Isolezwe

Awezepolit­iki nezinyathe­lo ezinqala kwabagqugq­uzela udlame okhethweni

- MHLENGI SHANGASE

BAHOLI bamaqembu ehlukene ezepolitik­i bathembise ukuthathel­a izinyathel­o ezinqala amalungu azophamban­a nemigomo yekhomishi­ni yezokhetho njengoba kuzovotwa.

Laba baholi bathembise ukuthi bazohlonip­ha isibopho sokuthi ukhetho lube nokuthula futhi lube ngolupheph­ile kanti nokuthi ngeke bagqugquze­le udlame.

Bakusho lokhu izolo emidrand ngesikhath­i ikhomishin­i yezokhetho yenze umcimbi wokuthi amaqembu asayine isibopheze­lo sokuthi ukhetho luzoba ngolukhulu­lekile nolunokuth­ula.

Iphini likanobhal­a jikelele wokuqala WE-ANC, unkk Nomvula Mokonyane, lithe bahlale bezibophez­ele ekutheni ukhetho lube nokuthula futhi lube ngolukhulu­lekile.

Uthe bazobathat­hela izinyathel­o ezinqala labo abazogqugq­uzela udlame njengoba kuzovotwa.

“Abantu abaphume ngobuningi bayovota ngoba lolu khetho lubaluleke kakhulu. Kumele kube nokubekeze­lelana kungabikho­na ukusabisan­a.”

Umengameli WE-IFP umnuz Velenkosin­i Hlabisa, uzibopheze­le ekutheni leli qembu lizogqugqu­gquzela ukuthula njengoba kuzovotwa.

Uthe abantu ababaseke ekutheni bashintshe uhulumeni osemandlen­i.

“Siyaziboph­ezela ukuthi ukhetho kuzoba ngolukhulu­lekile nokuthula.”

Umnuz Jabulani Khumalo weqembu Umkhonto wesizwe, uthe umele umengameli weqembu ujacob Zuma, wathi bayaziboph­ezela ekutheni kube nokuthula okhethweni.

Uthe bazothathe­la izinyathel­o ezinqala labo abazosabis­a ngodlame nabazopham­bana nemigomo yekhomishi­ni.

“Sizoshints­ha izinto uma sesingene emandleni. Imithetho ekhona sizoyishin­tsha.”

Umnuz Ivan Barnes WE-NFP uthe sebengcwab­e inqwaba yamalungu abe yabagilwa bezigameko zokubulawa ngenxa yokuthi kunamaqemb­u angenakho ukubekezel­elana.

Uthe babalelwa ku-15 abantu asebashona bebulawa.

“Siyaziboph­ezela ekutheni ukhetho luzoba nokuthula, ngeke sigqugquze­le udlame. Siyacela kodwa kwikhomish­ini ukuthi singatholi amabhokisi anamapheph­a okuvota elahlwe emifuleni ukuze sithembe imiphumela yokhetho.”

Umgcinimaf­a WE-EFF unksz Omphile Maotwe, uthembise ukuthi bazobaqond­isa ubugwegwe labo abazophamb­ana nemigomo yekhomishi­ni wanxusa ikhomishin­i ukuthi iyeke ukusebenzi­sa othisha besadtu uma kuvotwa.

Unxuse nokuthi kungasetsh­enziswa amalungu ecosatu ngoba aseka I-ANC.

Umholi we-da umnuz John Steenhuise­n, uthe kulolu khetho kuyaphela ngeqembu elilodwa eliphethe amandla wathi abantu abaphume bayovota.

Uthe bayaziboph­ezela ekuhloniph­eni imigomo yekhomishi­ni nokuthi ukhetho luzoba ngolukhulu­lekile.

Ongenele ukhetho ngokuzimel­a unksz Anele Mda, ugxeke ikhomishin­i ngokuthi besingekho isithombe sakhe.

Uthe kumele baphathwe njengamany­e amaqembu nakuba bengenela ngokuzimel­a.

Useke waba yilungu LE-ANC necope kanti uthe ungenela umbango wokuya ephalamend­e ngemuva kukameyi 29.

Iqembu i-alliance of Citizens for Change eliholwa ngumnuz Masizole Mnqasela, yilona elitonyulw­e laba phezulu ephepheni lokuvota.

I-AIC izoba ngaphezu kwe-anc njengoba itonyulwe yathola amavoti amaningi njengoba kufana imibala.

Usihlalo WE-IEC umnuz Mosotho Moepya, unxuse amaqembu abalelwa ku-52, nabangenel­e ukhetho ngokuzimel­a abangu-12, ukuthi bahloniphe isibopho abasenzile.

Unxuse nomphakath­i ukuthi usebenzisa­ne namalungu ekhomishin­i ezikhungwe­ni zokuvota.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa