Isolezwe

Amaqembu epolitiki nomqansa wamavoti ukuze azuze izihlalo EKZN

- MHLENGI SHANGASE

ABHEKENE nomqansa amaqembu angenele ukhetho lukazwelon­ke ngomeyi 29, 2024 Kwazulunat­al njengoba kudingeka ukuthi athole amavoti abalelwa ku-43 000 kuya phezulu ukuze athole izihlalo esishayamt­hetho sesifundaz­we. Njengoba ohlwini lokuvota bengu-5.7 million esifundazw­eni ababhalise­le ukuvota, uma bephuma ngothi lwabo ukuyovota lokhu kuyosho ukuthi sizonyuka kakhulu isibalo samavoti azodingeka njengoba engafinyel­ela nangaphezu kuka-50 000.

Lokhu kuvezwe yisikhulu sekhomishi­ni yezokhetho esifundazw­eni i-independen­t Electoral Commission unkk Ntomb’futhi Masinga, obekhuluma emcimbini wesanef izolo ethekwini.

Uthe kuzwelonke kuzoba ngumqansa kakhulu ngoba cishe kudingeka amavoti abalelwa ku-80 000 ukuze uthole isihlalo.

Unkk Masinga ungathekis­e ngokuthi uma kuvota u-60% wababhalis­ile esifundazw­eni, kuzodingek­a ukuthi umuntu athole amavoti asuka ku-43 000 kuya phezulu. Lesi sibalo sifaka ngisho noyedwa ongenele ukhetho ngokuzimel­a EKZN.

“Uma sanda isibalo sabavoti lokho kuyosho ukuthi siyanda nesibalo samavoti adingekayo ukuze uthole isihlalo. Uma sehla isibalo sabavoti sizokwehla nesibalo samavoti adingekayo ukuze uthole isihlalo,” kusho unkk Masinga.

Ezweni lonke bangu-12 abangenela ukhetho ngokuzimel­a njengoba kuzobe kuqala ukuthi kulolu khetho babe yingxenye yalolu khetho. Unkk Masinga uthe abalelwa ku-33 amaqembu azongenela ukhetho esifundazw­eni.

Uveze nokuthi uma kwenzeka kuvuleka isikhala ephalamend­e likazwelon­ke ngeke kube nokhetho lokuchibiy­ela njengoba kwenzeka, kodwa kuyofakwa igama lobelandel­a ngamavoti.

Uveze ukuthi ngesonto elizayo kuzoba nomcimbi wokusayinw­a kwesibopho kwamaqembu azongenela ukhetho ukuthi azohloniph­a imigomo yalo.

Lo mcimbi uzoba se-inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre ethekwini ngo-ephreli 17.

Uveze ukuthi azikho izindawo ezingoalub­hadwa abangakwaz­i ukufinyele­la kuzona esifundazw­eni.

“Asiboni ukuthi kungafika esimweni sokuthi endaweni ethile size sithi sizohamba namasosha ukuya khona ngoba singakwazi ukungena. Sisebenzis­ana namaphoyis­a nophiko lwezokuphe­pha esifundazw­eni olufaka namaqembu ahlukene ezepolitik­i,” esho.

Uthinte nodaba okuhlale kugxekwa ngalo ikhomishin­i lokuqasha othisha abangamalu­ngu esadtu. I-EFF isanda kukhala ngokuthi ayifuni kuqashwe amalungu ale nyunyana ngoba idlelana NE-ANC.

“Awukho umthetho othi umuntu okwinyunya­na akaqashwa ukusebenza ngesikhath­i sokuvota. Abangavume­lekile yilabo abanezikhu­ndla kwinyunyan­a kanti asikwazi ukubashiya ngaphandle othisha ngoba bewusadtu. Sinalo uhlelo namaqembu ahlukene NE-EFF eyingxenye yalo lokuthi siwanike uhlu ukuze afake isikhalazo ngabasuke beqashiwe, kuphetha unkk Masinga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa