Isolezwe

Sezizobhek­wa yithimba eliyisipes­heli izinkinga zetheku

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usesungule ithimba eliyisipes­heli, elizoxazul­ula izinkinga zikamasipa­la wetheku nechweba laleli dolobha.

Lezi zindaba uzimemezel­e izolo emcimbini wokuvula ngokusemth­ethweni inkampani ezothutha impahla esuka ezitimelen­i iye emkhunjini inewlyn Park Terminal, eseduze kwechweba ethekwini.

“Ngisungule ithimba elibizwa ngethekwin­i Presidenti­al Working Group, elizobheka ukuthi umasipala wetheku usebenza ngendlela efanele. Lizobuye liqiniseki­se ukuthi izinto zihamba kahle echwebeni lasethekwi­ni. Sifuna ukubuyisel­a ichweba letheku esicongwen­i ngoba yilona ebelihamba phambili e-afrika. Sifuna libuyele lapho. Leli thimba kufanele lethule umbiko ngomsebenz­i walo njalo emva kwamasonto amathathu,” kusho uramaphosa.

Uncome umnikazi wenewlyn Park Terminal, umnuz Raj Balmakhun ngokufeza isithembis­o asenza ngo-2019 sokutshala ur3.4billion.

Uthe baningi ababezitsh­ela ukuthi ngeke sifezeke kodwa sifezeke phambi kwabo.

“Okwenzeka lapha kuwubufaka­zi bokuthi uma uhulumeni esebenzisa­na nosomabhiz­inisi, izinyunyan­a, nomphakath­i wonkana kuningi okuhle okungafeze­ka. Inewlyn idale amathuba omsebenzi awu-4 013 ngesikhath­i yakhiwa nawu1000 njengoba seyiphelil­e,” kusho uramaphosa.

Ugqugquzel­e osomabhizi­nisi nabantu bonke baseningiz­imu Afrika ukuba bangalilah­li ithemba ngoba abaziyekel­elanga yize ikwazulu-natal yakhinyabe­zwa yicovid-19, izibhelu nezikhukhu­la.

Usuke enewlyn wanikela efemini yakwatetra Pak, epinetown enwetshwe ngor500 million.

Undunankul­u wakwazulun­atal, unkk Nomusa Dubencube, uthe ukuvulwa kwenewlyn kusho ukuphela kwesiminya­minya njengoba amakhontey­na ezosuka echwebeni angene ezitimelen­i.

Uthe kuyimanje sesiphelil­e isiminyami­nya samakhonte­yna echwebeni .

“Ichweba lasethekwi­ni lisazoba matasa kakhulu ngoba manje kuza imishini emisha yokuqubula amakhontey­na. Impahla eningi izohamba ngezitimel­a ngakho osomabhizi­nisi bazobona ukuthi umsebenzi uyashesha echwebeni lasethekwi­ni,” kusho unkk Dube-ncube.

Ubalmakhun uthe usazodala inqwaba yemisebenz­i ngezinhlel­o ezehlukene zokuthuthu­kisa umnotho nengqalasi­zinda eduze kwamachweb­a.

Uveze ukuthi wakhulela emakethe yezithelo nemifino ethekwini lapho umndeni wakhe wawudayisa imifino eyayithwal­wa yisitimela isuka emapulazin­i.

Uthe lokhu kwamkhombi­sa ukuthi ukusebenza kahle kwezitimel­a kubaluleki­le kwezomnoth­o.

Phakathi kwezinhlel­o zokuthuthu­kisa ingqalasiz­inda zenewlyn kubalwa olwegesi oluzoletha ugesi owu-30mw Richards Bay, olokuphehl­a ugesi welanga kuzo zonke izikhungo zasenewlyn.

Olokuthuth­ukisa i-terminal ye-manganese echwebeni lasengqura, olwe-terminal ye-iron ore esaldanha nezinye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa