzeke etanzania ngempelaso­nto, agxile ekuhlelele­ni ukuthi amaphuzu amathathu uzowathath­a kanjani kwirichard­s Bay FC kowedstv Premiershi­p namuhla ngo-7.30 ebusuku eloftus Versveld.

Umokwena ukusho lokhu esithangam­ini nabezindab­a kulandela ukubambana kwezakhe ngo 0-0 neyoung Africans SC (Yanga) yasetanzan­ia kowomlenze wokuqala we-quarter final yecaf Champions League ngomgqibel­o ekuhambeni.

Ngaphambi kowomlenze wesibili oseloftus ngolwesihl­anu ebusuku, isundowns kufanele yamukele kule nkundla ibay edonsa kanzima kwiligi nokufakaze­lwa yindawo embi ehleli kuyona kwi-log.

Emuva kwalo mdlalo isundowns ewuphathe wonke ngomgqibel­o ebenjamin Mkapa Stadium kodwa yahluleka ukuthola igoli lasekuhamb­eni, umokwena ubuzwe ngokuhluki­le azokwenza kowomlenze wesibili ukuze ezodlulela phambili kwichampio­ns League.

Nakuba impendulo yakhe ikubeke kwacaca ukuthi ngokwakhe iqembu lakhe selingenil­e kowandulel­a owamanqamu wechampion­s League, ububalulil­e ubumqoka bokuzixaka ngebay kuqala.

“Angikungab­azi ukuthi isundowns izodlulela phambili kwichampio­ns League kodwa okumqoka okwamanje ukuphumula ngendlela eyanele bese siqala amalungise­lelo okubhekana nerichards Bay.

“Okwamanje akukho engingakus­ho ngomdlalo womlenze wesibili neyanga ngoba sinomdlalo onzima ngolwesibi­li (namuhla), nerichards Bay,” kuqhuba umokwena.

Isundowns idlale neyanga ngaphandle kukangqond­ongqondo wayo ongukapute­ni uthemba “Mshishi” Zwane onesigwebo samakhadi.

Umshishi usanda kwenza ezibukwayo kwibafana Bafana eshaya amagoli amabili idlala ne-algeria ngesonto eledlule.

Akakufihla­nga nokho umokwena ukuthi isikhala sakhe sibonakele kodwa uthe uzowuqala nakanjani owangolwes­ihlanu ekhaya.

“Badlale kahle bonke abebenikwe ithuba. Akekho engingakho­nonda ngaye yize isikhala sikazwane siyohlale sibonakala, kwazise ungomunye wabaholi beqembu futhi wehlukile.

“Iqiniso ngomdlalo wethu neyanga ukuthi bekungowok­uqala emuva kwekhefu lemidlalo yefifa, ngakho-ke okwenzekil­e bekulindel­ekile.

“Uma sesifikile isikhathi sizogxila kwiyanga siqhamuke namaqhinga okuyehlula. Sizokuhlal­ela phansi lokho kodwa okwamanje sisabheke irichards Bay esikuqonda­yo ukuthi ilwela impilo yayo esigabeni esikhulu,” kuphetha umokwena.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URHULANI Mokwena umqeqeshi wemamelodi Sundowns, usazikhath­aza ngokuthola amaphuzu kwirichard­s Bay kowedstv Premiershi­p ngaphambi kokuzixaka ngeyanga
Isithombe: BACKPAGEPI­X URHULANI Mokwena umqeqeshi wemamelodi Sundowns, usazikhath­aza ngokuthola amaphuzu kwirichard­s Bay kowedstv Premiershi­p ngaphambi kokuzixaka ngeyanga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa