Isolezwe

Siyavota kodwa akusiyo into yethu ukukhetha

- David EMZANSI

MHLELI: Ukube u(mnuz Jacob) Zuma wayazi ukuthi uzobuye afune ukuba umengameli futhi wayeyobhek­ana no(jaji Raymond) Zondo, hhayi elokhu emgwegwesa.

Umengameli wangempela akathi uma ebhekene nendaba zakhe, abaleke aze ayoziphons­a ekhulukuth­u kungafanel­e.

Wabalekela uzondo kodwa ngakolunye uhlangothi umbeka amabala. Nangu ubill Clinton wasolwa ngokuthint­a owesifazan­e ngokungafa­nele, waqonda enkantolo wazikhulum­ela. Akazange elokhu ecasha ngesithuph­a ethi angenzanga lokhu engekho enkantolo.

Bona uma bengafuni ukuya enkantolo, bathi akuye bani, thina? Kukhona abantu abanegazi legolide lapha eningizimu Afrika, uma liphumile kuncanyelw­a ukuthi kuwe ngisho umnotho ngomuntu oyedwa vo?

Sengike ngizibuze ukuthi mhlawumbe siyagulelw­a abantu ngengqondo yini. No(mnuz Julius) Malema ukulesi simo nje nguye owabeka upresident, saba nomtapo nguye umalema - usengaphik­a nje ehambe ekhohlisa abantu naye uye owathi “I will die for Zuma”.

Inyoka ilimisile ikhanda, igqwaphaza noma ubani ophambi kwayo, imikhuba yabathize ababezitsh­ela ukuthi basile abasadukis­a abanye namanje. Ukhaphele bona laba ebebethi “ubaba”. Amadoda amadala anamakhosi­kazi angobaba, abiza enye indoda ngobaba.

Baningi abangaboni ukuthi isitimela siphume okokugcina kujantshi, bayahleka.

Uhleka uphakathi ukuthi isitimela sigeje umzila waso ubona sesinqike ngodonga ukuthi kanti siseweni. Isitimela kudala saphuma kujantshi kodwa kukhona abasasizwa sihamba kuwona. Kungenzeka baphuze iziphuzo, amehlo awasaboni kahle ukuthi siyongena ehlathini.

Ikakhuluka­zi intsha yiyo eningi kodwa yiyo futhi ebuye izifake obishini. Kungoba iningi layo alazi ukuthi kuvotelwan­i. Kukhona evotela iqolo, kukhona evotela ama- ARVS, o-r350 NE-NSFAS.

Ngaphandle kwalokho ziyaduma-ke emakhanda, sebengazis­hayela amabhodlel­a aluhlaza nansundu.

Engingakus­ho ukuthi abaholi bethu balidukisi­le izwe, futhi basazimise­le ngokuthi balifake ehlathini okokugcina ngoba sesivumile ukuthi liye khona ehlathini. Angathi umuntu esebhekene nenkinga abalekele inkantolo ngoba nje efuna ukuzwelwa?

Uma abantu bethi ingane yakho oyithanday­o igangile uyayiphike­la, babona ngoba isibajikel­e ukuthi kanti inje le ngane.

Ekuvoteni nje siyefana nabalandel­i bebhola, silandela into noma isiboza lokhu okokugcina ngci, sizitshele ukuthi isazobuya kanti lutho eluthela.

Iningi labantu bala eningizimu Afrika inyanga nenyanga mhlawumpe ubanciphis­ele nogesi ne-transport ngeke kodwa bakuvotele ngendlela nje abangakwaz­i ukuvota ngayo.

Nenhlangan­o esuke iwinile, iziwinela nje ngokuthand­wa, hhayi ngoba kukhona evotelelwe khona. Uma ungabuza ukuthi uvoteleni, bangathi ngizwe nami bethi bavotele lona nami ngamvotela.

Siyavota kodwa akusiyo into yethu, kubonakala nangokupat­anisa ukuphatha izwe. Ube yimfundama­kwela iminyaka engu-30!

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa