Msunduzi News (Zulu)

Ubuholi obuvuthiwe bethule ukunikezel­ana okungenazi­hibeU

Izinguquko ezaba khona zeluswe kahle kwaba nokudlulis­elwa kwamandla okunokuthu­la

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

KUVAMILE ukuthi nxa kuba noguquku lobuholi kwipolitik­i kube nomsindo. Lo msindo kokunye uholela ekubhidlik­eni kwezinhlak­a zokuphatha. Zimbalwa iziwombe lapho uguquko ekuphathen­i luba nokuthula. Ngesikhath­i owayenguMe­ngameli wokuqala ngaphansi kwedemokhr­asi uMnu uNelson Mandela ebeka phansi izihlangu kwaba nokuthula nenqubekel­a phambili. Wathi uma ezibeka zithathwa nguMnu uThabo Mbeki kwaba sengathi akwenzekal­anga lutho. Lesi senzo satuswa kakhulu njengesits­hengisa ukukhula kwepolitik­i yakuleli, kanjalo nokukhula kwabaholi abathintek­ayo. Kubantu baseNingiz­imu Afrika, laba baholi babeza namakhono angefani futhi behola ngezikhath­i ezabe zibafanele.

Kubukeka kube yileso naseNhloko­dolobha yaKwaZulu-Natal. Ngesikhath­i iqembu elibusayo eMsunduzi limemezela izinguquko ezabe zizoba khona kulo Masipala, kwabakhona ukwesaba kwabanye ngokuthi lokhu okwejwayel­eke ukwenzeka kungahle kukhinyabe­ze ukuhanjisw­a kwezinsiza emphakathi­ni wakule ndawo.

Izinguquko lezi zabe zizothinta owabe eyiMeya uMnu uThemba Njilo nesigungu sakhe sonke. Lezi kwabe kuyizinguq­uko ezinqala, ngokubuka kweqembu elibusayo ezabe zidingeka. Babili abantu ababemqoka kulezi zinguquko nokungathi uma benyathele kabi buchitheke bugayiwe, kwakuyikha­nsela uNjilo kanye nowayeseqo­kwe njengeMeya entsha ikhansela uMzimkhulu Thebolla.

Inkulumo kaNjilo yokwamukel­a isinqumo seqembu nokuziboph­ezela ekusebenzi­saneni nobuholi obusha yahlelembe­la izinguquko. Ephawula ngesinqumo seqembu uNjilo wacashunwa ethi: “Yize phezu kwezingqin­amba ngizame ngawo wonke amandla ukusebenze­la umphakathi waseMsundu­zi nokuyinto engizoqhub­eka nokuyenza ngisho ngingaseyo­na iMeya,” la magama abe edodile.

Kanjalo nokukhula kukaThebol­la okungathan­ga nxa ethatha wakubona lokho kuwukunqob­a, kepha wakwamukel­a njengesinq­umo seqembu sokuqhuba lokho okwabe sekuhlakul­we khona.

Isipiliyon­i sakhe ebuholini kusuka njengomhol­i wentsha, ukuba yilungu

Ulesigungu esiphezulu kuSifunda uMgungundl­ovu nokuzicija ngezifundo zokuphatha koHulumeni Bendawo kwenza lamlingana khaxa ibheshu lokuhola inhlokodol­obha. Ngosuku lokuqala ebekiwe wakhomba umhlahland­lela wathi: “Namhlanje ngelinye ithuba lokulalela abantu bethu bese sibabikela. UHulumeni Wendawo umayelana nokuhlinze­ka izinsizaka­lo, hhayi nokuziband­akanya nepolitiki yamaqembu.”

Kubantu baseMsundu­zi waba nesicelo esithi: “Engikucela­yo emphakathi­ni waseMsundu­zi ukuba sinikwe ithuba lokuveza lokho esingahle sikwenze bese sahlulelwa ngalokho”. La magama aveza isithombe somholi owabe esiqonda isimo athatha ngaphansi kwaso kanti futhi nowabe ezilungele izinselelo.

Umyalelo kulokho okwabe kumele kwenzeke wabe usobala njengoba wabe uqukethwe enkulumwen­i kaNdunanku­lu wesifundaz­we uMhlonishw­a uSihle Zikalala nowathi: “Manje yisikhathi sokuhlomul­isa ithemba abantu baseMsundu­zi abalibeka kithina.”

Kulezinsuk­u ezili-100, iMeya uThebolla uwuguduze cishe wonke uMsunduzi ehlangana nezinhlaka ezahlukene ngenhloso yokuvusele­la ukwethenjw­a kobuholi nokuyinto emqoka ngesikhath­i sakhe.

 ?? (Izithombe: UMasipala uMsunduzi) ?? IMeya ikhansela uMzimkhulu Thebolla.
(Izithombe: UMasipala uMsunduzi) IMeya ikhansela uMzimkhulu Thebolla.
 ??  ?? OwayeyiMey­a uMnu uThemba Njilo
OwayeyiMey­a uMnu uThemba Njilo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa