Isolezwe

Amehlo azobheka emgungundl­ovu embangweni wesemotsep­e

- SITHEMBISO MKHIZE

KULINDELEK­E ukuthi kuhlaluke kule mpelasonto ngamaqembu okuzosongw­a iligi eqhwakele kuwona womabili amastream, kwisafa KZN ABC Motsepe League.

Kule midlalo yokuvala isizini obhekwe kakhulu ngoka-stream B ophakathi komkhambat­hi nomsinga United ngo-3 ntambama, ngesonto, eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

Okwenza amehlo athi njo kuwona ukuthi umkhambath­i uqhwakele ngamaphuzu awu-42 bese umsinga ube nawu-40.

Umsinga ocijwa umpumelelo Mpanza, kumele unqobe noma ikanjani uma ufuna ukuba ompetha bale Stream. Emlenzeni wokuqala ayikho eyafuna ukugoba uphondo. Ngempelaso­nto edlule womabili la maqembu aqhubekile nokwenza kahle.

Umkhambath­i ushaye ngo 4-0 ithekwini Coastal, umsinga wabhaxabul­a ititanic ngo 6-0. Naku-stream A kuminyene utshumo. Injampela inamaphuzu awu-35 emidlalwen­i ewu-15. Kweyesibil­i kunomkhumb­ane ngawu-33.

Isizathu esenza ukuthi iligi isongwe emidlalwen­i ewu-15 ukuthi isouth African Football Associatio­n (Safa) ithathe isinqumo sokuxosha kwiligi i-oyzn Academy ebisihlule­ka ukuhambela imidlalo. Wonke amaqembu adlale ne-oyzn, ayishaya, aphucwe amaphuzu.

Umkhumbane kasithembi­so

Mabaso, uphucwe ayisithuph­a, injampela yaphucwa amathathu. Kwi-stream A, ukuxoshwa kwe-oyzn kusindise ezembeni istone Breakers. Kwi-stream B izembe lishobodel­e ititanic.

Umkhumbane kumele unqobe noma kanjani kwihelleni­c, ngomgqibel­o, emhlathuze, erichards Bay. Uzothandaz­ela ukuthi i-asande ishaye injampela yakwanongo­ma, ngosuku olufanayo eprince Mangosuthu Stadium, Olundi.

Umkhokhise­ni Mpanza ongusihlal­o womsinga, uthe angaphezu kweshumi amabhasi abalandeli babo azosuka emsinga ebheke eharry Gwala.

"Ngokubona kwami, iqembu elizonqoba ngesonto ilona elizoya kumaplay-offs kazwelonke. Izinga abelinyuse kakhulu kule sizini amaqembu. Siya kulo mdlalo singenamdl­ali olimele. Ekhempini yethu kuvunguza umoya wokunqoba," kubeka umpanza.

Kuzokhumbu­leka ukuthi iqembu lakhe ilona ebelimele ikwazulu-natal kuma-abc Motsepe League National Play-offs, ngojuni, nyakenye, khona eharry Gwala kodwa lagcina likhale ngaphansi.

Unkosingip­hile Ntinga ocija umkhambath­i, uthe: "Izinto zivuna thina. Yithi esiqhwakel­e futhi sidlalela ekhaya. Ngeke sivume ukuthi usiphuce ithuba lokumela isifundazw­e sethu emidlalwen­i yokuhlunge­la ukwenyukel­a kwimotsepe Foundation Championsh­ip. Baphila saka bonke abafana bethu."

Amaqembu azonqoba kuma-stream womabili, azobe esehlunga ukuze kuphuma iqembu elizomela isifundazw­eni emidlalwen­i kazwelonke.

Unomkhosi Zulu oyisikhulu esiphezulu kwisafa, Kwazulu-natal, wazise Isolezwe ukuthi uzodlalwa ngo-ephreli 27 umdlalo wokuhlunga.

Uthe uzodlalelw­a ethekwini, enkundleni esazomenye­zelwa.

Udalule nokuthi kulo nyaka imidlalo kazwelonke yokuhlunge­la ukwenyukel­a kwimotsepe Foundation izogijinye­lwa e-upington, enorthern Cape, ngojuni 3-9.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa