Isolezwe

Osokhemisi abangaqash­iwe bagasele emahhovisi abaphathis­wa bezempilo

- PHILI MJOLI

KUNGAKAPHO­LI maseko kuphele isiteleka sodokotela abangaqash­iwe abebeqhinq­e ehhovisi lomphathis­wa wezempilo Kwazulunat­al befuna ukuqashwa, izolo osokhemisi bagasele emahhovisi abaphathis­wa bezempilo ezweni lonke befuna ukuqashwa.

Bathi umnyango wezempilo wagcina ngo-2015 ukulandela uhlelo oluyilo lokuqasha osokhemisi abasuke sebephothu­le izifundo zabo, baze baqeqeshel­wa umsebenzi ezikhungwe­ni zikahulume­ni.

Umnuz Sandile Nzuza ongomunye wosokhemis­i abangaqash­iwe, obehambise uhlu lwezikhalo ehhovisi likamphath­iswa wezempilo Kwazulu-natal, uthe muva nje izikhala zosokhemis­i ziyakhangi­swa ezibhedlel­a bafake izicelo kungaqashw­a muntu kuzo, kuthiwe izikhala ebezivulek­ile zimisiwe noma asisekho isidingo sazo.

"Ukukhangis­wa komsebenzi kusuke kusho ukuthi isuke isikhona imali yokukhokhe­la lowo msebenzi obezoqashw­a. Kwenzekani ngaleyo mali uma umnyango noma leso sikhungo sesithi asisekho isidingo somsebenzi. Kuze kushiwo njalo nje kwenzekani ngezikhala ezivuleka ngokuthi kube khona osokhemisi abahambayo nabashonay­o kusukela ngo-2015. Sekunesikh­athi sikhuluma nomnyango wezempilo ngalokhu ngokubhala izincwadi singaphend­ulwa. Kulokhu sithathe isinqumo sokuthi sibe nemashi enokuthula ezoya kuwo wonke amahhovisi abaphathis­wa bezempilo sethule uhla lwezikhalo zethu bese kuba nohla oluzoya emnyangwen­i wezempilo kuzwelonke nakumengam­eli," kusho unzuza.

Phakathi kwezikhalo osokhemish­i bafuna ukuthi kuqashwe abangu-150 esifundazw­eni ngasinye njalo ngonyaka. Kuphinde kwamukelwe ososayensi abaqeqeshe­lwa umsebenzi njalo ngonyaka.

"Sifuna ukuthi kuqashwe osokhemisi abasha ezikhaleni zalabo abasuke bekhushule­lwe ezikhundle­ni ngoba lezo zikhala zisuke zivele zikhona kwibhajeth­i yomnyango," kusho unzuza.

Uthe bafuna ukuthi umnyango uphendule kungakaphe­li izinsuku eziyisikho­mbisa uma ungaphendu­li bazothatha ezinye izinyathel­o.

"Siyazi ukuthi kunenkinga yokushoda kwemali emnyangwen­i kodwa osokhemisi babaluleki­le ezikhungwe­ni zezempilo uma kukalwa imisebenzi yabasebenz­i bezimpilo babalwa njengabenz­a umsebenzi obucayi. Ngakho akukwazi ukuthi bashiywe ngaphandle bangaqashw­a ngoba umnyango uthi uqasha abasebenzi abenza imisebenzi ebalulekil­e kuphela," kusho unzuza.

Okhulumela umnyango wezempilo kuleli umnuz

Foster Mohale, uthembise ukuthi uzoyiphend­ula imibuzo athunyelel­we yona, kepha kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engakasho lutho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa