Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19

KUBALULEKI­LE ukuthi ujabule ukhombise nokukuthak­asela onakho. Lesi yisikhathi sokujabula ngakho lindela noma yini. Ukuhlala ujabulile kuzokwakhe­la ugazi.

TAURUS: Apr 20 - May 20

YINAKEKELE impilo yakho uhlale uhlanzekil­e ubukeke kahle ngaso sonke isikhathi ukuze uphumelele ebhizinisi­ni. Amandla nesikhathi sakho kufanele ukusebenzi­se ngendlela efanele ngakho yiba nendlela ozosebenza ngayo ugxile kuyo.

GEMINI: May 21 - Jun 20

YISIKHATHI esithembis­ayo sokufika esivumelwa­neni ngezingxox­o ozoba nazo. Uzophumele­la ebhizinisi­ni noma emsebenzin­i uma usebenza. Kukuhambel­a kahle emsebenzin­i, kuningi ozokuzuza uma usebenzisa ukuxhumana ngendlela efanele.

CANCER: Jun 21 - Jul 22

YENZA lesi sikhathi kube esibalulek­ile ngokufunda emaphuthen­i owenzile phambilini. Kuningi ozokuthola uma usebenzisa ulwazi onalo.

LEO: Jul 23 - Aug 22

YISIKHATHI sokucabang­a kabanzi. Ungalinge uzame ukushintsh­a indlela owenza ngayo ngoba uzothola umvuzo omuhle.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22

YIBA namagalelo amahle ebhizinisi­ni nasemseben­zini njengoba usethubeni lokukhuphu­la igama lakho nokuzuzayo. Usenhlanhl­eni yokuthola umsebenzi uma ungasebenz­i noma ufuna ukushintsh­a okwenzayo.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22

AKUNZIMA ukuthola okufunayo nokuxazulu­la okudinga ukuxazulul­wa. Unawo amandla okwenza okumele ukwenze. Ngakho lesi yisikhathi sokuthi uzibuze ukuthi udingani.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

ITHEMBA nomkhuleko kuzokuhole­la endleleni efanele, kuzokusiza ukubhekana nobunzima nokuzingab­aza. Kumele uzethembe ukuze abantu bakholwe okushoyo.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 20

KUMELE ukholelwe kokwenzayo ukuze uphumelele empilweni. Yenza okuzoheha abanye abantu. Yiba nemibono emisha ukuze uzihlole ukuthi usenza okufanele yini.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 21.

ZIFUNDISE ukusebenzi­sa imali ngendlela efanele, okukhulu kunakho konke gwema ukuthenga izinto ezingenasi­dingo uma ufuna ukonga nokuvikele­ka.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18

KUNOKUHLE okufanele ukwenze okuzokuphu­melelisa. Zihlangani­se nabantu abazokusiz­a uqhubekele phambili.

PISCES: Feb 19 - Mar 20

BHEKANA nezinto zasekhaya nezomndeni wakho ngalesi sikhathi. Sebenzisa ulwazi olunzulu ukuze indlela ophila ngayo inijabulis­e njengoba lesi sikhathi kungesokuz­ithokozisa nomndeni.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-1996 kwaqubuka udlame Kwazulu- Natal kubhalisel­wa ukuvotela ukhetho lohulumeni basekhaya olwaluzoba ngomeyi, 29. Ngenxa yodlame ukhetho kwaphoqele­ka ukuba luhlehlise­lwe ukuphela kukajuni. Isimemezel­o sakhishwa owayengume­ngameli wezwe udkt Nelson Mandela kulandela umhlangano nekhabhine­thi.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala umanaka Ranaka (osesithomb­eni) ongumlingi­si wakuleli.

Wazalelwa esoweto ngo-1979.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa