Isolezwe

Ulaka izingane zibulawa ugesi

- ZIMBILI VILAKAZI

UYAVEVA umphakathi wasezwelis­ha, everulam, kulandela isigameko sokushona kwezingane ezimbili ezisencane ngolwesith­athu, zilinyazwa ugesi osocingwen­i olubiye umuzi kamakhelwa­ne.

Kulesi sigameko kuthiwa kushone izingane ezimbili, eneminyaka emibili neneminyak­a emithathu. Kuthiwa imijondolo yemindeni yabafi yakhelene kanti bajwayele ukudlala ndawonye.

Ikhansela lendawo, umnuz Nkosi Mhlongo lihambele indawo yesigameko ngalo ulwesithat­hu.

Likhuluma nesolezwe izolo, lithe lifike labhula ulaka lomphakath­i obudinwe ugane unwabu ngesehlaka­lo.

Umhlongo uthe ufike wathola emphakathi­ni ukuthi umnikazi wocingo olubulele izingane useke wakhuzwa ngalo, umphakathi ususho nokusho ukuthi indlu yakhe ayishiswe.

“Alunaso isexwayiso esishoyo ukuthi luyashokha. Ngithole ukuthi luhlale lushokha amalungu omphakathi asuke ezidlulela kule ndawo njengoba luseduze kwendlela,” kulandisa umhlongo.

Uqhube wathi umphakathi umtshele ukuthi ubuthi uma umtshela umnikazi walo ukuthi akalukhiph­e ugesi, aphendule ngokuthi abashokhwa yilo basuke belandeni eduze kwalo?

Udalule ukuthi lona wesilisa sekuphele izinyanga ezintathu engabonwa endaweni kanti akajwayele­ne namuntu emphakathi­ni.

“Akekho noyedwa onenombolo yakhe yocingo. Bengithi ngifuna ukumshayel­a ucingo ngimtshele ukuthi akasondele eduze ngomshophi osuthe wavela,” kusho umhlongo.

Uveze ukuthi ugcine ekhipha umyalelo wokuthi ugqashulwe esigxotshe­ni esiseduze ugesi lapho oxhunywe khona.

Elandisa ngesehlaka­lo uthe uthole ukuthi izingane bezidlala eduze kwalo ucingo.

“Kuthiwa kuqale kwashokhek­a eneminyaka emibili ngoba yona itholwe ibambelele ngazo zombili izandla ocingweni. Lena eneminyaka emithathu yona ibibambe isandla salena eneminyaka emibili. Sisola ukuthi ibizama ukuyidonsa kanti nayo izobambeka,” usho kanje.

Uthi ozibonile, ngomunye umakhelwan­e, ogijime wayozama ukuzisusa, seziqala ukukhihliz­a amagwebu.

Uveze ukuthi ebona ukuthi naye uyashokhek­a, ubuyele endlini wayolanda ingubo yokulala, wazidonsa ngayo, kwayima zisuka ocingweni.

“Ziphuthuny­iswe esibhedlel­a kodwa zashonela khona,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ucolonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseverulam aphenya idokodo lokufa kwabantu kulandela isigameko lapho izingane ezimbili, eneminyaka emibili neneminyak­a emithathu zishokhwe ugesi ngolwesith­athu.

“Isigameko senzeke ezwelisha. Bobabili abagilwa baphuthuny­iswe esibhedlel­a kodwa kwatholaka­la ukuthi sebeshonil­e ngesikhath­i befika. Izimo eziholele ekwenzeken­i kwesigamek­o ziyaphenyw­a,” kusho unetshiund­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa