Ucijimpi ubalisa ngesifo esihlasele abosuthu
AMAPHUTHA abadlali abawenza ngabodwana yiwona anomthelela ekutheni Amazulu FC ahlale lubhojozi kwi-log yedstv Premiership, ngokusho komqeqeshi wawo ufranco Pablo Martin.
Umartin ukhulume kanje emuva kokukhala ngaphansi ngo 2-0 kwi-ts Galaxy koweligi ngempelasonto embombela Stadium, empumalanga.
Usuthu olusanqobe imidlalo yeligi emihlanu kwengu-21 kule sizini alunethezekile neze kwi-log, kwazise lulokhu luphikwe imiphumela yize ludlala into ebonakalayo kanti abalujahayo bakhombisa izimpawu zokuphaphama.
Emdlalweni okubuywe ngawo ekhefini lefifa, leli qembu likacijimpi lilahle amaphuzu lishaywa igalaxy ngamagoli kathato Khiba nosamir Nurkovic.
Ezikacijimpi ezinamaphuzu angu24 zingcono kunechippa United (23),
Richards Bay FC (14) necape Town Spurs (12) kuphela kwi-log.
Okubeka usuthu engcupheni yokudonsekela embangweni wokubalekela ukugencwa yizembe, imidlalo yalo emibili elandelayo ekubeni kula maqembu amane angaphansi kwalo, akhombisa izimpawu zokuvuka ngesikhathi esikahle.
“Ngokwami zombili iziwombe sizidlale ngendlela ebesihlele ngayo kwathi noma sesiphazamiseka kulimala umulenga (Augustine) kodwa kwaba sengathi sibangcono kakhulu.
“Eqinisweni womabili amaqembu abegadene kahle kwaze kwaba isikhathi sekhefu. Emuva kwalokho sibe ngcono kunabo kodwa kulapho-ke senze khona iphutha elingasifanele,” kuqhuba lo mqeqeshi wasespain sakubalisa.
Kolandelayo weligi usuthu luzokwamukela ipolokwane City ekhombisa izimpawu zokulambela amaphuzu kulezi zinsuku.
Icity icoshe amaphuzu amathathu ihlula ichippa United ngo 1-0 kowayo wangempelasonto.
Umdlalo wosuthu nerise and Shine unamuhla ngo-7.30 ebusuku emoses Mabhida Stadium, ethekwini.
Uzolandelwa ngomunye okulindeleke ube lukhuni ekuhambeni necape Town City ngesonto ngo-3 ntambama ecape Town Stadium.
Okungase kudalele usuthu inkinga yimiphumela yabanye abasembangweni wokubalekela izembe.
Ichippa izobhekana nespurs kusasa kuthi ngempelasonto ezayo (ngomgqibelo), ibay yamukele iswallows.
“Iphutha esilenzile ngokupha igalaxy igoli lokuqala liyichilo eqenjini elinezifiso ezifana nezethu futhi akuyona into ejwayelekile kithina.
“Yikhona nje ukuthi abadlali benza amaphutha ngokwahlukana ngabodwana, iqembu bese lizithola likule ndawo elikuyona,” kuphetha ucijimpi.