Abagqama kumajita babhodla ngokwabahlakaza
UKUNGAQINI kobudlelwano phakathi kwesouth African Football Association (Safa) nepremier Soccer League (PSL) okukhalisa umqeqeshi webafana
Bafana wamanje, uhugo Broos, akuyona into entsha futhi yikho okwaholela ekuhlakazekeni kwesinye esasinconywa ngokuqina sika-under 20 kwezake zathunyelwa elakuleli endebeni yomhlaba kwabanale minyaka.
Ngo-2009 isafa yathumela iqembu labaneminyaka engaphansi kwengu-20 kowendebe yomhlaba e-egypt, elaliholwa umqeqeshi userame Letsoaka.
Leli qembu lagcina liphume kwiround 16 yalo mqhudelwano lishaywa ighana eyagcina ingompetha.
Ukermit Erasmus, Thulani Serero, Thulani Hlatshwayo, George Maluleka, Ramahlwe Mphahlele, Andile Jali, Phumelele “Ace” Bhengu, Sibusiso “Madoh” Khumalo, Kamohelo Mokotjo nodaren Keet, abanye abadlali abanohlonze abebeyingxenye yaleli qembu.
U-erasmus, Serero, Jali, Mokotjo nokeet abagcinanga ngokukhushulelwa kwibafana kepha badlale nasemaqenjini aphesheya, ebelgium, Nertherlands nase-england ngokwahlukana.
Ukhumalo owadlala kwikaizer
Chiefs nobhengu owagqama kwimoroka Swallows, bebehambele Isolezwe Cup esongwe ngomsombuluko E-UKZN Edgewood Campus, epinetown.
“Akuwona amanga ukuthi ukube leli qembu lanikwa isineke elalisidinga ngabe ibafana yabuyela ekukhonyeni e-afrika,” kusho ukhumalo.
“Sakhishwa ighana okwagcina kuyiyona eyadla isicoco. Abadlali abebekwighana nakwamanye amaqembu esizwe bakhushulelwa ezikwatini zamazwe abo ezinkulu.
“Inkinga ibe sekutheni kungabibikho ukuxhumana phakathi kwesafa namaqembu E-PSL ebesiwadlalela ngokwahlukana kwethu.
“Kunabadlali abebeyizethenjwa eqenjini lesizwe kodwa ijezi belizwa ngendaba emaqenjini abo. U-ace (Bhengu) wayengumgadli kwelesizwe kodwa kwiswallows edlaliswa emuva.
“Nakuba kungekho engimkhomba ngomunwe kodwa iphutha libe sekutheni kungabibikho ukuxhumana emaqenjini E-PSL nakwisafa,” kuqhuba ukhumalo.
Ukhumalo ukhuluma kanjena nje, ubroos umatasa uzama ukuhlangana nabaqeqeshi bawe-psl ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kwabo naye, ukuze kusizakale ibafana.
Emasontweni edlule uveze ukuthi usevumelene nosihlalo WEPSL ukuthi bazoba nomhlangano nawo wonke amaqembu.
Lo mqeqeshi odabuka ebelgium, selokhu afika kuleli eminyakeni emibili, ubelokhu ekhala ngokungasebenzisani ngendlela phakathi kwesafa namaqembu EPSL.
Ubhengu ukhale ngokungabibikho kwezinhlelo zokuqhubeka nalolu bisi lwesikwati njengoba enzile amanye amazwe.
“Lesi sikwati sasisuka ku-u/17 noletsoaka ngesikhathi sisijoyina okusho ukuthi safikela entweni evele inesisekelo,” kusho ubhengu.
“Okunye obekudala ukuthi leli qembu lehluke ukuthi belibunjwe ngabanekhono lokudlala izindawo eziningi kanti nokulalela kukaletsoaka uma eboniswa abadlali ngisho nangesikimu.
“Sibe iqembu lokuqala ukubeka iningizimu Afrika ezingeni lomhlaba ezikwatini ezincane kodwa kuthe uma kubuywa e-egypt kwaba sengathi yonke into iyashabalala ekubeni amanye amazwe ekhuphulele abadlali bawo ezikwatini ezinkulu,” kusho ubhengu.