Isolezwe

Sekuyisikh­athi somjovo omusha kubanyana Banyana

-

UKUNGAPHUM­ELELI kwebanyana Banyana ukufinyele­la emidlalwen­i yama-olympics ese-paris, efrance, nonyaka kubephule umoya abalandeli bebhola kuleli. Ibanyana yehlulwe yinigeria ngo 1-0 sekuhlanga­niswe umlenze wokuqala nowesibili, yakhala ngaphansi ekuzibekel­eni indawo kuma-olympics. Kwabaningi kukhona ukulixolel­a leli qembu eliqeqeshw­a ngudesiree Ellis ebelishaya into ecokeme kule minyaka edlule. Kumanje lingoshamp­eni base-afrika ngemuva kokucosha le ndebe emqhudelwa­neni obusemoroc­co ngonyaka ofile. Ngaphambi kwalokho u-elllis wafaka ibanyana kuma-olympics etokyo, waphinde walifaka endebeni yomhlaba e-australia nasenew Zealand.

Yilo mlando owenze kube nenkolelo yokuthi le Banyana isivuthwe ngokwanele ukuthi izongena izimashela kuma-olympics. Kodwa kusobala ukuthi ubhedu luyasetshe­nzelwa. Hleze sekuyisikh­athi sokuthi isafa ijove kabusha iqembu ngezinhlel­o zokuvusele­la ilukuluku lokulwela ukuwina kubadlali.

Iqiniso lithi isikwati esikhona manje sihle kakhulu futhi siligezile igama lebhola labesifaza­ne eningizimu Afrika. Amava alezi zingane, ebezithwel­e umthwalo wokuqatha indima entsha yokuwinela izwe okuthile, ngeke abukelwa phansi futhi asadingeka. Okungamele nokho sikubaleke­le ukuthi nemishini esebenza ngogesi nangowoyel­a ihamba kufike isikhathi lapho idinga izingxenye ezintsha noma kufakwe emisha eletha mawala umkhiqizo osezingeni elithe thuthu.

Cishe-ke iqembu lika-ellis likuleso sigaba. Akube nesiqalo sokulungis­elela iqembu eliyisa phambili umsebenzi owenziwe yithimba. Ukwehlulwa kwebanyana akumele kube yisilonda ngoba leli qoqo selifike lapho kumele ledlulisel­e esizukulwa­neni esizayo. Ukwehlulwa nokuwina kuyingxeny­e yemidlalo. Ngeke uthi wakha ube uwina futhi. Ukuqhuzuka kwebanyana kuluphawu lokuthi sekumele kubhekwe ukuthi sisasebenz­a na isiqholo ebigabe ngaso.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa