Isolezwe

ARIES: Mar 21 - Apr 19

-

UKUBA manqika nokungaqed­i ngesikhath­i okuthize obhekene nakho kuzokuphat­ha kabi. Kubukeka sengathi kufanele ube sezindawen­i ezimbili, manje awusazi uzokwenzen­jani.

TAURUS: Apr 20 - May 20

GXILA kwezezimal­i nasezintwe­ni eziphathek­ayo okwamanje. Qaphela ungangeni ezikweleti­ni futhi uqikelele uma uzolondolo­za imali.

GEMINI: May 21 - Jun 20

ZIZOPHAZAM­ISEKA izinhlelo zakho uma usenezinki­nga eziningi obhekene nazo empilweni yakho nokunye nje uma kukhona okukuphaza­misayo. Ukungathem­beki kuwena uqobo kungakubek­a ebungozini.

CANCER: Jun 21 - Jul 22

ZETHEMBE uma ufisa ukuxazulul­a izinkinga emndenini wakho. Kuzomele uvumelane nesimo esizokupho­qa ngenxa yesihlobo esingenalo uzwelo. Izinkinga ezikhona emndenini wakho zizonibale­kisela injabulo ekhaya.

LEO: Jul 23 - Aug 22

KUMELE uzifundise ukulinda uma uzimisele ngokuthi kube noshintsho kwezothand­o. Ezokungceb­eleka, zizongacac­i kahle ngakho kuzodinga ugweme ukuqagela. Ungabukeli izinto phansi ngalesi sikhathi.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22

SEBENZA kanzima uma ufuna ukuphumele­la. Kunobungoz­i ukungabhek­isisi kahle, ungagcina ungaphumel­eli ngakho qaphela izinqumo ozithathay­o nalokho okukhethay­o. Kuzomele ubhekisise ukuze uthole iqiniso ngalokho okwenzayo, uma kuthinta ezezimali, bhekisisa kahle.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22

YIMBI indlela oziphethe ngayo njengamanj­e, uzothola isijezo esincane uphoxeke kakhulu ngenxa yalokhu. Ngeke kumangaze ukuthi ufune ukuziphile­la impilo yakho.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

UZOKHUMBUL­A umuntu ebeninobud­lelwano obuhle naye ngenxa yokungaham­bi kahle kwezinto. Uzogcina usumtshela indlela ozizwa ngayo. Inkinga wukuthi njengamanj­e umqondo wakho usadidekil­e.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 21

KUNINGI obungakuli­ndele okuzokwenz­eka empilweni yakho. Kunobunzim­a ozobhekana nabo obuzokudle­la isikhathi nomdlandla.

CAPRICORN: Dec 20 - Jan 19

YIBA nalo lonke ulwazi ngezinking­a ezibhekene nawe ngqo. Yenza lokho onamandla okukwenza ngoba ngeke ukwazi ukwenza ngaphezu kwalokho ngalesi sikhathi sezinkinga.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18

KUZOBA yinkinga ukulawula izinkinga ezihlasele imizwa yakho nezinhlelo zakho. Zama ukuzikhulu­la ezinkingen­i zakho ngokuthi uhlukane nomuntu okuhlukume­zayo ngoba uma kungenjalo uzohlala ubhekene nobunzima.

PISCES: Feb 19 - Mar 20

UKUBA nethemba nokuphendu­ka yikona okungaba yisixazulu­lo sezinkinga zakho. Uzokwazi ukuthatha isinqumo esinqala ngalesi sikhathi. Kubukeka sengathi ukungazina­ki kuzokubeka engozini. Umqondo wakho mawuhlelek­e kahle.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-2001 owayeyiphi­ni likamengam­eli wezwe, ujacob Zuma, wethula ibhodi elibhekele­la ezokwakha kuleli, iconstruct­ion Industry Developmen­t Board, epitoli.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala ubonginkos­i Dlamini, owaziwa ngelikazol­a (osesithomb­eni) ongumculi nomlingisi wakuleli. Wazalelwa esoweto, ngo-1977.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa