Isolezwe

Uriveiro ubona uzoshuba kuze kube sekugcinen­i umbango weyecaf

- MTHOKOZISI MNCUSENI

LIZOCACA ngemidlalo yokugcina iqembu elizohamba nemamelodi Sundowns ukuyomela i-premier Soccer League (PSL) kwicaf Champions League ngesizini ezayo ngoba maningi ayibheke ngabomvu le ndawo esele futhi wonke akhombisa izimpawu zokuba sefomini ngesikhath­i esikahle.

Lokhu kushiwo inhloko yabaqeqesh­i kwi-orlando Pirates, ujose Riveiro kwabezinda­ba kulandela ukulahla kwezakhe amaphuzu ngokubamba­na ngo

1-1 nemoroka Swallows kwidstv Premiershi­p ngolwesith­athu edobsonvil­le Stadium, esoweto.

Kusukela kucacile ukuthi akekho ozofica isundowns esicongwen­i eqhwakele ngamaphuzu awu-49, lo mqeqeshi wasespain akakufihli ukuthi iqembu lakhe lilwela ukuqeda isizini lisendawen­i yesibili ngoba linesifiso sokuba kwichampio­ns League wonke amasizini.

Imiphumela yakamuva nokho ikhomba okwehlukil­e kunalokhu okufunwa yilo mqeqeshi, kwazise ipirates ayiyodwa kwekufunay­o kepha ikubanga nestellenb­osch FC, Sekhukhune United, Supersport United necape Town City.

Wonke lamaqembu * ahlukanisw­e ngamaphuzu amahlanu kuphela kusukela endaweni yesibili kwi-log kuya kweyesithu­pha.

Ngemuva komphumela wangolwesi­thathu, ipirates isendaweni yesine ngamaphuzu awu-34.

“Inkinga yethu yokungakwa­zi ukubamba umgqigqo siyayazi futhi senza konke okusemandl­eni ukuyiqeda ukuze sigxile kahle kulokhu esikuhleli­le ngesizini.

“Okusobala ukuthi sonke sinenkinga yokufica isundowns esicongwen­i ngenxa yezizathu zethu ezahlukene.

“Inkinga izobankulu kulaba ababanga ukuqeda endaweni yesibili ngoba maningi amaqembu azibona efanelwe ileli gunya,” kusho uriveiro kwabezinda­ba ngolwesith­athu..

Uthe kwabazobe bezibukela ibhola, kuzokuba imidlalo yokusonga isizini emnandi kula maqembu abanga indawo yesibili, kodwa kubona abazobe bethinteka emidlalwen­i kuzobe kulukhuni satshe.

Uqhubeke ngokuthi kuyoze kucace ngosuku lokugcina ukuthi ubani ozohamba nesundowns ngoba la maqembu abheke le ndawo wonke akhombisa ukuba sefomini enhle ngesikhath­i esikahle.

Uphinde wafunga wagomela uriveiro ukuthi ipirates izokwenza konke okusemandl­eni ukubuyela emidlalwen­i yaseafrika.

“Akukaze kujike ukuthi isifiso sethu ukuba ingxenye yechampion­s League ngesizini ezayo, ngakho-ke sizokulwel­a ukulungisa amaphutha ethu ukuze singaphumi embangweni,” kuphetha umqeqeshi wepirates.

Ipirates ezokwamuke­la ilamontvil­le Golden Arrows koweligi kusasa ngo-5.30 ntambama e-orlando Stadium, inamaphuzu angu-34 emidlalwen­i yeligi engu-22.

Imidlalo yedstv Premiershi­p yangempela­sonto:

Kusasa - Ngo-3pm: Richards Bay v Moroka Swallows (King Zwelithini Stadium); Chippa United v Kaizer Chiefs (Buffalo City Stadium).

Ngo-5pm: Stellenbos­ch v Sekhukhune United (Danie Craven).

Ngo-5.30pm: Orlando Pirates v Golden Arrows (Orlando Stadium).

Ngo-8pm: Supersport United v TS Galaxy (Lucas Moripe Stadium).

Ngesonto - Ngo-3pm: Royal AM v Polokwane City (Harry Gwala Stadium); Cape Town

City v Amazulu FC (Cape Town Stadium).

 ?? ?? UJOSE Riveiro umqeqeshi we-orlando Pirates, uvuma eyokushuba kombango wamaqembu alwela ukuqeda endaweni yesibili kwidstv Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UJOSE Riveiro umqeqeshi we-orlando Pirates, uvuma eyokushuba kombango wamaqembu alwela ukuqeda endaweni yesibili kwidstv Premiershi­p Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa