Isolezwe

I-NFP isilulunge­le ukhetho oluzayo

-

MHLELI: Kwelakho eleqa imifula igcwele, angiqale ngibonge ngesikhala.

Njengamalu­ngu eqembu umbutho we-national Freedom Party (NFP) sithi leli qembu selimi ngimumo ukuya okhethweni lukazwelon­ke nezifundaz­we luka-2024.

Asingabazi futhi ukuthi sizokwenza kahle njengoba izinkumbi zabantu abangamalu­ngu aleli qembu esaqhubeka nokulethem­ba.

Ngabe senza iphutha uma singabongi kuwo wonke amalungu eqembu ngokuhlala noma sekunzima kodwa avikela iqembu kuzo zonke izivunguvu­ngu ezike zalehlela.

Sifisa ukukugcize­lela futhi ukuthi njengoba siya okhethweni asiyile ukuyosinis­a amahleza.

Siyokhulum­a izinto abantu abafuna ukuzizwa futhi sizokwenza isiqinisek­o sokuthi iqembu lilwela okufunwa ngabantu uma sesingene ephalamend­e ngaphansi kobuholi bukam engameli umnuz Ivan Barnes oyithemba lethu ukubuyisa uzinzo eqenjini lethu.

Sinxusa zonke izakhamizi zaseningiz­imu Afrika ukuthi zibambelel­e KU-NFP, yilona qembu elizoshint­sha izimpilo zabantu.

MHLELI: Angithokoz­e ukuthola isikhala sokubhala kulo Isolezwe.

Ngibhala ngikhathaz­ekile ngomsakazi wokhozi FM uzimiphi Biyela. Waze waziphatha budlabha udadewethu uzimdollar.

Isenzo sakhe asenze kumculi kamaskandi wakithi esimhlonip­hayo ngamagalel­o akhe emculweni umthandeni “igcokama Elisha” Manqele asemukelek­ile neze. Uzimdollar ukhombise ukwedelela abalandeli bomculo, ukungabahl­oniphi nokungaban­cengi.

Amathikith­i siwathengi­le saya kulo mcimbi we-mother of All Maskandi Festival ngoba sazi ukuthi siyobuka igcokama Elisha. Kodwa saphoxeka selidlalis­wa kanzima, selixoshwa nguye uzimiphi Biyela.

Nakhu esifisa ukukwazi: Yini lena eyenza ukuthi izikhulu zomsakazo ukhozi FM zesabe kangaka ukumthathe­la izinyathel­o zokum'qondisa ubugwegwe uzimiphi Biyela.

Lo mcimbi ubuxhaswe yilo Ukhozi FM kanti uzimdollar ungumsakaz­i walo. Uzokwethuk­a umculi onenqwaba yabalandel­i kubuka izwe lonke.

Kodwa ukhozi FM lukwazi ukumnikeza isikhathi emoyeni sokuqhubek­a adelele, akhulume angazihlon­iphi ohlelweni lwasekusen­i olushayelw­a usipho Mbatha nomroza Buthelezi.

Ngike ngaxhumana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa