Kuzotshalwa amaphoyisa azoqapha ukhetho EKZN
KUXWAYISWE osikhwili phambana nobhoko Kwazulu-natal njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke ngomeyi 29, ukuthi bazoyikhotha imbenge yomile uma bephambana nemigomo yezokhetho. Lesi sexwayiso sikhishwe yizinhlaka ezehlukene okubalwa izinkantolo, uphiko lwezokushushisa kanjalo nabezomthetho njengoba kuthiwa kuneziteshi zokuvota ezizobe ziqashwe amaphoyisa ngelokhozi.
Umengameli wamajaji ESKZN, ijaji Thoba
Portia Poyo-dlwati, uxwayise abaholi bamaqembu ezombusazwe esifundazweni ukuthi bangangezi amanye amacala njengoba umthwalo wabo uvele unyinyitheka. Uthe bami ngomumo ukubhekana namacala athinta ukhetho.
“Sizimisele ukubhekana ngokushesha nawo wonke amacala athinta ukhetho. Izinkantolo zizobe zimi ngomumo kanti sifuna ukuthi kuphele umeyi noma ujuni sesinqumile saqeda ngamacala azofikela kithina.”
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini obuhlelwe yikhomishini yezokhetho esifundazweni wokusayinwa kwesibopho sokuzibophezela kwamaqembu ezombusazwe ukuthi ukhetho luzoba ngolunokuthula nolukhululekile enkosi Albert Luthuli Convention Centre ethekwini.
Umkhuzi wamaphoyisa EKZN, ult General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe kuzotshalwa amaphoyisa abalelwa ku-17 000 azoqapha ukhetho.
Uthe kumele ngabe babhekana namanye amacala abucayi athinta ukudlwengula nokubulala esifundazweni kodwa kumele bagade abantu okumele ngabe bayakwazi ukuzigada bona.
“Sizochitha ur40 million sitshala amaphoyisa amaningi kangaka. Ngeke sithi nsi, ngalesi sikhathi namaphoyisa awazoya elivini kusuka ngenyanga ezayo kuze kube ujuni. Kunezindawo ezizoqashwa ngelokhozi. Asizodlala kulabo abazophula umthetho, owethu umsebenzi ukuthi sisebenzise umthetho.”
Uthe izikhungo abazoziqapha kakhulu ezalabo abangafuni ukubekezelelana.
“Yinina bosopolitiki enenza kube neziteshi zokuvota ezizoqashwa kakhulu, zithunyelelwe amaphoyisa ngoba anifuni ukubekezelelana. Wonke umuntu akahambe ayovota ngokukhululeka,” kusho umkhwanazi.
Usihlalo wekhomishini yezokhetho umnuz Mosotho Moepya, unxuse osopolitiki ukuthi bashumayele ivangeli lokubekezelelana kumalungu abo. Uthe njengoba betshengisa ukuzwana kulo mcimbi, kumele baqhubeke bazwane.
“Khankasani ngokuthula. Ningaphoqi abantu ukuthi banivotele ngokuthi nibanike izinto ezifana nokudla, izikibha nokunye. Kubalulekile ukuthi nibakhombise ukuthi bayaphambuka uma becabanga ukuthi ngeke kube nokuthula EKZN. Kulabo abazohlulwa, namukele kuthi labo abawinile bangagabisi noma bachome kodwa bafundise abahluliwe ukuthi abavuke bazithathe.”