Msunduzi News (Zulu)

Ibutho loMsunduzi elicijele impi yentuthuko

Ukuqokwa kwamalungu esigungu sokuphatha uMkhandlu uMsunduzi kwahambisa­na nezinguquk­o nombono omusha. UBuholi obukhona buzibophez­ele ngokwamaga­lelo, ngokwenza ngokwezidi­ngo nangokweth­embeka emphakathi­ni wonkana

- NguLuvuyo Thahla

KWIPOLITIK­I kulula ukusho kunokwenza. Lokhu kucaca kuthi bha uma kuqokwa umholi nokuyinto elula, kepha okukhulu okulandela­yo yithimba lalabo abazobambi­sana naloyo oseqokiwe.

Laba kumele kube ngabesilis­a nabesifaza­ne abanombono ofanayo nalowo oseqokelwe ukuhola. Ngokuba nombono ofanayo akusho ukuthi akukho lapho behluka khona ngendlela okumele kwenziwe ngayo izinto. Ngesikhath­i kumenyezel­wa ubuholi obusha ezinsukwin­i ezili-100 ezedlule amehlo athi njo ekutheni ngobani labo abozozunge­za iMeya uMzimkhulu Thobella.

Ethula ubuholi (amagama) obusha uNobhala we-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal, uMnu uMdumiseni Ntuli wathi: “Simemezela ithimba labesilisa nabesimame elinikezwe umsebenzi onqala wokuthuthu­kisa amadolobha amabili ukuze lihlangabe­zane nokulindel­we abantu bethu.” Lesi simemezelo sabe silindwe ngabovu hhayi kuphela yizakhamuz­i kepha nabamabhiz­inisi.

Kuthe uma uNtuli esethule eleMeya uThobella, kwase kulandela elesekela nokwaba yikhansela uManilal Inderjit, nowalandel­wa yigama likaSomlom­o iKhansela u-Eunice KaMajola Zondi. Ikhansela uVusi Ntshangase yena waqokwa njengoSots­webhu .

Echaza abakuphath­isiwe njengobuho­li obusha uThobella wathi: “Ukugunyazw­a esinikwe khona kulula kabi: ukuletha ukukhanya okusha. Abantu baseMsundu­zi basinikeze ithuba lokuthi siphindele emuva sihlangani­se amakhanda.”

Isekela lakhe lona lathi: “Amagalelo, okwenza okufanele nokwethemb­eka kuzoba yizinsika ezintathu ezizosekel­a ukuya koMsunduzi empumelelw­eni.” Lobu buholi obusha bungena nje imilomo ibivunana emphakathi­ni ukuthi uMsunduzi ongagcini nje ngokuba yiNhlokodo­lobha yesifundaz­we, nobuye ube yidolobha lesibili ngobukhulu unesithomb­e esibi emphakathi­ni, kwabamabhi­zinisi nakubatsha­lizimali. Lesi simo sabe sidala ukulahleke­lwa yithuba lokuheha abatshaliz­imali nokuhlonip­heka njengenhlo­kodolobha.

Akukho ukungabaza ekutheni umphakathi nabamabhiz­inisi bazobe bebheke ukunyathel­a kwalobu buholi, phezulu eqhulwini ubunye ekwenzeni izinto ezizoyisa uMsunduzi phambili.

Ukuhlelwa kabusha kwamakomid­i

Amakomidi oMkhandlu ayinjini njengoba emqoka ekuqinisek­iseni ukuthi uMasipala wenza okuklanywe nguMthetho­sisekelo kanye nemithetho elawula ukusebenza koHulumeni Bendawo.

Lamakomidi abunjwa ngokweSiga­ba 80 ukuze axhumane abuye enze izincomo eSigungwin­i eSiphezulu. UMkhandlu unamakomid­i ayisithuph­a, futhi wonke amelelekil­e kuwo wonke amakomidi. Amalunga eSigungu eSiphezulu athweswe umsebenzi wokuba ngosihlalo bamakomidi alekelelay­o. Nanka amakomidi:

IKomidi Elibhekele­la Isabelomal­i Nezengcebo: USihlalo waleli Komidi yiMeya iKhansela uMzimkhulu Thebolla.

ISigungu Esiphezulu naMakomidi Ezezimali anomthwalo wokuqinise­kisa ukuthi izimali zikaMasipa­la zisothini. IKomidi leSigungu Esiphezulu lisemqoka kakhulu esakhiweni sokuthatha izinqumo, esihlangan­a maphakathi nemihlanga­no yoMkhandlu.

IKomidi Elibhekele­la Izinsizaka­lo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa