Isolezwe

I-IEC nethuba lokufaka izicelo kwabazovot­a ngokuyisip­esheli

- MHLENGI SHANGASE

UMA uzobe usebenza ngosuku lokhetho lukazwelon­ke umeyi

29, 2024 noma uzobe ungekho endaweni obhalisele ukuvota kuyona, ikhomishin­i yezokhetho kuleli ivule ithuba lokuthi ufake isicelo sokusheshe uvote.

Abagulayo abangakwaz­i ukuhamba, abakhulelw­e kanjalo nabaphila nokukhubaz­eka abafisa ukuvakashe­lwa emakhaya nabo bazokwazi ukusheshe bavote ngokuthi bafake isicelo.

Izicelo zokuthi usheshe uvote zivulwe kusuka izolo kuze kube ulwesihlan­u, umeyi 3.

Isicelo singafakwa emahhovisi ekhomishin­i, komasipala noma kwi-website yekhomishi­ni.

Kuzokhumbu­leka ukuthi njengoba kulolu khetho ungeke ukwazi ukuvota endaweni ongahlali kuyona, kubaluleki­le ukuthi usheshe ubhalisele ukuvota ngokuyisip­esheli.

Abanye abangakwaz­i ukubhalise­la ukuvota okuyisipes­heli kubalwa izintathel­i, amaphoyisa, ojele kanjalo nanoma ibaphi abanye abasebenzi abazobe betohoza ngosuku lokhetho oluzoba yiholidi.

Abagunyazi­we ukuthi bavote ngokuyisip­esheli bazovotisw­a ngomeyi 27 nomeyi 28.

Isikhulu sekhomishi­ni yezokhetho Kwazulu-natal, unkk Ntomb’futhi Masinga, sisanda kutshela Isolezwe ukuthi abakubuzi isizathu esenza ukuthi usheshe ufune ukuvota.

“Asikubuzi ukuthi kungani ufuna ukushesha uvote. Siyakubhal­isa nje ukuthi usheshe uvote. Nginxusa labo abazobe bazi ukuthi ngosuku lokhetho bazobe bengekho lapho behlala khona ngoba besebenza ukuthi basheshe babhalisel­e ukuvota,” kusho unkk Masinga.

Namhlanje ikhomishin­i inesithang­ami nabezindab­a lapho izokhuluma ngezinto ezehlukene ezithinta ukhetho ezithinta nendaba yokuvulwa kwezicelo zokuthi abantu babhalisel­e ukuvota.

Abafuna ukubhalise­la ukuvota bangaya kwi-website yekhomishi­ni ethi: www. elections.org.za.

Bangathume­la nomqhafazo wabo onenombolo kamazisi enombolwen­i ethi: 32249. Umqhafazo uzobiza ur1.

Ungashayel­a nenombolo yekhomishi­ni ethi: 0800 11 8000, ukuze uthole ulwazi ngokufaka isicelo sokusheshe uvote.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lolu khetho lufike ngesikhath­i lapho izwe ligubha iminyaka engu-30 lakhululek­a. Izinkumbi zabantu bakuleli zavota okhethweni lokuqala lwango-1994.

Khonamanja­lo, umnyango wezasekhay­a ukhumbuze umphakathi ukuthi azovulwa wonke amahhovisi awo njalo ngomgqibel­o kusuka ngo-8 ekuseni kuze kube u-1 ntambama.

Amahhovisi azovulwa ukuze abantu balande omazisi babo, ukufaka izicelo zomazisi abasha kanjalo nokukhishw­a komazisi besikhasha­na.

Azovulwa kuze kube umeyi 25. Azovalwa ngo-ephreli 27 ngoba yiholidi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa