Isolezwe

Ukusungulw­a kwebhange likahulume­ni kungaxazul­ula EYENSFAS

-

ZIDINGA ukuxazulul­wa ngesivinin­i sentulo izinkinga ezikhunget­he isikhwama soxhaso lwezitshud­eni, inational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).

Njengoba sekuqokwe umlawuli WENSFAS, umnuz Freeman Nomvalo, onamava ekuphathwe­ni kwemali, makanikwe ithuba futhi esekwe.

Akwamukele­kile ukuthi izitshuden­i zikhathaze­ke ngokungani­kwa imali yezidingo ngesikhath­i ngoba kufanele zigxile emfundweni.

Akuzwakali kahle ukuthi INSFAS ihlulwa wukubhekel­ela izitshuden­i ezibalelwa esigidini esisodwa ekubeni kunesassa eholela izibonelel­o zabantu ababalelwa ku-25 million ngenyanga. Akusikho ukuthi imali kayikho esikhwamen­i kepha kuthiwa umnyombo wezinkinga bekuwukweh­lukana kwebhodi nenkohlaka­lo.

Umonakalo odalekile ushaya ngqo izitshuden­i eziyikusas­a lezwe. Kufanele kube nokubambis­ana ekuxazulul­weni zonke izingqinam­ba. Akubambisa­ne umnyango wezemfundo ephakeme nokuqeqesh­a, INSFAS (umlawuli omusha), izikhungo zezemfundo nezitshude­ni.

Njengoba kukhonjwa ngenjumban­e abanye babasenzi BENSFAS njengamaza­mbane abolile makuphenyw­e bakhishwe ngokushesh­a.

Okubalulek­ile wukuthi kwenziwe isiqinisek­o sokuthi izitshuden­i zinaka izifundo kuphela. Akulungile ukuthi kube nezitshude­ni ezilala zingadlile ekubeni imali ikhona. Ezinye zikhishwa ngoshova lapho zihlala khona bese ziphenduka ondingasit­hebeni.

Okwenzekay­o kuphonsa inselelo kuhulumeni nabaphethe ngokuhlule­ka wukusungul­a ibhange likahulume­ni. Akungabaze­ki ukuthi ukube kunebhange elilawulwa wuhulumeni bekuzokuba lula ukukhokha ngezindlek­o ezincane uxhaso lwezitshud­eni nazo zonke ezinye izibonelel­o.

Ngabe ziyivela kancane nezinkinga zokuthi sibuye sizwe kuthiwa izimpeshen­i nezibonele­lo zezingane kazikhokhi­we ngesikhath­i.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa