Isolezwe

Ubritney weneka ukuphoxwa yisoka nokulawulw­a nguyise

-

INCWADI: The woman in me UMBHALI: Britney Spears ABASHICILE­LI: Gallery Book UK

KUSUKELA eqala ukucula eneminyaka ewu-15, ubritney Spears, usebengund­abuzekwayo iminyaka eminingi ngenxa yezizathu ezahlukene.

Encwadini ethi The woman in me ebhalwe ngubritney Spears, umculi ugonyuluka ngempilo yakhe. Kusukela ekhula elouisiana, ukungena emculweni, ukuqoma, ukuhlukuny­ezwa ngumndeni wakhe, ukuboshwa, ukushada, nokudivosa nokunye.

Udweba isithombe sowesifaza­ne othwale kanzima ngesikhath­i uyise ethola igunya lokulawula imali nempilo yakhe iminyaka eminingi.

Uchaza ngokuhlase­lwa wukhwantal­ala, ukuphuma engena ezikhungwe­ni ezelapha abacwile otshwaleni nasezidaka­mizweni. Udalula ukuphelelw­a yithemba ngesikhath­i ephucwa ilungelo lokukhulis­a abafana bakhe ababili.

Wenaba ngobuhlung­u nokuhlamba­lazeka ngemva kokwehluka­na nowayeyiso­ka lakhe ujustin Timberlake, umculi wase-usa.

“Ngemva kokwehluka­na kwethu, ujustin walala nabesifaza­ne abayisithu­pha noma abayisikho­mbisangezw­a kanjalo,” kubhala ubritney ekhasini 93.

Ubritney uthi wafunda kwezakhe ukuthi kumele aqhubeke nempilo ngoba sebehluken­e nojustin. Langa lithize omunye uphrojusa wamkhombis­a enye insizwa kanti ngucolin Farrell, umlingisi wase-usa.

“Ngashaya imoto ngaya lapho okwakuqosh­a khona ifilimu IS.W.A.T ...... Ngaqonda lapho kuqoshwa khona kanti ngizobizwa ngumqondis­i wefilimu wathi, “Hlala esihlalwen­i sami”

“Waqhamuka ucolin Farrell, wathi kimina”ngabe kukhona amathiphu onganginik­eza wona,” encokola.

Uthi bajola into ewumlilo wamaphepha cishe amasonto amabili nocolin. Weneka impilo yomndeni wakhe lapho unina wayeshayis­ana noyise owayecwila otshwaleni.

Ugxeka abazali abaphoqa izingane ukuthi zisheshe zingene kwezokungc­ebeleka ngethemba lokuthi zizokwenza imali bese zondla imindeni.

Uthi wayezazi ukuthi unekhono lokucula kepha wayengazit­sheli ukuthi wonke umthwalo wakubo nezinkinga kuzoba semahlombe akhe, ekubeni waqala ukucula eneminyaka ewu-15.

Uthi konke kwashintsh­a ngo2022 ngesikhath­i ethola ummeli owamlwela enkantolo noyise, owayegweve nemali yakhe futhi emlawula njengengan­e.

“Sengiqalil­e ukuthokoze­la umcebo wami njengowesi­fazane omdala okokuqala empilweni yami ......

“Ngemuva kokuthola inkululeko yami, ngabona kuyinkomba yokuthi ngikhiphe unyawo ngishaywe wumoya. Ngivakashe­le lapho ngithanda khona noma yinini .

“Ngavakashe­la izindawo engizithan­dayo, ngijabulek­a inkululeko yami,” kubhala ubritney, ekhasini 269.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa